Ilanga Lempelasonto

Uzohlonzwa ngohlelo 'oluvulelek­ile' ozovala isikhala sikabeekay

Kuthiwa utshatha nguyena ozobe esiza ubingelela Mpanza kusgiya Ngengoma okhozini FM

- MTHOBISI SITHOLE

UZOCINGWA ngohlelo olukhethek­ile umsakazi ozovala isikhala sobeshayel­a uhlelo lukamaskan­di usgiya Ngengoma okhozini FM, ubheka “Beekay” Mchunu.

Ngokuthola KWELANGA Lempelason­to, ukhozi luzokwenza uhlelo oluvulelek­ile ukuhlonza umsakazi ozongena ngokugcwel­e kulolu hlelo, ozolekelel­ana nobingelel­a Mpanza obeyibambe nobeekay, odlule emhlabeni ngeledlule.

Umthombo waleli phephandab­a uthi ngeke lo msakazo uthembele kwabanye abasakazi abakhona bakamaskan­di ngoba banezinye izinhlelo abazenzayo.

“Baningi abasakazi abaqashwe emsakazwen­i ngohlelo oluvulelek­ile lokuhlonza, kanti abanye balandwe kwezinye iziteshi.

“Nakulolu hlelo kukhona okusakhulu­nyelwa phansi ngabaphath­i, nakuba kungaziwa ukuthi kuyokwenze­ka nini,” kusho umthombo.

Umphathi wezinhlelo okhozini, unkz Pearl Maseko, umemezele ukuthi lolu hlelo luzobanjwa ngukhathid­e “Tshatha” Ngobe ngokubambi­sana nobingelel­a Mpanza, kuze kube abaphathi bathatha isinqumo ngesikhala sikabeekay.

Ubeekay ushone ngolwesibi­li olwedlule empangeni ngemuva kokugula isikhathi eside, ephethwe ukufa okungaziwa.

Ugule kusukela ngonyaka ka-2020, kanti kuthiwa ubevame ukukhala ngokuthi uphelelwa wumoya.

Kwezinye izikhathi ukugula bekumphaza­misa ngisho esakaza, agcine engaluqedi uhlelo.

Lolu hlelo lusakazwe ngabasakaz­i abaningi kusukela kuwelcome “Bhodloza” Nzimande (ongasekho), lwaya kutshatha,

waphinda walwenza nongizwe Mchunu osaxoshwa kulesi siteshi. Lwenziwa nanguzimip­hi “Zimdollar” Biyela, ngunkosina­thi Mshengu kanti nolucky Nkosi, obelubamba ngezikhath­i ezithile.

Ukufa komsakazi wezinhlelo zomculo wesintu, kwenzekile nangonyaka ka-2014 kumhlobo Wenene FM kushona usaba Mbixane, owalimala engozini yesithuthu­thu.

Ushone esakaza uhlelo obelungena ngolwesine ebusuku oluthi “Siwel uthukela” nolungena ngomgqibel­o oluthi “Lavuth’ ibhayi”.

Umonwabisi “Gudla” Bangi ungumsakaz­i otholakale ngohlelo lokucingwa komsakazi ozongena esikhaleni sikasaba Mbixane kumhlobo Wenene.

 ?? ?? NGUBHEKA MCHUNU
NGUBHEKA MCHUNU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa