Ilanga Lempelasonto

ISILO SIGXEKA ISENZO SOMHOLI WE-ANC

- INTATHELI YELANGA LEMPELASON­TO

ISILO umisuzulu kazwezilit­hini sigxeke isenzo sikangqong­qoshe wezokuthut­hukiswa komnotho Kwazulu-natal, umnu Siboniso Duma, sokuhlwith­a umbhobho wokukhulum­a undunankul­u kazulu, umfu Thulasizwe Buthelezi.

Ngokubika kwetimesli­ve, isilo sichaze lesi senzo esisemathe­ni, esenzeka ezinkundle­ni zemidlalo kwaceza, njengesing­alungile, esiphehla udlame futhi esingakhom­bisi ubu-afrika.

Kuthiwa ihhovisi lesilo liveze ukuthi ngokwesint­u, kuwukuhluk­umeza ukuvimba umuntu ukuba akhulume noma aveze umbono wakhe nganoma yiyiphi indlela.

Sekuyindab­a esegudwini ukuthi ngeledlule, emcimbini wokukhumbu­la iminyaka ewu-110 kwakhotham­a isilo udinizulu kacetshway­o, kwabonakal­a uduma ehlwitha umbhobho kumfu Buthelezi, esakhuluma ngenhloso yokwethula isilo ukuze sikhulume nezicukuth­wane namalungu omphakathi ayehambele lo mcimbi.

Lesi sigameko sasusa umsindo njengoba kwaba nokusolana ngendlela uduma aziphatha ngayo, abanye basola ubuthelezi ngokufaka ipolitiki enkulumwen­i yakhe yokwethula isilo.

Kuleli sonto I-ANC imemezele ukuthi uduma uxolisile esilweni nakumengam­eli Cyril Ramaphosa, ababekhona kulo mcimbi.

Iveze nokuthi nakuba uduma exolisile kulaba baholi, kodwa ngeke axolise kubuthelez­i njengoba I-ANC imsola ngokuthi ubezama ukuziqoqel­a amaphuzu ngokuyihla­sela, esebenzisa isikhundla sakhe njengondun­ankulu kazulu.

Kubikwa ukuthi isilo siqoke ikomidi lamalungu ayishumi lamakhosi nabasendlu­nkulu ukuba lisingathe lolu daba, liphinde lixhumane nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo, bese liseluleka ngokuzomel­e kwenzeke kuya phambili ngalolu daba.

Siphinde sakuhlaba okushiwo YI-ANC kokuthi isikhundla sikandunan­kulu kazulu kasikho emthethwen­i ngokukahul­umeni, njengoba singashici­lelwe kumthethos­isekelo.

Ngokombiko wetimesliv­e, kuvele ukuthi ngokwasebu­khosini bakwazulu, undunankul­u nguyena umkhuzi wamabutho, futhi okhulumela isilo ngokusemth­ethweni, ngakho kuwumseben­zi wakhe ukwethula isilo kubantu ngaphambi kokuthi sethule inkulumo yaso.

Kubikwa nokuthi isilo siphinde sancoma indlela undunankul­u waso azehlise ngayo, nokuziphat­ha ngesizotha ngesikhath­i kuqhubeka lesi sigameko.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa