Ilanga Lempelasonto

INKATHA IZOHLONIPH­A USHENGE NGOMQULU WEZETHEMBI­SO ZESIFUNDAZ­WE ONDINI

- THANDOLUHL­E NGUBO

USIHLALO wenkatha Freedom Party (IFP) Kwazulu-natal, umnu Thami Ntuli, umemezele ukuthi leli qembu lizokwethu­la umqulu walo wezethembi­so zokhetho wesifundaz­we olundi ngenyanga ezayo.

Untuli usho lokhu ngolwesine ngesikhath­i ebize isigcawu sabezindab­a emahhovisi ale nhlangano, ethekwini, okuyilapho ethule khona amalungu ajoyine I-IFP, esuka kwamanye amaqembu epolitiki

“Amalungise­lelo okwethulwa komqulu wesifundaz­we asesemaphe­thelweni. Kuyasithok­ozisa ukumemezel­a ukuthi lo mqulu uzokwethul­wa ngesonto mhla ka-7 kumbasa (April) eprince Mangosuthu Regional Stadium, olundi.

“Okwenze saqoka ukuwethula kule ndawo yingoba sihlonipha umsunguli weqembu lethu, umntwana umangosuth­u Buthelezi, futhi sifuna ukugcina umlando wakhe,” esho.

Uthe lo mqulu uzobe uqukethe izinhlelo zabafisa ukukuzuza nezixazulu­lo zezinkinga ezikhunget­he isifundazw­e.

“Umqulu kazwelonke weqembu owethulwa emoses Mabhida wazibeka obala izinkinga esizolwa nazo, kodwa kulo esizowethu­la, sizogxila ezixazulul­weni zazo lezi zinkinga.

“Eyokuqala nje wukulungis­a isizinda somnotho wesifundaz­we okuyitheku.

“Uma kulunga itheku, kuzovuleka namathuba emisebenzi njengoba kunenkinga yokungaseb­enzi

kwentsha,” esho.

Uthe uma I-IFP ingena emandleni kulesi sifundazwe, izophinda yenze imisebenzi emihle njengoba yenza phambilini, ngesikhath­i iphethe IKZN.

Uphinde wethula amalungu amasha amukelwe ngokusethe­thweni eqenjini, asuka kwi-abc, INFP NE-EFF.

“Kuyakhombi­sa ukuthi imisebenzi YE-IFP iyabonakal­a njengoba sethula amalungu amasha.

“Iningi lawo belisezikh­undleni eziphezulu emaqenjini abekuwo.

“Phakathi kwawo sibala umnu Erickson Zungu obeyilungu LENFP esishayamt­hetho nonkz Refiloe Ramatlapen­g obeyisikhu­lu SE-EFF esifundeni iharry Gwala.

“Ukuba khona kwakhe kukhomba ukuthi iyaphela le nkoleloze yokuthi izindawo eziseningi­zimu yesifundaz­we ziyisizind­a SE-ANC.”

Uthe akangabazi

ukuthi inkatha izosinqoba isifundazw­e ngoba umsebenzi ewenzile uyazikhulu­mela.

Uthe uma kwenzeka bengasitha­thi, bazimisele ukuxoxisan­a namanye amaqembu anombono owodwa nabo ukuze basibuse ngokubambi­sana.

 ?? ?? NGUMNU Thami Ntuli WE-IFP
NGUMNU Thami Ntuli WE-IFP
 ?? ?? NGUMNTWANA ushenge
NGUMNTWANA ushenge

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa