Siphawula ngesikhundla saso isikhulu segagasi FM esimanaphanapha yinhlamba
SIPHAWULA ngesikhundla saso isikhulu segagasi FM, u-ayanda Melansi esimanaphanapha yinhlamba ezinkundleni zokuxhumana emuva kodaba lokushiya komsakazi upenny Ntuli kulo msakazo, ekuqaleni kwaleli sonto.
U-ayanda oyicontent Specialist kulo msakazo, ube nengxoxo ekhethekile NELANGA Lempelasonto lapho echaze ngesikhundla esesimdalele isigcwagcwa kwabanye abasebenzisa izinkundla zokuxhumana.
Uthe umsebenzi wakhe kulo msakazo wukubhekelela konke okuzwakala emoyeni okuhlanganisa abasakazi nabadidiyeli bezinhlelo.
“Ngiba nemihlangano lapho sidingida khona nabasakazi nabadidiyeli izinhlelo zabo, sibone ukuthi yikuphi abazogxila kukhona emoyeni kuleyo nyanga. Le mihlangano ngiphinde ngibe nayo sibheke isonto kanjalo nosuku olulandelayo,” kusho u-ayanda.
Uthi kule mihlangano wenza izinguquko abe nemibono ngokuthi uhlelo kumele lume kanjani nangemibuzo okumele ibuzwe nokuthi kumele ibuzwe kanjani uma kunesimenywa. Uthi wumsebenzi wakhe ukuqinisekisa ukuthi konke okuzwakala emoyeni kuyikho futhi nemigomo yokusakaza iyalandelwa.
Nakuba ebamba le mihlangano, kodwa lokhu akusho ukuthi abasakazi kabakhululekile ukusebenzisa amakhono abo okusakaza bajike izinto emoyeni.
“Inqobo nje uma lokhu bezokwenza belandela imigomo,” esho.
Uthi akayena umafikizolo emisakazweni njengoba enesipiliyoni seminyaka engaphezulu kwewu-15, futhi igagasi yiwona msakazo aqala kuwona esewumfundi (intern) njengoba ayeyintatheli, ezifela ngomsakazo futhi ewuthanda nomsebenzi wakhe, kodwa zikhona izingqinamba ezihambisana nomsebenzi. “Izingqinamba engihlangabezana nazo azingenzi ngifune ukushiya kodwa yilezo engikukhonzile ukubhekana nazo ngoba ngiyakuthanda ukusebenza nabantu abawuthandayo umsebenzi wabo. “Ngiyavuma akulula ukusebenza nabantu ngoba banendlela ababona ngayo izinto, ngakho kumele ngikuqonde lokhu kodwa futhi ngithatha izinqumo ngokomsebenzi engibekelwe wona.”
Uthi okunye okuyingqinamba ngomsebenzi wakhe wukuthi kasikho isikhathi sokungena nesokuphuma. “Ngokwenkontileka, kumele ngisebenze kusukela ekuseni kuya ntambama kodwa ngenxa yokuthi umsakazo udlala amahora awu-24, kumele ngihlale ngilalele uma ngithola isikhathi, ngiyale lapho kudingeka khona, nabo abasakazi kumele bangithole njalo uma bengidinga njengoba bengifonela nasebusuku,” kusho le ntokazi edabuka elamontville. U-ayanda ungunina wabafana ababili, ngokwesikhundla sakhe udlale indima emqoka ukuhlanganisa uhlu lwabasakazi abasha kulo msakazo. Ngolwesithathu lo msakazo umemezele abasakazi abasha njengoba kuvele eyokubuya kwekings
Of The Weekend (usphectecula nonaves) kwamenyezelwa nokujoyina komlingisi unelisiwe Sibiya njengomsakazi.
Lokhu kulandela ukushiya kukahope Mbhele, upenny Ntuli, ulinda Mtoba nokhaya 'GC' Dladla.
U-ayanda uthe uyaluthemba uhlu lwabasakazi abamenyezeliwe nendlela abahlele ngayo izinhlelo zabo. Uthe yilona thimba athemba ukuthi lizobeka lo msakazo phambili njengoba ubalwa nehamba phambili eningizimu Afrika kweyezifundazwe.
Mayelana nezinkulumo ezisabalele ngaye nokuchashwa ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana, uthe lokhu kuzifanela nokuthela amanzi emhlane wedada.
“Ngingumuntu olalelayo nokwaziyo ukwamukela ukugxekwa okuyisana phambili, kodwa uma ngibona ukuthi lona uyazibhalela nje ngezinhloso zakhe ezingakhi, ngiyazibukela nje nginganaki,” kusho u-ayanda.
Uzichaze njengomuntu okukhonzile ufunda nsuku zonke futhi uma kukhona angakuqondi uyabuza ukuze ahlale ecobelelekile ngolwazi. Uphinde waveza ukuthi kwesinye isikhathi abantu kabamqondi ukuthi ungumuntu onjani ngenxa yokuthi ungowesifazane ozethembayo futhi okwaziyo ukuzikhulumela futhi okumelayo akholelwa kukhona.
Akafunanga ukungena odabeni oluthinta ukushiya kukapenny Ntuli kwazise kwavela negama lakhe ngesikhathi lo msakazi eziqopha ebalula isizathu esiholele ekulaxazeni kwakhe lo msakazo.