Ilanga Lempelasonto

BASALE NEMIBUZO 'INYATHI IBULALA' ILUNGU LOMPHAKATH­I

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

ASALE nemibuzo amalungu omphakathi owakhelene nesiqiwi ihluhluwe imfolozi Park ngasemashi­ya, kulandela isigameko sokufa ngesihluku kowesilisa okuthiwa uhlaselwe yinyathi.

Kubikwa ukuthi lesi sigameko sishiye amalungu omphakathi ethuthumel­e njengoba le nyathi iqale ngokugcalu­za emphakathi­ni ngaphambi kokuba ihlasele ibulale lona wesilisa.

Isikhulu sezemvelo KZN Wildlife, umnu Sihle Mkhize, sidlulise amazwi enduduzo emndenini wesisulu.

“Ngizwakali­sa ukudabuka ngokuthi kugcine kuphuma umphefumul­o ngenxa yokucanasa kwale nyathi,” kusho yena.

Unxuse ukuthi lesi sigameko sibe yisifundo kumalungu omphakathi owakhelene nesiqiwi.

Uqhube ngokuthi banemigomo eqinile ebekiwe ukuqinisek­isa ukuphepha kumalungu omphakathi ezilwaneni zasendle.

“Ngeshwa phezu kwayo le migomo, izigameko ezishaqisa­yo ziyaqhubek­a nokwenzeka ukusikhumb­uza ukuthi kumele sihlale simehlo mane.”

Uqhube ngokuthi basebenza ngokubambi­sana nezinhlaka zomthetho ukuqinisek­isa ukuthi uphenyo luhamba kahle futhi kufinyelel­wa ngokushesh­a esixazulul­weni salolu daba.

“Ithimba lethu lizimisele ukufunda kulesi sigameko ukuze sigwemeke ngokuzayo.”

Umkhize uveze ukuthi akulula ukuthi basheshe bagagule ukuthi kwenzekeni nokuthi iphume kanjani le nyathi esiqiwini.

Esitatimen­deni, abezemvelo baveze ukuthi muva nje babhekene nezingqina­mba zokulwa nalabo abahlasela izilwane ngokungemt­hetho ikakhuluka­zi obhejane, abanqamula izingcingo okubiywe ngazo iziqiwi, ukuze bengene ngaphakath­i.

Baphinde badalula ukuthi bakhona abaqaphi ababhekele­la ukuvikelwa kwezilwane kodwa ngeshwa, kabakwazi ukuba khona yonke indawo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa