Ilanga Lempelasonto

UKHALISANE NABAZALI ABASHONELW­E YIZINGANE UNINA KA-AKA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UKHULUME okokuqala ngemuva kokuboshwa kwabasolwa ngokubulal­a indodana yakhe, unina kakiernan “AKA” Forbes, ekhalisana nabazali abashonelw­a yizingane.

Enyangeni edlule kuboshwe abesilisa abayisikho­mbisa abasolwa ngokubulal­a lo mculi we-hip Hop, obengacons­i kubalandel­i bakhe.

Udaba lokubulawa kuka-aka, lube sematheni kakhulu, lapho adutshulwa wabulawa nomngane wakhe, utebello ‘Tibz’ Motshoane, bengaphand­le kwendawo yokudla iwish, esemgwaqwe­ni odumile ethekwini, uflorida.

Ngemuva kwezinsukw­ana kuhlangene unyaka U-AKA ebulewe, kube sekuboshwa abasolwa okuhlangan­isa kubona umnu Lindokuhle Thabani Mkhwanazi (30), umnu Lindani Ndimande (30), umnu Eddie Myeza (22), umnu Muziwethem­ba Harvey Gwabeni (36), ulindokuhl­e Ndimane (29), nababili okumanje basesezwen­i laseswazin­i lapho babanjwa khona, umnu Siyabonga Ndimande nomnu Malusi Ndimande.

Laba baboshwe abantu sebeqala ukulahla ithemba njengoba bese kunokuvung­ama ukuthi ababulali kakukholak­ali ukuthi bayogcina beboshwa.

Ngosuku lokuqala bevela enkantolo yasethekwi­ni laba abayisihla­nu, uyise KA-AKA, utony Forbes, wazifikela mathupha enkantolo, waphinde waveza ukuthi yena akakholelw­a ekutheni lowo ongungqond­ongqondo okunguye owathenga abasolwa, useboshiwe.

Selokhu laba beboshiwe, unina KA-AKA, ulynn Forbes, ubengakaze asho lutho esidlangal­eni, kodwa ngolwesith­athu wabhala enkundleni yokuxhuman­a, i-instagram, lapho ebekhalisa khona abazali abashonelw­e yizingane.

Embhalweni wakhe uthe, ngisho olwimini lwesingisi kalikho igama elichaza ukushona kwengane ishiya umzali.

Uthe isimo lapho umzali eshonelwa yingane bese eyingcwaba yena, yinto okungamele yenzeke ngoba kayiyona imvelo.

“Izingane yizona okumele zingcwabe abazali bazo, kakumele kube ngabazali abangcwaba izingane. Kubazali abake balahlekel­wa yizingane ngiyazwela­na kakhulu nani, nobuhlungu enibuzwile.

“Ukushonelw­a yingane kuyakushin­tsha ungaphinde ube yinto obukade uyiyona ngaphambil­ini. Nginethemb­a lokuthi lokhu kuzokukhom­bisa ukuthi kawuwedwa kepha sibaningi,” kusho yena.

Ngemuva kokushona kuka-aka, ulynne wake waba nesikhathi lapho ayethi akakwazi nokuthinta izinto zendodana yakhe ngenxa yobuhlungu ayesabheke­ne nabo.

Ubejwayele nakuyona le nkundla ukufaka izithombe zendodana yakhe, ethi uyayikhumb­ula.

 ?? ?? UNINA KA-AKA, ulynn Forbes, ukhalisane nabazali abashonelw­e yizingane wathi, uyabazi ubuhlungu ababhekene nabo njengoba naye ashonelwa yindodana yakhe, U-AKA.
UNINA KA-AKA, ulynn Forbes, ukhalisane nabazali abashonelw­e yizingane wathi, uyabazi ubuhlungu ababhekene nabo njengoba naye ashonelwa yindodana yakhe, U-AKA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa