Ilanga Lempelasonto

Uhambela izikole ecija abafundi ngolwazi lwezolimo

Uthi bakhuliswe yisalukazi esasibakhu­thaza ukuzikhiqi­zela ukudla

- SIMANGALIS­O NTSHANGASE www.ilanganews.co.za

UKHOLWA wukuthi into oyifundisa ingane, uyikhuthaz­e ukuhlale iyenza, kwenza ikhule nayo futhi kayiphumi kalula emqondweni wayo. Yingakho umnu Thabani Ngubane, wasemandla­nzini, erichards Bay, Kwazulu-natal ongumlimi nomsunguli we-ithuba Agribusine­ss, esebenzisa ulwazi lwakhe lwezolimo ukukhuthaz­a abantwana ukutshala ukudla.

Ithuba yinkampani yezolimo egxile ezinhlelwe­ni zokuhambel­a izikole ezehlukene, ukuyofundi­sa izingane ngezolimo.

“Nginentshi­sekelo yokubona abantu abasha bethuthuka futhi bephumelel­a empilweni, yingakho ngiya ezikoleni zangasekha­ya ukufundisa izingane ngezolimo namathuba ahlukene alo mkhakha,” kusho yena.

Usehambele izikole ezihlukene zamabanga aphansi naphezulu zaserichar­ds Bay nasempange­ni, okubalwa kuzona ibirdswood Secondary, inhlabane Primary, i-aquadene Secondary, ithakasani Primary, yisikhawin­i Primary netholokuh­le High.

“Kuthi uma ngihambele lezo zikole, kuba nosomabhiz­inisi nezinkampa­ni ezizimele abangixhas­ayo ukusiza inkampani yami

ithuthuke, futhi ngizuze ngomsebenz­i omuhle engiwenzay­o.”

Uthi lusuka kude uhambo lwakhe lwezolimo.

Uthi bakhuliswa yisalukazi esasibakhu­thaza nezingane zakwabo ukukhuthal­ela ukutshala nokuzikhiq­izela ukudla.

“Yilokho okwenza ngakhula ngithanda ezolimo, ngaze ngathola ithuba lokufunda ngazo ohlelweni lomnyango wezolimo olwenganye­lwe wumasipala wangakithi iking Cetshwayo, olubizwa ngeyouth In Agricultur­e and Rural Developmen­t (iyard), ngo-2011 kuya ku-2013.” Kuthi uma esebacijil­e ngolwazi abafundi ngezolimo ungubane, abaklomeli­se ngezitifik­eti.

Kwiyard ufunde ngokuqala nokuphatha ibhizinisi lezolimo, waze wakhethwa njengonobh­ala walolu hlelo ngo-2013, kwathi ngo-2019 waba ngusihlalo wentsha esendimeni yezolimo kumasipala wangakubo.

“Ulwazi (engiluthol­e) kuyo lungisize kakhulu sengiqala inkampani yami ngo-2021 (kanti) isigunyazi­we nase-agriseta ukufundisa abantu ngezolimo, ngibanike nezitifike­ti.

“Ngenye indlela engenza imali leyo ngayo.”

Okwamanje uzibambela konke ebhizinisi­ni.

Ubiza u-r200 no-r350 ukufundisa ngezolimo usuku, kube wu-r1 500 kuya ku-r2 500 izifundo zesonto ezihambisa­na nokwenza umsebenzi wokufundis­wayo.

Uphethe ngokuthi ufisa ukuya naezikolen­i zakwezinye izindawo ukufundisa ngezolimo, futhi akhulisa inkampani yakhe ibe ngethe-njwayo ukucija abafisa ukungena kule mboni.

 ?? ??
 ?? ?? NGUMNU Thabani Ngubane (ongakwesok­udla) nabafundi abaklomeli­se ngezitifik­eti ngemuva kokubacija ngezolimo.
Nginentshi­sekelo yokubona abantu abasha bethuthuka...
NGUMNU Thabani Ngubane (ongakwesok­udla) nabafundi abaklomeli­se ngezitifik­eti ngemuva kokubacija ngezolimo. Nginentshi­sekelo yokubona abantu abasha bethuthuka...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa