Ilanga Lempelasonto

Umqeqeshi nesexwayis­o esimqoka kwisafa

Kunomdlali ozalelwe kuleli okumele akhethe phakathi kwebafana nenigeria

- IMIBIKO NGU: SENZO SOKHELA Eseparktow­n, egauteng

UTHUMELE isexwayiso enhlanganw­eni eyengamele ibhola kuleli isouth African Football Associatio­n (Safa) ngomdlali wabo osemncane umqeqeshi wesuperspo­rt United.

Isuperspor­t izobhekana nerichards Bay FC kowelast 16 yenedbank Cup namuhla ngomgqibel­o ngo-15h00 eking Zwelithini Stadium, emlazi.

U-ime Okon (20) odlala emuva kwisupersp­ort, ubhekene nengwadla njengoba kufanele akhethe ukuthi ufisa ukudlalela iqembu lesizwe lakuleli ibafana Bafana noma isuper Eagles yasenigeri­a njengoba enelungelo lokukhetha izwe elilodwa kuwona angalidlal­ela.

Uzalelwe kuleli kodwa uyise ungowaseni­geria. Useke wabizelwa kwibafana kodwa akakaze adlale.

U-andre Arendse ongumsizi womqeqeshi kwisupersp­ort, uthumele isexwayiso kwisafa ngodaba lwalo mdlali.

“Kuzofanele iqaphele isafa ukuthi kasilahlek­elwa ngumdlali oseqophelw­eni eliphezulu njengaye. Ngidlalile mina nezitobha eziseqophe­lweni eliphezulu, ngiyayazi into engikhulum­a ngayo ngoba lo mfana ngisebenza naye imihla namalanga,” kusho u-arendse.

Uthi umdlalo wabo nerichards Bay uzokuba muhle ngendlela eyisimanga.

“Okuhle wukuthi siseyingxe­nye yalo mqhudelwan­o. Lo mdlalo uzokuba nzima ngoba sidlalile nabo ngozibandl­ela (December) basehlula yize besingasap­helele. Nakhona kodwa kangikholw­a ukuthi ukuba besiphelel­e besizobehl­ula.

“Iyangimang­aza indaba yerichards Bay, indlela edlala kahle ngayo ngiyazibuz­a ukuthi kungani ibalwa namakilabh­u angase agencwe yizembe.

“Inabalande­li abayifuqay­o, uma uhleli ebhentshin­i ubezwa kahle befaka umfutho kubadlali bayo. Kodwa-ke kulo mdlalo siyozinaka thina, siyokwenza esikwaziyo hhayi okunye,” kusho u-arendse.

 ?? ??
 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-ANDRE Arendse (ongezansi) oyiphini lomqeqeshi wesuperspo­rt United uxwayisa isafa ngomdlali wale kilabhu u-ime Okon obonakala evikela ibhola kusimphiwe Mahlangu wets Galaxy - ukuba basheshe bamsebenzi­se kwibafana Bafana angaze athathwe yinigeria.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-ANDRE Arendse (ongezansi) oyiphini lomqeqeshi wesuperspo­rt United uxwayisa isafa ngomdlali wale kilabhu u-ime Okon obonakala evikela ibhola kusimphiwe Mahlangu wets Galaxy - ukuba basheshe bamsebenzi­se kwibafana Bafana angaze athathwe yinigeria.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa