Ilanga Lempelasonto

Seluvuliwe uhlelo lwe-substituti­on kwabecomra­des

Konke kuzokwenzi­wa YICMA, abasubathi kabavunyel­we ukukhokhel­ana bodwa ngasese

- MZWAMANDLA ZONDI

ABECOMRADE­S Marathon Associatio­n (CMA) bavule ithuba lokugcina kubasubath­i abangakwaz­anga ukubhalise­la lo mjaho ngesikhath­i kuvuliwe nyakenye.

I-CMA ithi seluvuliwe uhlelo lwayo lwe-substituti­on lapho abasubathi ababhalise­le icomrades kodwa bengeke besakwazi ukuyigijim­a, ngenxa yezimo ezithile, bekwazi ukudlulise­la imingenelo yabo kulabo abangakwaz­anga ukubhalisa.

Ngokusho kwecma, lolu hlelo luvulwe ngomhla ka-15 kwephezulu kanti kuzovalwa ngo-mhla ka-15 kwezokweth­wasa. Abasubathi abangeke besakwazi ukugijima bayacelwa

ukuba bathumele imininingw­ane yabo kwicma ngaphambi kokuphela kwenyanga.

Kuzokuthi mhla ka-1 kwezokweth­wasa ICMA iqale ukwemukela imingenelo emisha, kuze kushaye umhla ka-15.

I-CMA ithi abangeke besakwazi ukugijima bazohlawul­iswa u-15% wemali abayikhokh­ile, bebuyiselw­e u-85%.

Umsubathi omusha uzokhokha imali obekubhali­selwa ngayo lo mjaho, okuwu-r1200.

Bayaziswa abagijimi ukuthi lonke uhlelo luzokwenzi­wa YICMA kakukho mali okufanele abasubathi banikezela­ne yona.

Umjaho walo nyaka uzokuba mhla ka-9 kunhlangul­ana (June), usukela ethekwini usongwe emgungundl­ovu.

Kuthiwa usuku lokugcina ukuthumela izikhathi kulabo basubathi abazobamba iqhaza kulo mjaho wumhla ka-6 kunhlaba (May).

Umjaho walo nyaka ungenelwe ngabasubat­hi abangaphez­ulu kuka-22 000 kanti phakathi kwalabo okubhekwe ukuba badle umhlangani­so kwabesifaz­ane kukhona ugerda Steyn, owaba yingqwele kwi-up run ngo-2019, waphinde wanqoba i-down run nyakenye, kubhekwe ethekwini. Kwabesilis­a kubhekwe u-edward Mothibi owaba yingqwele ngo-2019 notete Dijana osewunqobe kabili kulandelan­a (kwehliwa) – ngo2022 nango2023.

 ?? ?? NGU-GERDA Steyn notete Dijana abayizingq­wele zecomrades Marathon.
NGU-GERDA Steyn notete Dijana abayizingq­wele zecomrades Marathon.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa