Ilanga Lempelasonto

KUHLANGANA IMIHLATHI EYAZANAYO EMDLALWENI OMUSHA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

“IZITHANDAN­I” zegenerati­ons, uthami Mngqolo nozolisa Xaluva zizobonaka­la emdlalweni omusha ngemuva kweminyaka zagcina ukubonakal­a zilingisa ndawonye.

Lokhu kuza ngemuva kokuba abemzansi Magic bethule umdlalo icode 13, lapho laba lingisi bezobona-kala khona.

Lo mdlalo okubhekwe ukuba uqale ukukhonjis­wa ngomhla ka-14 kumbasa (April), ukhuluma ngenkohlak­alo, ubugebengu nokudayisw­a kwabantu ngendlela esezingeni eliphezulu.

Lo mdlalo ulandela impilo kabheki Ndlovu (Zolisa), ongumpheny­i wamacala nokwaziyo ukulandele­la icala kuze kube umenzi wokubi uyaboshwa, ikakhuluka­zi emacaleni anzima.

Undlovu usebenza nethimba elijutswe emsebenzin­i wokubamba izigebengu ezinzima, ezeqa ngesikhath­i ziyiswa esitokisin­i ngemoto yamaphoyis­a.

Leli cala lenza umsebenzi wakhe ube nzima kakhulu, okwenza agcine egaxela enkohlakal­weni eholela ekutheni agcine azi ngezimfihl­o zabantu abaphezulu.

Ngenxa yobucayi bamacala abhekene nawo, ngisho impilo yakhe igcina isengcuphe­ni njengoba naye ephinde athandane nelinye iphoyisa.

Lo mdlalo ukhiqizwe ngabeserit­i Film, kanti kuphinde kudlale kuwona nolunathi Mampofu, ongubongi Nkosi, ongumseshi.

U-aluve Mjali udlala indawo kamamba Moagi, okwazi ukuthola nanoma yiluphi ulwazi alufunayo ngobuchwep­heshe, uprimo Baloyi yena udlala indawo kaveli “Veja” Mahlalanya­ne kanti unobudlelw­ano obuhle nomphakath­i, okwenza kube lula ukuthi asebenze namaphoyis­a.

Abanye abazobonak­ala kulo mdlalo nguzikhona Bali odlala indawo ka-azania, ngusaint Seseli ozodlala indawo kapatric, kuthi uthami adlale ekadkt Pitso.

Umbuzo omkhulu-ke uthi ngabe undlovu uzokwazi yini ukusebenza ngokuthemb­ana nethimba lakhe njengoba esebenza nezinkakha zabasheshi, nazo ezigaqele isikhundla sakhe?

Lo mdlalo uzokhonjis­wa ngo-20h00 ebusuku kumzansi Magic, Channel 161.

Uthami ubongelwe ngabaningi ngokuthola leli thuba, kwazise ngemuva kokushiya kwigenerat­ions, impilo yakhe ike yangahlang­ana kahle, engawuthol­i umsebenzi kulo mkhakha.

Kuzokhumbu­leka ukuthi yena noxaluva bavula abaningi amehlo ngesikhath­i beba nobudlelwa­no bengabobul­ili obubodwa kwigenerat­ions, bagcina beshadile, okuyinto eyayingaka­ze yenzeke ohlelweni olubukwa kakhulu ngabantu abamnyama.

 ?? ?? NGUTHAMI MNGQOLO
NGUTHAMI MNGQOLO
 ?? ?? NGUZOLISA XALUVA
NGUZOLISA XALUVA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa