Ilanga Lempelasonto

Kushikisha ufudu ngamavoti kokamaskan­di

- MTHOBISI SITHOLE

UDIDIYELE izinhlobo zomculo wesintu ezahlukene umcimbi wemother of All Maskandi Festival. Lokhu kugqame ngokunikez­wa ithuba komculo wombhaqang­a nowesicath­amiya ngesikhath­i kumenywa abaculi abangesiyo­na ingxenye yomncintis­wano kodwa abazoshiye­lana inkundla nabaqhudel­anayo mhla ka-6 kumbasa (April), epeople’s Park, emoses Mabhida, ethekwini.

Phakathi kwabaculi abamenyiwe, kubalwa izulu Messengers (isicathami­ya), ubonani Mhlongo (umbhaqanga), ukhuzani, igcokama Elisha, ujumbo (wegospel), Izingane Zoma, osukasambe, uvumile Mngoma, ubingelela Mpanza (osesithomb­eni) nezintombi zikamjapha­ne.

Umgqugquze­li walo mcimbi umnu Eric Ngobe, uthi obekubalul­ekile ngesikhath­i kumenywa laba baculi, wukuthi abathandi bomculo wesintu bazizwe bemukeleki­le ngayo yonke indlela.

Uthi kwandiswe kakhulu abesifazan­e ngoba bona kabasiyona ingxenye yokuqhudel­ana kulo mncintiswa­no okubekwe kuwona isiteki semoto iquantum.

“Ngonyaka ozayo abaculi besifazane bazokwenze­lwa uhlelo lwabo lokuqhudel­ana. Sikwenze konke okusemandl­eni ngokuthi indlela esimema ngayo laba baculi, kumeleleke abantu abaningi,” kusho ungobe.

Uthi uhlu lwamavoti abaculi luvezwa okokugcina namhlanje, ukuvota kuzovalwa mhla ka-29 kwephezulu, kodwa umculi odle umhlangani­so, useyomenye­zelwa ngosuku lomcimbi epeople’s Park.

“Ukuvala uhlelo lokuveza amavoti, akuchazi ukuthi usuvaliwe ulayini wokuvota. Lokhu kusho ukuthi zizodudula­na ngobumnyam­a kuze kube ulwesihlan­u mhla ka-29,” esho.

Mhla ka-30 kuzomenyez­elwa uhlu lokugcina lwabaculi abawu-30 abafike esigabeni sowamanqam­u, abakwazile ukungena kwesokunan­disa kulo mcimbi ngenxa yamavoti abo.

Amathikith­i alo mcimbi aseyathola­kala ezitolo zakwaspar naseticket­s Pro ngo-r100, awezicukut­hwane abiza u-r1 200, kanti itafula lama-vvip libiza u-r15 000. Thumela igama lomculi omvotelayo

1. Gatsheni - 108589

2. Solwazi - 38526

3. Tornado - 21297

4. Zinjaziyam­luma - 20653

5. Amawele kamamtshaw­e - 18294

6. Amageza Amahle - 13362

7. Imfezemnya­ma - 10742

8. Somatekisi - 9528

9. Amavikelam­buso - 9262

10. Menzi - 8349

11. Buhubhe - 7544

12. Thubhobho - 7241

13. Dumakahle - 5922

14. Thandazani - 4703

15. Qalindaba - 4875

16. Insingizem­nyama - 4218

17. Ezechalaha - 4141

18. Ezikamajot­ha - 4044

19. Mafakhiza - 4023

20. Qhosha - 4006

21. Selula - 3932

22. Smirnoff - 3899

23. Amadodana Entandane - 3725

24. Amasoka Amahle - 3717

25. Ithwasa Lekhansela - 3637

26. King Nuba - 3557

27. Inkosi Yamagcokam­a -3488

28. Skhala Nene - 3344

29. Skhenqe -3241

30. Bhasini Lamula -3194

 ?? ?? ku: 44893.
Uhlu lwabaculi ngokukelis­wa kwamavoti akuleli sonto, lumi kanje:
ku: 44893. Uhlu lwabaculi ngokukelis­wa kwamavoti akuleli sonto, lumi kanje:

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa