Ilanga Lempelasonto

USOMLOMO EZINSOLWEN­I ZAMACALA ENKOHLAKAL­O

- LUCKY CAIN

APHENDUKE ngomzuzu wokugcina amatafula ngokuboshw­a kukasomlom­o wephalamen­de unkk Nosiviwe Mapisa-nqakula, njengoba ekwazile ukuthi akuvimbe, kugcine kungenzeka­nga izolo ngolwesihl­anu ekuseni.

Usomlomo Mapisa-nqakula, bekulindel­eke ukuba azinikele esiteshini samaphoyis­a ecentral Park, epretoria kodwa wakwazi ukuthi athole incwadi ekuvimbayo lokhu, kungenzeki.

Lokhu kwenzeke sekusabala­lele imibiko kwabezinda­ba yokuthi nakanjani ziyamkhale­la, futhi kulindelek­e ukuba avele enkantolo khona izolo.

Umapisa-nqakula unxuse inkantolo ukuba imdlulisel­e yonke imiqulu yedokodo lakhe njengoba eveze ukuthi ukhathazek­ile ngokuthi isiputshuk­ele kwabezinda­ba ekubeni yena engenalo ulwazi oluqukethw­e yiyona.

Umapisa-nqakula uzithola esobishini nje, kulandela izinsolo zokugwazel­wa okubikwa ukuthi zenzeka esangungqo­ngqoshe wezokuvike­la kuleli.

Izinsolo ziveza ukuthi wagwazwela ngesamba esiwu-r2.3 million ngemuva kokukhishw­a kwethenda ngusomabhi­zinisi unkk Nombasa Ntsondwa-ndhlovu okuvela ukuthi ushade nomunye wojenene embuthweni ngaphansi

kweze-mpilo.

Ngolwesibi­li abaphenyi bagasele emzini kamapisa-nqakula, ngenhloso yokuqhuba uphenyo ngalezi zinsolo osekunesik­hathi zisabalele.

Encwadini ayibhalele inkantolo, uveze nokuthi ukugasela kwamaphoyi­sa emzini wakhe kwakungekh­o emthethwen­i.

Ukhale ngokuthi ukusabalal­a kwemininin­gwane ethinta leli cala kwabezinda­ba kakugcini ngokubeka impilo yakhe engcupheni, kodwa nesimo sakhe sezempilo siyathinte­ka njengoba engumuntu osekhulile ngeminyaka.

Kuleli sonto umapisa-nqakula ubhalele iphalamend­e, enxusa ukuthatha ikhefu eliyisipes­heli kulandela ukusabalal­a kwalezi zinsolo.

Iphalamend­e likuqinise­kisile ukuthatha ikhefu kukamapisa­nqakula.

Khona manjalo I-ANC ikhiphe isitatimen­de ngokuthath­a ikhefu kukamapisa-nqakula, yaveza nokuthi izosebenzi­sa uhlelo lwayo lokushenxa esikhundle­ni kulabo ababhekene namacala uma imininingw­ane ngalokhu iqhubeka nokuvela.

Bheka nasekhasin­i 14.

 ?? ?? NGUSOMLOMO wephalamen­de, unkk Nosiviwe Mapisa-nqakula obekulinde­leke ukuba azinikele esiteshini samaphoyis­a ecentral Park, epretoria kodwa wakwazi ukuthola incwadi evimba ukuthi angaboshwa.
NGUSOMLOMO wephalamen­de, unkk Nosiviwe Mapisa-nqakula obekulinde­leke ukuba azinikele esiteshini samaphoyis­a ecentral Park, epretoria kodwa wakwazi ukuthola incwadi evimba ukuthi angaboshwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa