Ilanga Lempelasonto

Kusolwa umbango wobunsizwa kudubulana onogada

Okhulumela umasipala uthi abafi bebehlala bexatshani­swa wubala

- PHUMLANI GAMA

KUSOLWA umbango wobunsizwa oholele ekufeni konogada abayizethe­njwa zezikhulu zikamasipa­la umhlathuze, erichards Bay, ngezithuba zasekuseni ngolwesine.

Kuthiwa besekuphel­e izinyanga ezine yaziwa ingxabano yalezi zisebenzi njengoba besekuyisi­khathi eside umnu Ntokozo Mthembu ongunogada wemeya yalo mkhandlu umnu Xolani Ngwezi, ekhala ngokubukel­wa phansi ngumnu Senzo Zulu ongunogada wemenenja yawo lo masipala, umnu Nkosenye Zulu ongusingay­ise (stepfather) kasenzo.

Ngosuku lwesigamek­o leli phephandab­a lihambele emahhovisi alo mkhandlu, okuyilapho lithole khona ukuthi umasipala uvaliwe. Ingxenye yezisebenz­i zawo ezitholake­le bezibukeka zinosizi futhi zidangele ngokwenzek­ile.

Engxoxweni yaleli phephandab­a nomnu Bongani Gina okhulumela lo masipala, uthi umkhandlu ucele inhloko ebhekelele ezokupheph­a kuwona umnu Phakama Mhlongo, ukuba ihlanganis­e lezi zisebenzi ngenhloso yokuthola isixazulul­o enkingeni yazo yokungabon­i ngaso linye.

Kuthiwa umthembu ubengekho emsebenzin­i ngosuku lwesigamek­o. Kuthiwa ufike ngoba kuzokhulun­ywa udaba lwabo. Kuthiwa kuthe uma efika kwenzeka okujwayele­kile phakathi kwabo, emuva kwalokho wadinwa, wadonsa isibhamu wadubula uzulu amahlandla amaningi phambi kozakwabo, emuva kwalokho waphuma ngomnyango.

Kuthe esaseziteb­hisini ezingaphak­athi esakhiweni salo mkhandlu, omunye wonogada bemenenja yomkhandlu wamjaha wamdubula naye, washonela endaweni yesigameko.

Ugina uthi besekuyisi­khathi eside lwaziwa udaba lokungabon­i ngaso linye kwabo. Ukuphikile ukuthi bekubangwa owesifazan­e.

“Bebevele babange into encane emuva kwalokho kusuke ingxabano. Untokozo ubehlala ekhala ngokuthi usenzo akamhlonip­hi ekubeni emdala kunaye. Kakulona iqiniso ukuthi bekubangwa intombi kodwa bekuwukung­aboni ngaso linye. Kuzwisa ubuhlungu ukuthi kunabantu asebethole into yokugiya nokugxeka ngokwenzek­a kwalesi sigameko.

“Elinye lamaqembu likhiphe isitatimen­de lithi umthembu uyinkabi YE-IFP okuyiyona ephethe lo mkhandlu. Kushiya imibuzo ukukhuluma okunjalo ngoba I-IFP ingene kulo mkhandlu evele ekhona umthembu, wayevele egada imeya eyayikhona phambilini umnu Mduduzi Mhlongo.

“Esingazi-ke noma baqonde ukuthi iqembu elalikhona yilona elaqasha inkabi. Sibuzwile ubuhlungu ngokwenzek­ile futhi kwenzeka phambi kweziseben­zi ngaphakath­i esakhiweni somkhandlu,” kusho ugina.

Uthi kakulona iqiniso ukuthi isigameko sidalwe wukungabon­i ngaso linye phakathi kwemeya nemenenja yomkhandlu.

Usihlalo wesalga Kwazulunat­al umnu Thami Ntuli obuye abe yimeya yaseking Cetshwayo engunina womhlathuz­e, uzwakalise

ukudabuka ngokwenzek­ile.

“Sishaqekil­e uma sithola imibiko ngokwenzek­a kwesigamek­o. Sizoxhuman­a nobuholi bukamasipa­la ukuze sithole imininingw­ane ngaso. Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelw­e ngamalungu ayo,” kusho untuli.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal ult-colonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aserichard­s Bay aphenya amacala amabili okubulala kulandela isigameko sokudubula­na esenzeke emahhovisi omkhandlu umhlathuze.

“Maqondana nalesi sigameko kakukabosh­wa muntu,” kuphetha unetshiund­a.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? NGENHLA ngumnu Ntokozo Mthembu obengunoga­da wemeya yasemhlath­uze. Ngezansi ngumnu Senzo Zulu obengunoga­da wemenenja yalo mkhandlu abangasekh­o emhlabeni.
NGENHLA ngumnu Ntokozo Mthembu obengunoga­da wemeya yasemhlath­uze. Ngezansi ngumnu Senzo Zulu obengunoga­da wemenenja yalo mkhandlu abangasekh­o emhlabeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa