UKHALISANE NABAZALI ABASHONELWE YIZINGANE UNINA KA-AKA
UKHULUME okokuqala ngemuva kokuboshwa kwabasolwa ngokubulala indodana yakhe, unina kakiernan “AKA” Forbes, ekhalisana nabazali abashonelwa yizingane.
Enyangeni edlule kuboshwe abesilisa abayisikhombisa abasolwa ngokubulala lo mculi we-hip Hop, obengaconsi kubalandeli bakhe.
Udaba lokubulawa kuka-aka, lube sematheni kakhulu, lapho adutshulwa wabulawa nomngane wakhe, utebello ‘Tibz’ Motshoane, bengaphandle kwendawo yokudla iwish, esemgwaqweni odumile ethekwini, uflorida.
Ngemuva kwezinsukwana kuhlangene unyaka U-AKA ebulewe, kube sekuboshwa abasolwa okuhlanganisa kubona umnu Lindokuhle Thabani Mkhwanazi (30), umnu Lindani Ndimande (30), umnu Eddie Myeza (22), umnu Muziwethemba Harvey Gwabeni (36), ulindokuhle Ndimane (29), nababili okumanje basesezweni laseswazini lapho babanjwa khona, umnu Siyabonga Ndimande nomnu Malusi Ndimande.
Laba baboshwe abantu sebeqala ukulahla ithemba njengoba bese kunokuvungama ukuthi ababulali kakukholakali ukuthi bayogcina beboshwa.
Ngosuku lokuqala bevela enkantolo yasethekwini laba abayisihlanu, uyise KA-AKA, utony Forbes, wazifikela mathupha enkantolo, waphinde waveza ukuthi yena akakholelwa ekutheni lowo ongungqondongqondo okunguye owathenga abasolwa, useboshiwe.
Selokhu laba beboshiwe, unina KA-AKA, ulynn Forbes, ubengakaze asho lutho esidlangaleni, kodwa ngolwesithathu wabhala enkundleni yokuxhumana, i-instagram, lapho ebekhalisa khona abazali abashonelwe yizingane.
Embhalweni wakhe uthe, ngisho olwimini lwesingisi kalikho igama elichaza ukushona kwengane ishiya umzali.
Uthe isimo lapho umzali eshonelwa yingane bese eyingcwaba yena, yinto okungamele yenzeke ngoba kayiyona imvelo.
“Izingane yizona okumele zingcwabe abazali bazo, kakumele kube ngabazali abangcwaba izingane. Kubazali abake balahlekelwa yizingane ngiyazwelana kakhulu nani, nobuhlungu enibuzwile.
“Ukushonelwa yingane kuyakushintsha ungaphinde ube yinto obukade uyiyona ngaphambilini. Nginethemba lokuthi lokhu kuzokukhombisa ukuthi kawuwedwa kepha sibaningi,” kusho yena.
Ngemuva kokushona kuka-aka, ulynne wake waba nesikhathi lapho ayethi akakwazi nokuthinta izinto zendodana yakhe ngenxa yobuhlungu ayesabhekene nabo.
Ubejwayele nakuyona le nkundla ukufaka izithombe zendodana yakhe, ethi uyayikhumbula.