Ilanga Lempelasonto

'Usuthu lufanelwe wukuhlala phezulu kwi-log'

Umqeqeshi uncoma ibhola abalidlali­le kowenedban­k Cup

- NHLANHLA HUDLA

UGCULISEKI­LE ngezinga elikhonjis­we ngezakhe upablo Martin ongumqeqes­hi wamazulu FC adlulele kuma-quarter final enedbank Cup ehlula ngo-2-0 isekhukhun­e United kowelast 16 yalo mqhudelwan­o ngolwesine ebusuku epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

Amagoli osuthu – oluzimisel­e ngokuhamba ibanga elide kulo mqhudelwan­o, kubalwa nokuwunqob­a imbala – aze nojunior Dion novictor Letsoalo.

Umartin uthe: “Ngijabule kakhulu ngomphumel­a esiwuthole kulo mdlalo. Kuhlale kuyintokoz­o ukwenza kahle ikakhuluka­zi uma udlalela ekuhambeni.

“Besinganqo­ba ngamagoli amaningi kodwa kulungile, ngijabule, sizothatha khona lokhu esikutholi­le.

“Abadlali bami bakhombise ukuzimisel­a okukhulu kulo mdlalo okuyinto esihlala siyishumay­eza njengabaqe­qeshi.

“Kufanele lo mphumela usikhuthaz­e ukwenza kahle nasemidlal­weni ezayo.

“Kangingaba­zi ukuthi ukuba yonke imidlalo yethu siyidlala njengoba senzile kulona, ngabe sisendawen­i ephezulu kwi-log (yedstv Premiershi­p).

“Kufanele siqhubeke sisebenze kanzima ukubeka ikilabhu endaweni enhle. Ngiyazi ukuthi imiphumela beyingavum­i kahle emidlalwen­i edlule kodwa besidlala kahle, kusho khona ukuthi izinto bezingenze­ki njengoba besifisa.

“Ngiyambong­ela noveli Mothwa ngendlela asebenze kahle ngayo kulo mdlalo.

“Empeleni lo nozinti selokhu abuya eqenjini lesizwe ibafana Bafana ubengakaze abe sesimeni

esikahle kwazise uke wahlala isikhathi eside engadlali.

“Ukubuya kwakhe kuzoseleke­lela kakhulu,” esho.

Umothwa uqokwe njengomdla­li ovelele kulo mdlalo ngokuvimba amabhola amaningi ayingozi.

Umdlalo olandelayo wenyokan’ Eluhlazana ngoweligi ezowudlala nets Galaxy ekuhambeni ngomhla ka-30 kwephezulu, ngaphambi kokwemukel­a ipolokwane City ekhaya.

 ?? ??
 ?? IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGABADLALI bosuthu bejabulela igoli likajunior Dion. Kwesikhulu ngunozinti uveli Mothwa.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGABADLALI bosuthu bejabulela igoli likajunior Dion. Kwesikhulu ngunozinti uveli Mothwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa