KUHLANGANA IMIHLATHI EYAZANAYO EMDLALWENI OMUSHA
“IZITHANDANI” zegenerations, uthami Mngqolo nozolisa Xaluva zizobonakala emdlalweni omusha ngemuva kweminyaka zagcina ukubonakala zilingisa ndawonye.
Lokhu kuza ngemuva kokuba abemzansi Magic bethule umdlalo icode 13, lapho laba lingisi bezobona-kala khona.
Lo mdlalo okubhekwe ukuba uqale ukukhonjiswa ngomhla ka-14 kumbasa (April), ukhuluma ngenkohlakalo, ubugebengu nokudayiswa kwabantu ngendlela esezingeni eliphezulu.
Lo mdlalo ulandela impilo kabheki Ndlovu (Zolisa), ongumphenyi wamacala nokwaziyo ukulandelela icala kuze kube umenzi wokubi uyaboshwa, ikakhulukazi emacaleni anzima.
Undlovu usebenza nethimba elijutswe emsebenzini wokubamba izigebengu ezinzima, ezeqa ngesikhathi ziyiswa esitokisini ngemoto yamaphoyisa.
Leli cala lenza umsebenzi wakhe ube nzima kakhulu, okwenza agcine egaxela enkohlakalweni eholela ekutheni agcine azi ngezimfihlo zabantu abaphezulu.
Ngenxa yobucayi bamacala abhekene nawo, ngisho impilo yakhe igcina isengcupheni njengoba naye ephinde athandane nelinye iphoyisa.
Lo mdlalo ukhiqizwe ngabeseriti Film, kanti kuphinde kudlale kuwona nolunathi Mampofu, ongubongi Nkosi, ongumseshi.
U-aluve Mjali udlala indawo kamamba Moagi, okwazi ukuthola nanoma yiluphi ulwazi alufunayo ngobuchwepheshe, uprimo Baloyi yena udlala indawo kaveli “Veja” Mahlalanyane kanti unobudlelwano obuhle nomphakathi, okwenza kube lula ukuthi asebenze namaphoyisa.
Abanye abazobonakala kulo mdlalo nguzikhona Bali odlala indawo ka-azania, ngusaint Seseli ozodlala indawo kapatric, kuthi uthami adlale ekadkt Pitso.
Umbuzo omkhulu-ke uthi ngabe undlovu uzokwazi yini ukusebenza ngokuthembana nethimba lakhe njengoba esebenza nezinkakha zabasheshi, nazo ezigaqele isikhundla sakhe?
Lo mdlalo uzokhonjiswa ngo-20h00 ebusuku kumzansi Magic, Channel 161.
Uthami ubongelwe ngabaningi ngokuthola leli thuba, kwazise ngemuva kokushiya kwigenerations, impilo yakhe ike yangahlangana kahle, engawutholi umsebenzi kulo mkhakha.
Kuzokhumbuleka ukuthi yena noxaluva bavula abaningi amehlo ngesikhathi beba nobudlelwano bengabobulili obubodwa kwigenerations, bagcina beshadile, okuyinto eyayingakaze yenzeke ohlelweni olubukwa kakhulu ngabantu abamnyama.