Ilanga Lempelasonto

UMQEQESHI WE-BRAZIL UTHEMBISA UKUBUYISA ISITHUNZI SEQEMBU

- Www.ilanganews.co.za

USELUBALUB­ELA ukuhlala ebhentshin­i emdlalweni wakhe wokuqala udorival Junior oqokwe ngomasinga­na (January) njengomqeq­eshi omusha weqembu lesizwe lasebrazil.

Ibrazil izobhekana ne-england kowobungan­i namuhla ngomgqibel­o ngo-21h00 ewembley Stadium, engilandi. Lona kuzokuba wumdlalo wokuqala kulo mqeqeshi selokhu athatha izintambo zokuqhoqho­bala lesi sikhundla esifiswa yinqwaba yabaqeqesh­i ngenxa yekhono labadlali basebrazil, abalikhulu­misayo ibhola enkundleni.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wakhe wokuqala lo mqeqeshi, wehluleke ngisho ukuyifihla injabulo yakhe.

“Sengikubhe­ke ngabomvu ukudlala umdlalo wokuqala. Ngiyazethe­mba ukuthi ngizokwazi ukusebenzi­sana kahle nabo bonke abadlali abakhona ukuze iqembu lenze kahle.

“Ngijabule futhi lokho ngeke ngikufihle, wonke umuntu othola leli thuba ngeke angajabuli. Sekunesikh­athi ngisebenza namakilabh­u amaningi ahlukene, bengilokhu nginethemb­a lokuthi ngelinye ilanga ngizoseben­za kwelesizwe njengoba sekwenzeka manje.

“Okungijabu­lisa kakhulu wukuthi ngizothola ithuba lokuba ngumqeqesh­i eqenjini engikhule ngingumlan­deli walo njengoba ngilokhu ngalilande­la ngisemncan­e.

“Engifisa ukukwenza wukubuyisa ithemba kubalandel­i asebeqala ukulingaba­za iqembu. Ngiyazi ukuthi akuzukuba lula ukukwenza ngaphandle kwabo, yingakho ngidinga ukuba baseseke.

“Sizodlala nabantu abasezinge­ni lomhlaba futhi abadlala kahle. Banomqeqes­hi okhaliphil­e ugareth Southgate, phezu kwalokho basha-ya ngabadlali abahamba phambili emhlabeni aba-fana noharry Kane nojude Bellingham.

“Ngaphandle kwalokho laba badlali badlala emaligini ahlonishwa­yo emhlabeni. Nginethemb­a lokuthi sizoluqala kahle lolu hambo,” kusho lo mqeqeshi.

Ebuzwa ukuthi lisahlonip­hekile yini iqembu lesizwe lasebrazil, uthe: “Kuyinto ekhathazay­o ukuthi sihlonishw­a kakhulu emazweni angaphandl­e ukwedlula lapha ekhaya, yingakho sifuna ukubuyisa uzwano phakathi kwethu nabalandel­i.

“Ngikhulumi­le nabadlali sabonisana ngezinto okumele sizenze ukuze sibe yile nto abantu abayifunay­o. Sisenabo abadlali abangasinq­obela lonke uhlobo lezicoco.

Esikudinga­yo nje wukuba sisebenze ngokubambi­sana. “Nginethemb­a lokuthi uneymar uzolulama maduze ngoba simdinga kakhulu kuleli qembu. Sifuna ukuwunqoba lo mdlalo njengoba sizicijela imidlalo yecopa America.

“Usuku lwangomgqi­belo (namuhla) lubaluleke kakhulu kimina ngakho ngifuna ukuluqala ngokunqoba okuzokwenz­a sibuyise ithemba kubantu.” Nakuba ekhuluma kanjena lo mqeqeshi kodwa uyazi ukuthi ngeke kube lula kwazise uthathe izintambo leli qembu lingenzi kahle okufakazel­wa wukuthi lehlulwe emidlalwen­i emithathu yokuqala yokuhlunge­la indebe yomhlaba.

Okuzokwenz­a lo mdlalo ushube kakhulu wukuthi womabili la mazwe ashaya ngenqwaba yabadlali abagijimel­a amakilabhu asezingeni eliphezulu emhlabeni.

* Omunye umdlalo obhekwe ngamehlo abomvu ngophakath­i kwezinkunz­i zase-europe, ifrance negermany ezizogadul­isana kowobungan­i namuhla ngo-22h00.

 ?? ?? NGUDORIVAL Junior
NGUDORIVAL Junior

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa