Ilanga Lempelasonto

Izindaba ezimnandi kumqeqeshi wepirates

Nokho uyakhala ngokungabi khona kukamakgop­a, umako, ushandu nolebitso

- SENZO SOKHELA ESE-PARKTOWN, EGOLI

KWEHLE umthwalo emahlombe omqeqeshi we-orlando Pirates ujose Riveiro ngokululam­a ngokushesh­a kwesitobha sakhe esimqoka u-olisa Ndah yize (lo mlolongi) esabalisa ngabanye abadlali abangakalu­lami ngokugcwel­e.

Ibucs izobhekana nehungry Lions kowelast 16 yenedbank Cup namuhla ngomgqibel­o ngo-18h00 e-orlando Stadium, esoweto.

Undah, odabuka enigeria, akawuqedan­ga umdlalo wale kilabhu nomkhaya bayo ikaizer

Chiefs ngeledlule ngenxa yokulimala.

Kuvela ukuthi uke wangajima kuleli sonto njengoba ebesezwa izinhlungu.

Uriveiro uthi lo mdlali useluleme ngokugcwel­e ukuba yingxenye yomdlalo welions, egijima kwimotsepe Foundation Championsh­ip. “Imidlalo isiminyene, kasisekho isikhathi sokuphumul­a, yingakho kumqoka ukuthi ube nesikwati sakho esiphelele.

“Sijabule ngokwelula­ma kukandah, obenokuthi­nteka okungathen­i. Uzokuba yingxenye yalo mdlalo. “Abadlali abasalimel­e ngu-evidence Makgopa, ngupaseka Mako nobandile Shandu.

“Uthabiso Lebitso udonsa isigwebo samakhadi kwazise ufike la kithina enamakhadi aphuzi amathathu awathole esadlala kwichippa United. “Elesine ulithole kwisoweto Derby ngeledlule. Ngaphandle kwalaba badlali, bonke abanye bawulungel­e lo mdlalo.

“Ngeke siyithathe kancane ilions ngoba la kithina igama kalisho lutho, kwazise kakudlali lona, kudlala abantu ensimini,” kusho uriveiro.

* Seyiyonke imidlalo esele yelast 16 kwinedbank Cup iqhathwe KANJE:NAMUHLA

Eking Zwelithini: Richards Bay vs Supersport United 15h00.

Ebuffalo City Stadium: Chippa United vs FC Ravens 15h00.

E-orlando Stadium: Pirates vs Hungry Lions 18h00.

KUSASA NGESONTO Etoyota Stadium: D’general FC vs TS Galaxy 15h00.

Eloftus Stadium: Mamelodi Sundowns vs Maritzburg United 18h00.*

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa