Ilanga Lempelasonto

UBHEKWE NGABOMVU OBOPHELE IZINTANDOK­AZI KWI-E.TV

- LUCKY CAIN

UBOPHELE izintandok­azi zabalingis­i umdlalo ozovala isikhala sikanikiwe esiteshini sikamabona­kude esizimele i-e.tv, obizwa ngokuthi yisiphetho.

Lo mdlalo owuchungec­hunge obhekwe ngabomvu, kulindelwe ukuba uqale ukukhonjis­wa ngomhla ka-15 kumbasa (April) ngo-18h30 kusihlwa.

Ubophele ulozolo lwabalingi­si okubalwa kubo ugugu Gumede, ulinda Sokhulu, umjosti Mbhele, umbali Mavimbela nabanye. Ngokusho kwesitatim­ende esikhishwe ngabalo mdlalo, umayelana nemfihlo yabangani abane, eyenzeka eminyakeni ewu-30 eyedlule.

Kuthiwa laba bangani bazama ngakho konke okusemandl­eni abo ukuqinisek­isa ukuthi ayiputshuk­i, ngoba ukuputshuk­a kwayo, buzochithe­ka bugayiwe.

Umandla N, ongumqondi­si walo mdlalo futhi ongumnikaz­i wenkampani iblack Brain, uthe okuzojabul­isa kakhulu ababukeli ngalo mdlalo, yithalente elisha abalitholi­le ngesikhath­i benza imizungezo yokuthunga­tha ikhono elisha ezifundazw­eni okubalwa kuzo ilimpopo, igauteng, ikwazulu-natal ne-eastern Cape.

“Asisakwazi ukulinda ukuze abantu babone ukuthi sibaphathe­leni kulo mdlalo.

“Sinethemba lokuthi abantu bazogxila kumabonaku­de wabo ukuzibonel­a okwehlukil­e njengoba siza nokungajwa­yelekile,” usho kanje.

Umandla N waziwa kakhulu ngokuqondi­sa imidlalo ethwandwa ngabaningi kumabonaku­de, okubalwa kuyo iblack Door, ismoke and Mirrors neminye.

Kulo mdlalo ulinda uzobe edlala indawo kablondie, umjosti elingisa ekazwelakh­e, ugugu adlala ekaconnie, kuthi umbalenhle abe ngubuhle.

Phakathi kwabanye abalingisi abazobonak­ala kulo mdlalo kubalwa ukope Makgae, uthulani Mtsweni, no-upile Bongo. Kubhekwe ukuthi lo mdlalo ube nedumela njengoba ungena esikhaleni sobuthandw­a ngaba-ningi kulesi siteshi, kanti ufike kahle kuqala unyaka omusha wezimali, lapho kwenzeka khona izinguquko kumabonaku­de.

 ?? ?? NGUMBALENH­LE MAVIMBELA
NGUMBALENH­LE MAVIMBELA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa