Injabulo nentobeko beqokwa kowemetro FM
“Kuyangithobisa ukuthi umculo wami usaqhubeka nokwamukeleka emphakathini njengoba nokuqokwa kwawo emcimbini wezindondo kukufakazela lokhu,” esho. Lo mculi osezinhlelweni zokukhipha ingoma nezihlabani zakuleli umsaki nocassper Nyovest.
Uthe ukuqokwa kwakhe kulo mcimbi kufike ngesikhathi esifanele, ngesonto elizayo uzodedela le ngoma esihloko sithi, Umusa.
“Kusho ukuthi ukuqokwa kwami kungumusa ngempela, ngizobe ngibonga ukuqokwa kwami ngokukhipha le ngoma,” esho.
Echaza ngale ngoma, uthe iqhamuke ngemuva kokuchitha isikhathi nomsaki, amchaze njengomunye wabaculi abakhonzile nabukela kubona. Uthe wabona umusa umehlela ngokuchitha isikhathi nalo mculi okuyilapho bavumelana ngokwenza ingoma.
“Ngemuva kokuba sesiyenzile le ngoma, sibe sesivumelana ukuthi kungakuhle sengeze omunye umculi, safaka ucassper ofike wenza izimanga kuyona,” esho.
Uthe nakulo nyaka uyakuphinda akwenza ngonyaka owedlule lapho enza umcimbi wakhe wokuqala ecula bukhoma, ethe Playhouse, ethekwini. “Kulo nyaka ngizokwenza okwedlulele, ngeke ngigcine ethekwini kodwa ngizohambela namanye amadolobha anabalandeli bomculo wami,” usho kanje. Khonamanjalo, UDJ Kotin oqokwe emunxeni webest Kwaito/ Gqom uthe ukuqokwa kwakhe kulo mcimbi kusho ukukhula nokusabalala kwegama
lakhe njengodj ongumdidiyeli wezingoma.
“Kusho lukhulu kimina ngoba kuzongivulela amathuba okuthi ngingabi wumculi wesifundazwe esisodwa kuphela, kodwa ngaziwe izwe lonke,” esho.
Uthe ukusabalala kwegama lakhe emculweni kufakazelwa nayingoma asanda kuyikhipha esihloko sithi, Amajuba apike kuyona usandile.
Uthi le ngoma akafisi kube ngeyasemzansi kuphela kodwa ufuna yaziwe umhlaba wonke.
“Ngikhuluma nawe nje, ngiphuma emhlanganweni nenye yezinkampani ezinkulu engixoxa nazo ngenhloso yokuthi umculo wami usabalale nakwamanye amazwe.
Ukotin uqokwe ngengoma yakhe esihloko sithi, Hello apike kuyona ibig NUZ ayiqopha umampintsha esadla anhlamvana.