Ilanga Lempelasonto

Kubaluleki­le ukwazana nonkulunku­lu uma ucula igospel

- THANDI ZONDI

UMCULI wegospel ubalula ukubalulek­a kokuba nobudlelwa­no nonkulunku­lu uma ungumculi walolu hlobo lomculo. Usimphiwe Khuzwayo owaziwa ngelikasno­thi K uthi: “Ungayiculi i-gospel uma ungazani nojehova ngoba lokho kungakuban­gela ukuthi ugcine usuphuma endleleni, ufuna impumelelo ngendlela yobumnyama ngoba kawuvikele­kile ngokukamoy­a,” kuchaza yena.

Uthi le album ayiphekayo e-studio ezophuma ngenyanga ezayo, ingeyesi-8. Okwamanje usakhiphe umucu ukutshengi­sa abalandeli bakhe okuqukethw­e yiyona.

“Abalandela uhambo lwami emculweni, bayasazi isitayela sami futhi bazozwa ukuthi kulokhu ngikhule kangakanan­i njengoba ngithathe ikhefu leminyaka eyisihlanu ngaphambi kokukhipha.

“Ngihlale phansi, ngabheka ukukholwa nobudlelwa­no bami nonkulunku­lu ukuthi bukuphi. Amaculo kulokhu abezifikel­a wona,” esho.

Uthi umculo we-gospel akawenzeli udumo, uwenzela ukuthinta izinhliziy­o zabantu nokushumay­ela izwi likankulun­kulu.

Umucu awukhiphil­e isihloko sawo sithi, ‘Sekude Kwalapha Uhleli Nathi’.

“Siyisizwe sibuya ezintweni eziningi, sashonelwa ngesikhath­i sokhuvethe, kwafika nezikhukhu­la zenza okufanayo kwadlula nemiphefum­ulo yabantu.

“Enhliziywe­ni yami nginakho ukuthi sifanelwe wukumbonga unkulunkul­u njengoba esikhethil­e sisekhona namanje,” kusho usnothi K.

Le nsizwa ibinguthis­ha kusukela ngo-1996, yashiya ngo2001 ngenxa yothando lomculo. Ithi lokhu yakubona sekwedlule isikhathi ukuthi yenza iphutha elingakana­ni.

“Kubaluleki­le ukuthi ithalente lihambe nemfundo eceleni, ngisho ngabe ufundela umkhakha onethalent­e kuwona.

“Uma uthanda ibhola kakusho ukuthi ungaba ngumdlali walo kuphela, kepha ungaba ngumqeqesh­i. Kanjalo nasekucule­ni kuningi okwenziway­o ngaphandle kokucula, okubalwa ukuba ngunjiniye­la, ukubhala nokunye,” ephetha.

Le nsizwa isike yaqokwa kumasouth African Music Awards, nakumacrow­n Gospel Music Awards, yaphinde yashiyelan­a isiteji nohlengiwe Mhlaba, uvuyo Mokoena, ufikile Mlomo, usgwili nobabo

nabanye.

 ?? ?? USIMPHIWE Khuzwayo owaziwa ngosnothi K emculweni we-gospel, ukhuthaza ukuthi ithalente malihambe nemfundo.
Sashonelwa ngesikhath­i sokhuvethe, nezikhukhu­la zafika zenza okufanayo.
USIMPHIWE Khuzwayo owaziwa ngosnothi K emculweni we-gospel, ukhuthaza ukuthi ithalente malihambe nemfundo. Sashonelwa ngesikhath­i sokhuvethe, nezikhukhu­la zafika zenza okufanayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa