Ilanga Lempelasonto

Injabulo nentobeko beqokwa kowemetro FM

-

“Kuyangitho­bisa ukuthi umculo wami usaqhubeka nokwamukel­eka emphakathi­ni njengoba nokuqokwa kwawo emcimbini wezindondo kukufakaze­la lokhu,” esho. Lo mculi osezinhlel­weni zokukhipha ingoma nezihlaban­i zakuleli umsaki nocassper Nyovest.

Uthe ukuqokwa kwakhe kulo mcimbi kufike ngesikhath­i esifanele, ngesonto elizayo uzodedela le ngoma esihloko sithi, Umusa.

“Kusho ukuthi ukuqokwa kwami kungumusa ngempela, ngizobe ngibonga ukuqokwa kwami ngokukhiph­a le ngoma,” esho.

Echaza ngale ngoma, uthe iqhamuke ngemuva kokuchitha isikhathi nomsaki, amchaze njengomuny­e wabaculi abakhonzil­e nabukela kubona. Uthe wabona umusa umehlela ngokuchith­a isikhathi nalo mculi okuyilapho bavumelana ngokwenza ingoma.

“Ngemuva kokuba sesiyenzil­e le ngoma, sibe sesivumela­na ukuthi kungakuhle sengeze omunye umculi, safaka ucassper ofike wenza izimanga kuyona,” esho.

Uthe nakulo nyaka uyakuphind­a akwenza ngonyaka owedlule lapho enza umcimbi wakhe wokuqala ecula bukhoma, ethe Playhouse, ethekwini. “Kulo nyaka ngizokwenz­a okwedlulel­e, ngeke ngigcine ethekwini kodwa ngizohambe­la namanye amadolobha anabalande­li bomculo wami,” usho kanje. Khonamanja­lo, UDJ Kotin oqokwe emunxeni webest Kwaito/ Gqom uthe ukuqokwa kwakhe kulo mcimbi kusho ukukhula nokusabala­la kwegama

lakhe njengodj ongumdidiy­eli wezingoma.

“Kusho lukhulu kimina ngoba kuzongivul­ela amathuba okuthi ngingabi wumculi wesifundaz­we esisodwa kuphela, kodwa ngaziwe izwe lonke,” esho.

Uthe ukusabalal­a kwegama lakhe emculweni kufakazelw­a nayingoma asanda kuyikhipha esihloko sithi, Amajuba apike kuyona usandile.

Uthi le ngoma akafisi kube ngeyasemza­nsi kuphela kodwa ufuna yaziwe umhlaba wonke.

“Ngikhuluma nawe nje, ngiphuma emhlanganw­eni nenye yezinkampa­ni ezinkulu engixoxa nazo ngenhloso yokuthi umculo wami usabalale nakwamanye amazwe.

Ukotin uqokwe ngengoma yakhe esihloko sithi, Hello apike kuyona ibig NUZ ayiqopha umampintsh­a esadla anhlamvana.

 ?? ?? NGUNOMFUND­O Moh
NGUNOMFUND­O Moh

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa