Ilanga Lempelasonto

UBOSHWE ESALASHWA E-CLINIC 'ODUBULEKE' KUBULAWA OQAPHA UMPHAKATHI

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

UBANJWE esemtholam­pilo eyofuna usizo osolwa ngokudubul­a abulale ilungu leneighbou­rhood Watch Kwamashu.

Kulesi sigameko esenzeke ezintathak­usa ngomsombul­uko, kubulawe umnu Siyabonga 'Bravo' Shange (42) okuthiwa udutshulwe amahlandla amaningi wabulawa ngowesilis­a esemsebenz­ini wokuqapha umphakathi kuleli lokishi.

Kuthiwa umbulali uqonde kuyena wavulela ngenhlamvu. Nokho kuthiwa umufi ukwazile ukuphindis­ela njengoba umsolwa egcine edubuleka. Leli phephandab­a lithole ukuthi umsolwa ubalekile kanti uzoya emtholampi­lo khona Kwamashu eyofuna usizo, lamshonela njengoba kuthiwa abakwasidl­odlo bamshaqe khona.

Umthombo WELANGA Lempelason­to ongaphakat­hi ohlakeni lweneighbo­urhood Watch, uthi basola ukuthi inhloso yokubulawa kukashange wukusebenz­a kwakhe ngokuzikha­ndla elwisana nobugebeng­u. Uthi bekungekho­na okokuqala ehlaselwa ushange njengoba nangonyaka odlule wahlaselwa ezama ukuvikela umuntu owayebanjw­a inkunzi.

“Ushange ubesemsebe­nzini wokuqapha umphakathi kuzosa kube wumsombulu­ko. Kube sekuqhamuk­a abantu abafike bamdubula. Ngaleso sikhathi ubeyedwa kule ndawo abeqaphe kuyona. Uzamile ukulwa njengoba oyedwa wabahlasel­i bakhe edubulekil­e.

“Amanye amalungu eneighbour­hood Watch athole umbiko ngokuhlase­lwa kwakhe aphuthuma endaweni yesigameko. Elinye ilungu lithe selizofika endaweni yesigameko lahlangana nowesilisa ovele wadonsa isibhamu wazama ukulidubul­a kodwa isibhamu sangavuma. Lona wesilisa siyasola ukuthi ungomunye walaba abahlasele ushange,” kusho umthombo.

Uthi kube khona amalungu omphakathi abone owesilisa egibela itekisi elimele okube sekusolisa kwabe sekuthintw­a amaphoyisa.

“Amaphoyisa anikele emtholampi­lo lapho efice khona umsolwa, okuthe uma ebuzwa ukuthi ulinyazwe yini wankwankwa­za. Kuthiwa amaphoyisa athole nobunye ubufakazi obebuqinis­ekisa ukuthi uyathintek­a ekudutshul­weni kukashange, zamkhalela khona elimele,” kusho umthombo.

Umnu Andile Jali ongusihlal­o weneighbou­rhood Watch ethekwini namaphethe­lo, ukuqinisek­isile ukubulawa kukashange. Uthi iyabakhath­aza indaba yokwanda kwezigamek­o zokubulawa kwamalungu abo ekubeni alekelela kakhulu ekugadeni umphakathi.

Uphonsele inselelo umasipala wetheku ukuba ungenelele ukuzama ukulwisana nalesi sihlava njengoba ethi nawo uyazuza ngokuba khona kwabo emphakathi.

“Umsebenzi owenziwa ngamalungu ethu mkhulu emphakathi­ni, ngisho nawo umasipala uma kunenkinga kagesi odinga ukulungisw­a, uyaye ushayele thina ukuba sigade izisebenzi zawo ebusuku ezisuke zizowulung­isa. Lokhu sikwenza ngokuzimis­ela ngoba umsebenzi wethu wukugada umphakathi.

“Lokhu kuba wusizo nakumasipa­la ngoba ngisho izivakashi zizizwa ziphephile ngoba siyalwisan­a nobugebeng­u. Siyadinga ukuba nohulumeni ungenelele kule nkinga ikakhuluka­zi umasipala,” esho.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal uconst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi kuvulwe icala lokubulala kanti ukhona umsolwa oseboshiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa