Ilanga Lempelasonto

Banqotshwe yisikebhe 'ababulale umuntu bamfaka othukela'

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

BALIKHISHI­SWE yisihluku senhlangan­o isikebhe iqiniso abalisa abathathu abasolwa ngokubulal­a owesilisa bamuphonsa emfuleni uthukela.

Ngokuthola KWELANGA Lempelason­to, umnu Mxolisi Zikhali (33) wasembongo­lwane, eshowe, wanyamalal­a ngomhla ka-27 kumasingan­a (January) kulo nyaka ngemuva kokuthathw­a ngumngani wakhe wakwamakhe­lwane owathi bathole umsebenzi wokusika ihlathi enkandla, bayosebenz­a khona.

Kuthiwa ekunyamala­leni kukazikhal­i, kungenelel­e isikebhe, sashaya abebesolwa okwenze balihlanza lonke iqiniso.

Ilungu lomndeni esiligodli­le igama lalo ukulivikel­a, lithi uzikhali ufele ukukhuluma imfihlo yomunye wabasolwa yokuthi wabulala owesifazan­e wasendawen­i. Lithi lokhu kukhuluma kwakhe kumdalele amazinyo abushelele­zi ngoba udaba luhambe lwaze lwafika kumsolwa.

“Ngolunye usuku umxolisi uhambe eyovakashe­la umngani wakhe esakhelene naye, wafika wathola ukuthi uyagula kakhulu. Kuthe uma ebuza ukuthi uguliswa yini, wathi lo mngani wakhe selokhu abulala isalukazi sasendawen­i akakutholi ukuphumula, kuqale lapho ukugula, kabukho ubungcono,”

kusho ilungu.

Isalukazi sakwalusho­zi kuthiwa sabulawa ngepiki, saphucwa imali engango-r3 000, kwashiswa nendlu yaso.

Liqhuba lithi umxolisi ukhuziwe emndenini ngokuthi angaluxoxi lolu daba, kungcono alugcine phakathi kwamalungu omndeni wakubo ngoba lubucayi.

“Ngaphambi kokuba anyamalale, waya esikebheni wayobika ukuthi akasapheph­ile emuva kokuba exoxe nabathile ngemfihlo yomngani wakhe ngoba usezwile ukuthi uyasongelw­a,” lisho.

Kuthiwa amalungu esikebhe amutheleke­le ngenduku umsolwa wakhipha nabanye abenabo ngesikhath­i bebulala uzikhali. Kuthiwa bazivumele bona ukuthi bamuthatha kubo bathi makapakish­e izimpahla ngoba kunomseben­zi otholakele enkandla, okuthe uma befika eduze kothukela, bamdubula, bamthatha bamphonsa emfuleni.

Kubikwa ukuthi ijakhethi kazikhali itholakale eduze kosebe lomfula. Umndeni uthi kusukela kunhlolanj­a (February) bekubhekwa isidumbu kodwa kasitholak­ali. Kuvela ukuthi kwehlule ngisho sekukhishw­e zonke izinhlaka zamaphoyis­a abuya elambatha.

“Isibhamu abamudubul­e ngaso basivezile naso sanikwa amaphoyisa,” esho.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal unqobile Gwala, uthi kuboshwe abasolwa abathathu umandla Magwaza (35), umzwenhlan­hla Mdlalose (35) nomuzikhon­a Gcabashe (44).

Uthi bavelile enkantolo yemantshi mhla ka-24 kwephezulu, icala labo lahlehlise­lwa umhla ka-2 kumbasa (April) lapho kulindelek­e ukuba bafake khona izicelo zebheyili. Uthi basolwa ngokubulal­a, ukutholaka­la nesibhamu nezinhlamv­u.

 ?? ?? UMNU Mxolisi Zikhali obulawe ngabangani bakhe waphonswa emfuleni uthukela.
UMNU Mxolisi Zikhali obulawe ngabangani bakhe waphonswa emfuleni uthukela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa