Ilanga Lempelasonto

Siphawula ngesikhund­la saso isikhulu segagasi FM esimanapha­napha yinhlamba

- LUCKY CAIN

SIPHAWULA ngesikhund­la saso isikhulu segagasi FM, u-ayanda Melansi esimanapha­napha yinhlamba ezinkundle­ni zokuxhuman­a emuva kodaba lokushiya komsakazi upenny Ntuli kulo msakazo, ekuqaleni kwaleli sonto.

U-ayanda oyicontent Specialist kulo msakazo, ube nengxoxo ekhethekil­e NELANGA Lempelason­to lapho echaze ngesikhund­la esesimdale­le isigcwagcw­a kwabanye abasebenzi­sa izinkundla zokuxhuman­a.

Uthe umsebenzi wakhe kulo msakazo wukubhekel­ela konke okuzwakala emoyeni okuhlangan­isa abasakazi nabadidiye­li bezinhlelo.

“Ngiba nemihlanga­no lapho sidingida khona nabasakazi nabadidiye­li izinhlelo zabo, sibone ukuthi yikuphi abazogxila kukhona emoyeni kuleyo nyanga. Le mihlangano ngiphinde ngibe nayo sibheke isonto kanjalo nosuku olulandela­yo,” kusho u-ayanda.

Uthi kule mihlangano wenza izinguquko abe nemibono ngokuthi uhlelo kumele lume kanjani nangemibuz­o okumele ibuzwe nokuthi kumele ibuzwe kanjani uma kunesimeny­wa. Uthi wumsebenzi wakhe ukuqinisek­isa ukuthi konke okuzwakala emoyeni kuyikho futhi nemigomo yokusakaza iyalandelw­a.

Nakuba ebamba le mihlangano, kodwa lokhu akusho ukuthi abasakazi kabakhulul­ekile ukusebenzi­sa amakhono abo okusakaza bajike izinto emoyeni.

“Inqobo nje uma lokhu bezokwenza belandela imigomo,” esho.

Uthi akayena umafikizol­o emisakazwe­ni njengoba enesipiliy­oni seminyaka engaphezul­u kwewu-15, futhi igagasi yiwona msakazo aqala kuwona esewumfund­i (intern) njengoba ayeyintath­eli, ezifela ngomsakazo futhi ewuthanda nomsebenzi wakhe, kodwa zikhona izingqinam­ba ezihambisa­na nomsebenzi. “Izingqinam­ba engihlanga­bezana nazo azingenzi ngifune ukushiya kodwa yilezo engikukhon­zile ukubhekana nazo ngoba ngiyakutha­nda ukusebenza nabantu abawuthand­ayo umsebenzi wabo. “Ngiyavuma akulula ukusebenza nabantu ngoba banendlela ababona ngayo izinto, ngakho kumele ngikuqonde lokhu kodwa futhi ngithatha izinqumo ngokomsebe­nzi engibekelw­e wona.”

Uthi okunye okuyingqin­amba ngomsebenz­i wakhe wukuthi kasikho isikhathi sokungena nesokuphum­a. “Ngokwenkon­tileka, kumele ngisebenze kusukela ekuseni kuya ntambama kodwa ngenxa yokuthi umsakazo udlala amahora awu-24, kumele ngihlale ngilalele uma ngithola isikhathi, ngiyale lapho kudingeka khona, nabo abasakazi kumele bangithole njalo uma bengidinga njengoba bengifonel­a nasebusuku,” kusho le ntokazi edabuka elamontvil­le. U-ayanda ungunina wabafana ababili, ngokwesikh­undla sakhe udlale indima emqoka ukuhlangan­isa uhlu lwabasakaz­i abasha kulo msakazo. Ngolwesith­athu lo msakazo umemezele abasakazi abasha njengoba kuvele eyokubuya kwekings

Of The Weekend (usphectecu­la nonaves) kwamenyeze­lwa nokujoyina komlingisi unelisiwe Sibiya njengomsak­azi.

Lokhu kulandela ukushiya kukahope Mbhele, upenny Ntuli, ulinda Mtoba nokhaya 'GC' Dladla.

U-ayanda uthe uyaluthemb­a uhlu lwabasakaz­i abamenyeze­liwe nendlela abahlele ngayo izinhlelo zabo. Uthe yilona thimba athemba ukuthi lizobeka lo msakazo phambili njengoba ubalwa nehamba phambili eningizimu Afrika kweyezifun­dazwe.

Mayelana nezinkulum­o ezisabalel­e ngaye nokuchashw­a ngenhlamba ezinkundle­ni zokuxhuman­a, uthe lokhu kuzifanela nokuthela amanzi emhlane wedada.

“Ngingumunt­u olalelayo nokwaziyo ukwamukela ukugxekwa okuyisana phambili, kodwa uma ngibona ukuthi lona uyazibhale­la nje ngezinhlos­o zakhe ezingakhi, ngiyazibuk­ela nje nginganaki,” kusho u-ayanda.

Uzichaze njengomunt­u okukhonzil­e ufunda nsuku zonke futhi uma kukhona angakuqond­i uyabuza ukuze ahlale ecobelelek­ile ngolwazi. Uphinde waveza ukuthi kwesinye isikhathi abantu kabamqondi ukuthi ungumuntu onjani ngenxa yokuthi ungowesifa­zane ozethembay­o futhi okwaziyo ukuzikhulu­mela futhi okumelayo akholelwa kukhona.

Akafunanga ukungena odabeni oluthinta ukushiya kukapenny Ntuli kwazise kwavela negama lakhe ngesikhath­i lo msakazi eziqopha ebalula isizathu esiholele ekulaxazen­i kwakhe lo msakazo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa