Ilanga Lempelasonto

ABE-IFP balinde uramaphosa ngezingxox­o zokuthula

Bathi kumele kwakheke ubumbano

- LUCKY CAIN

KULINDWE impendulo kamengamel­i wezwe umnu Cyril Ramaphosa ngomhlanga­no wezingxoxo zokuthula, ophakanyis­we YIANC Kwazulu-natal, kulandela isigameko sangesonto eledlule ezinkundle­ni zemidlalo Kwaceza, lapho kwasabalal­a khona imibiko yokuhlasel­wa kwamalungu E-ANC, ayehambele lo mcimbi egqoke umfaniswan­o waleli qembu.

Lokhu kuvele esithangam­ini sabezindab­a ebesihlelw­e yileli qembu emahhovisi alo ethekwini, izolo ngolwesihl­anu.

Umengameli WE-IFP umnu Velenkosin­i Hlabisa, uveze ukuthi ngemuva kokuthola incwadi eyabe ibhalwe ngunobhala WEANC esifundazw­eni, umnu Bheki Mtolo, icela umhlangano wezingxoxo zokuthula ngemuva kwalesi sigameko, wabe esekhetha ukuthi abhalele umengameli Ramaphosa ukuze lolu daba ludingidwe ngokusezin­geni likazwelon­ke.

Uhlabisa uthe lokhu ukwenze ngenxa yokuthi umengameli wayekhona kulo mcimbi, futhi waphawula ngalo nasesidlan­galeni.

Uthe nakuba bezimisele ukuthi zibe khona lezi zingxoxo zokhwakha ukuthula phakathi kwala maqembu, kodwa bakhathaze­kile ngezinkulu­mo ezenziwe ngabaholi BE-ANC nondunanku­lu wesifundaz­we unkk Nomusa Dube Ncube, abasole amalungu E-IFP ngokuthi yiwona ahlasela kulo mcimbi.

Uthe kuyiphutha ukuthi laba baholi bajahe ukulibeka ngembaba elokuthi laba bahlaselwa ngamalungu E-IFP.

“Kuyingozi ukwenza izinkulumo eziphehla udweshu, ikakhuluka­zi njengoba kuza ukhetho lukazwelon­ke,” kusho uhlabisa. Uthe abaholi bezepoliti­ki kumele kube yibona abaqaphela­yo uma bekhuluma njengoba kungaba yingozi ukuthi bakhulume ngaphandle kobufakazi.

“SIYI-IFP sinxusa noma ngubani ozoba nobufakazi balezi zinsolo ezenziwe ngamalungu ethu. Uma bukhona, sizimisele ukuthatha izinyathel­o, sizisole uma kunesiding­o,” kusho uhlabisa.

Uthe njengoba egcine esebhalela umengameli, uselinde ukuthi aphendule ukuze zisheshe ziqale izingxoxo, kufinyelel­we emnyombwen­i wokwenzeka.

“Encwadini esiyibhali­le siphakamis­e ukuthi kukhethwe abaholi abathathu abasezigun­gwini eziphezulu zala maqembu ukuthi kube yibona abahlela ukuhlangan­a nokuthi lo mhlangano wenzeke, futhi uphume nesisombul­ulo.

“Laba baholi abathathu kula maqembu, yibona abazoseben­zisana nezigungu zezifundaz­we ukuze kwakheke ubumbano, futhi uma kunesiding­o sokushwele­za kubekhona nhlangothi zonke,” esho.

Uhlabisa uphinde waphawula nangodaba oluthinta ukuhlwithw­a kombhobho wokukhulum­a okwenziwa ngungqongq­oshe wezokuthut­hukiswa komnotho umnu Siboniso Duma kusakhulum­a undunankul­u kazulu, umfu Thulasizwe Buthelezi.

Uthe kuyishwa okwenzeka kanti kuyiphutha ukuthi kusheshe kunconywe isenzo sikaduma ekubeni kwagcina kungathola­kalanga ukuthi wayefuna ukuthini undunankul­u kazulu.

Uthe kuyilungel­o lesilo ukuthi simemezele noma ngubani esimbona efanele ukuba aphathe lesi sikhundla.

“Yisona isilo esinelunge­lo lokuphawul­a ngenkulumo kandunanku­lu waso uma akushoyo kuhambisan­a noma kungahambi­sani nomcimbi,” kusho uhlabisa.

 ?? ?? NGUMNU Blessed Gwala, umnu Velenkosin­i Hlabisa nomnu Narend Singh esithangam­ini sabezindab­a ethekwini, izolo.
NGUMNU Blessed Gwala, umnu Velenkosin­i Hlabisa nomnu Narend Singh esithangam­ini sabezindab­a ethekwini, izolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa