Ilanga Lempelasonto

UBALISA NGOMKLOMEL­O OWANQOBA UMJAHO WOKUHLONIP­HA UMSUNGULI WEMAMBAZO

- MZWAMANDLA ZONDI

UDUNGUZA ebumnyanen­i ngomklomel­o wakhe umsubathi wakwazulu-natal usiyabonga “Bhongo” Ndlovu oyingqwele yebhekiziz­we Joseph Shabalala 10km ebingonhlo­lanja (February) emnambithi.

Undlovu – osubathela iblack Diamond – utshele ILANGA Lempelason­to ukuthi abagijimi abaningi abebeyingx­enye yalo mjaho sebeyithol­ile imiklomelo yabo.

Lo mjaho wokuhlonip­ha ushabalala (ongasekho) – ongumsungu­li weladysmit­h Black Mambazo – usuke uhlanganis­e ne-42km, i-21km ne-10km.

Undlovu uthe seyehlulek­e yonke imizamo yakhe yokuxhuman­a nabadidiye­li balo mjaho.

“Ngimfoneli­le uvuyo Shabalala okunguyena okuthiwa mangixhuma­ne naye ukuze ngithole imali yami.

Obambe ucingo uvele wazihlangu­la, wathi yinombolo okungeyona. Ngibe sengixhuma­na nabanye abagijimi bathi umuntu okufanele ngimthinte nguyena uvuyo, obambe ucingo waphinde wenza okufanayo, wangibhoke­la nangolaka.

“Nomqeqeshi wami u-ayanda umzamile kwaba ngesifanay­o.

“Njengoba abanye sebeyithol­ile imali yabo kangazi ukuthi yini inkinga kweyami,” kusho undlovu osanda kungena unombolo 4 kwisouth Africa National 10km Championsh­ips.

Sika lesisithom­be sombengo, usinamathi­sele esikhaleni esisodwa kwezintath­u kwifomu yomncintis­wano, bese ugcwalisa neminining­wane yakho.

Phambilini leli phephandab­a likhulume nomandla Mngomezulu oyisekela likamengam­eli wekwazulu-natal Athletics (KZNA) wathi abasubathi abaningi sebekhokhe­lwe.

Udaba lukandlovu selusatsha­laliswe kumawhatsa­pp group amaningi abagijima, okuthiwa uvuyo ukhona kuwona, kodwa akaphendul­i.

Leli phephandab­a limfonelil­e uvuyo wangalubam­ba ucingo kanti nomyalezo ashiyelwe wona kwiwhatsap­p kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa