Ifisa ukuba ngusomlando inyosi yesilo esencane
INEPHUPHO lokuba ngusomlando osezingeni lomhlaba imbongi esencane, edabuka Kwanongoma. Usiphamandla Dlamini (15) ofunda ugrade 10 emasibumbane High School ondini, ufakwe eqoqweni lezimbongi zasendlunkulu kazulu nyakenye.
Leli phephandaba liqaphele ikhono lakhe emcimbini womkhosi womthayi obusesigodlweni emachobeni, engwavuma, ngasekuqaleni kwenyanga.
Engxoxweni ekhethekile NELANGA usiphamandla uveze ukuthi kusukela esemncane, ubekuthanda ukuhasha izibongo zamakhosi akwazulu.
Uthi kuthe eneminyaka ewu-13, waba nenhlanhla yokubona incwadi ekhuluma ngomlando wesizwe samazulu, eyabhalwa ngumntwana ugideon Zulu.
“Kuningi engakuzuza kule ncwadi enesihloko sithi: Umongo
Kazulu.
“Ngemuva kokuyifunda, ngaqala ukuhlangana nabanye abantwana basendlunkulu. Ngahlangana nomntwana us’gobongo Zulu wakwadinabakubo owangifundisa ukulandelanisa izibongo, uma ngihaya.
“Baningi abantwana nothisha ababone ikhono kimi, bangikhuthaza ukuba ngiqhubeke.
“Ngonyaka odlule ngangihaya komunye umngcwabo wasendlunkulu, ngabonwa ngumntwana uvanana Zulu owangitshela ukuthi wazi konke ngami.
“Wangithatha wahamba nami emcimbini wasendlunkulu, lapho khona isilo sasizokhipha ibutho emaqhugwaneni olundi, okuwumcimbi owandulela owasesandlwana.
“Kusukela lapho ngatshelwa ukuthi kufanele ngihlale ngiseduze kukababa ubuzetsheni Mdletshe oyinyosi endala.
“Kuthele izithelo ezinhle kimi ukubekwa eduze kukamdletshe, ngoba kuyaye kuthi simatasa nomsebenzi wokubonga, yena ebe engelusile ukuthi ngisawabiza ngakho yini amakhosi kazulu.
“Kuyaye kuthi emuva komsebenzi asho izincomo aphinde engiluleke lapho okufanele ngilungise khona,” kusho yena.
Uthi unesifiso sokuba ngusomlando.
“Ngosuku lokuvulwa kwesishayamthetho sakwazulu-natal, bengikhona. Emcimbini obukwaceza wokukhunjulwa kwesilo sasosuthu udinuzulu kacetshwayo, bekuyimina nomdletshe, siwubambile umsebenzi.
“Uma izongena ingonyama, besibonga sobabili. Uma isizokhuluma kubonga umdletshe kuphela.
“Mina nabanye siphinde sivele uma isiphuma ingonyama njengoba umthetho usho njalo.
“Isifiso sami wukuba ngikhule kulo mkhakha, ngigcine sengiwusomlando osezingeni lomhlaba.
“Okuningi ngesizwe samazulu, sengifundile ngakho. Izibongo zamakhosi asendlu-nkulu ngiziqala phezulu engonyameni umpande, ngehle nazo kuze kufike kuyona ingonyama esesihlalweni kumanje.
“Maqondana nemali okuthiwa kufanele ngi-yinikwe yindlunkulu eyiholo, kangiyijahile kodwa okwamanje nginesifiso sokugxila emsebenzini wesizwe samazulu, ngoba nami nginegazi lakhona.
“Khona ngeke ngingayemukeli uma nginikwa, kodwa ngisafuna ukukhula kulo mkhakha,” kusho usiphamandla.