Banqotshwe yisikebhe 'ababulale umuntu bamfaka othukela'
BALIKHISHISWE yisihluku senhlangano isikebhe iqiniso abalisa abathathu abasolwa ngokubulala owesilisa bamuphonsa emfuleni uthukela.
Ngokuthola KWELANGA Lempelasonto, umnu Mxolisi Zikhali (33) wasembongolwane, eshowe, wanyamalala ngomhla ka-27 kumasingana (January) kulo nyaka ngemuva kokuthathwa ngumngani wakhe wakwamakhelwane owathi bathole umsebenzi wokusika ihlathi enkandla, bayosebenza khona.
Kuthiwa ekunyamalaleni kukazikhali, kungenelele isikebhe, sashaya abebesolwa okwenze balihlanza lonke iqiniso.
Ilungu lomndeni esiligodlile igama lalo ukulivikela, lithi uzikhali ufele ukukhuluma imfihlo yomunye wabasolwa yokuthi wabulala owesifazane wasendaweni. Lithi lokhu kukhuluma kwakhe kumdalele amazinyo abushelelezi ngoba udaba luhambe lwaze lwafika kumsolwa.
“Ngolunye usuku umxolisi uhambe eyovakashela umngani wakhe esakhelene naye, wafika wathola ukuthi uyagula kakhulu. Kuthe uma ebuza ukuthi uguliswa yini, wathi lo mngani wakhe selokhu abulala isalukazi sasendaweni akakutholi ukuphumula, kuqale lapho ukugula, kabukho ubungcono,”
kusho ilungu.
Isalukazi sakwalushozi kuthiwa sabulawa ngepiki, saphucwa imali engango-r3 000, kwashiswa nendlu yaso.
Liqhuba lithi umxolisi ukhuziwe emndenini ngokuthi angaluxoxi lolu daba, kungcono alugcine phakathi kwamalungu omndeni wakubo ngoba lubucayi.
“Ngaphambi kokuba anyamalale, waya esikebheni wayobika ukuthi akasaphephile emuva kokuba exoxe nabathile ngemfihlo yomngani wakhe ngoba usezwile ukuthi uyasongelwa,” lisho.
Kuthiwa amalungu esikebhe amuthelekele ngenduku umsolwa wakhipha nabanye abenabo ngesikhathi bebulala uzikhali. Kuthiwa bazivumele bona ukuthi bamuthatha kubo bathi makapakishe izimpahla ngoba kunomsebenzi otholakele enkandla, okuthe uma befika eduze kothukela, bamdubula, bamthatha bamphonsa emfuleni.
Kubikwa ukuthi ijakhethi kazikhali itholakale eduze kosebe lomfula. Umndeni uthi kusukela kunhlolanja (February) bekubhekwa isidumbu kodwa kasitholakali. Kuvela ukuthi kwehlule ngisho sekukhishwe zonke izinhlaka zamaphoyisa abuya elambatha.
“Isibhamu abamudubule ngaso basivezile naso sanikwa amaphoyisa,” esho.
Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal unqobile Gwala, uthi kuboshwe abasolwa abathathu umandla Magwaza (35), umzwenhlanhla Mdlalose (35) nomuzikhona Gcabashe (44).
Uthi bavelile enkantolo yemantshi mhla ka-24 kwephezulu, icala labo lahlehliselwa umhla ka-2 kumbasa (April) lapho kulindeleke ukuba bafake khona izicelo zebheyili. Uthi basolwa ngokubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu.