Ilanga Lempelasonto

KUKHUTHAZW­E UBUMBANO KWABEZEPOL­ITIKI

- PHUMLANI GAMA

AVUMELANE ngezwi elilodwa lokuziphat­ha kahle nokuqinise­kisa ukuthi akukho ukuklwebha­na emalungwin­i awo amaqembu ezombusazw­e abeyingxen­ye yokwakhiwa kwesivumel­wano sokubamba ukhetho olukhulule­kile futhi olunokuthu­la.

Abaholi bamaqembu ahlukene okubalwa kuwona I-ANC, I-IFP, i-actionsa, INFP, IDA, IMK Party, I-EFF NENAPF abehlangan­ele ehholo lomphakath­i elibude buduze nedolobha lakwanongo­ma izolo ngolwesihl­anu.

Lo mhlangano ubuhlelwe ngokubambi­sana kwabaholi bemikhakha eyehlukene, okubalwa kubona ukhomishan­a wamaphoyis­a Kwazulu-natal, ult General Nhlanhla Mkhwanazi, ungqongqos­he wezokuphep­ha, ezokuthuth­a nokuxhunya­niswa komphakath­i Kwazulu-natal, umnu Sipho Hlomuka nosihlalo wendlu yamakhosi inkosi Sifisomand­elu Shinga.

Ethula inkulumo kulo mhlangano ult-gen Mkhwanazi uthe, amaphoyisa abekelwe ukuqinisek­isa ukuthi kabekho abantu abaphazami­sa amalungelo abanye uma bekhankasa.

“Sizokwakha isivumelwa­no sokusebenz­isana kahle futhi kubanjwe ukhetho olunokuthu­la. Sizonxusa amaqembu ukuba kube nokubekeze­lelana uma kukhankasw­a, kungabikho izigameko zodlame. “Kuyilungel­o lawo wonke umuntu ukuthi azikhethel­e inhlangano yezombusaz­we afuna ukuhambisa­na nayo, futhi unelungelo lokukhanka­sa abanye abantu ukuba bajoyine iqembu lakhe.

“Umthethosi­sekelo unikeza wonke umuntu ilungelo lokwenza noma yini evumelana nenhliziyo yakhe, kodwa inqobo nje uma lingaphaza­misi abanye abantu. “Thina njengamaph­oyisa sinomseben­zi esiwunikwe wumthethos­isekelo wezwe wokuba siqiniseki­se ukuthi amalungelo ezakhamizi zakuleli avikelekil­e,” kusho ult Gen Mkhwanazi.

Sekusele izinsuku eziwu8 4 elakuleli libambe ukhetho lukazwelon­ke nolwezifun­dazwe. Lolu khetho luzobanjwa mhla ka-29 kunhlaba (May) kophezulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa