Ilanga Lempelasonto

Ingcuphe yomdlavuza wenduku kwabangaso­kile

Ikakhuluka­zi kulabo abangaziph­ethe kahle, abajwayelw­e yizifo zocansi

-

ININGI uma licabanga ngokusoka, liye licabange ukuthi lenzela abesifazan­e ukuba bathokoze ngokweqini­so uma kuyiwa ocansini, kodwa lokho kakulona iqiniso. Lena yindlela yokuthi kube nenhlanzek­o endukwini, unciphise amathuba okuthelele­ka ngezifo, nokuvikela owesifazan­e. Namhlanje sizofunda ngokubalul­eka kokusoka nokuthi kuyini.

KUYINI UKUSOKA?

Ukusoka wukusika noma ususe ijwabu lenduku. Lapha sizokhulum­a ngezizathu zokusoka ezithinta isakhiwo (anatomy) senduku kuphela, hhayi ezosiko noma ezenkolo.

IZIZATHU EZIJWAYELE­KILE ZOKUSOKA YILEZI:

* Ukuzikheth­ela ngoba unesifiso;

* Ukulandela izeluleko zabezempil­o ngoba bezama ukunciphis­a amathuba nokubhebhe­theka kwezifo ezigcina zinengozi empilweni yabesilisa, futhi nokuzelaph­a kube nzima, kubize kakhulu.

Njengalezi, IHIV, iherpes, ighonorrhe­a (drop) nezinye.

* Ukungabi bikho kwenhlanze­ko: ukungcola kwakhelana ngaphakath­i ejwabini kuqaqele ikhanda lenduku, uma ijwabu lingavulwa ligezwe bese liphinde livalwa.

Kulula ukuthi amagciwane abe kulokho kungcola, aphinde abe naso sonke isikhathi sokulimaza isikhumba.

* Umdlavuza wenduku: uma ijwabu lingahlanz­wa, nomnikazi walo ejwayele ukuba nezifo zocansi, amathuba okuba nomdlavuza wenduku aphezulu.

Wumdlavuza omubi-ke lo ngoba uyayidlavu­za uyiqede induku ngaphambi kokusabala­lela ngenhla, ukhubaze sonke isingezans­i.

Ngakho uma unesilonda nje endukwini, ungahlali naso, shesha uphuthume kwabezempi­lo silashwe. Uma usheshe watholakal­a, kulula kakhulu ukuwunqand­a, impilo iqhubeke kahle.

SINJANI ISIMO ESIFANELE SEJWABU?

Ijwabu kumele lizungeze ikhanda lenduku lonke, bese liba lula ukulehlisa ulenyuse, okwesokisi ulikhuphul­a ulehlisa emlenzeni.

NGONJANI UMUNTU OKUMELE NAKANJANI ASOKE?

Uma unejwabu elinembobo encane eliqinile, elingehlis­eki, likhumulek­e (phimosis), noma kanjani udinga ukusoka.

Ngoba ziningi izimo ezingaba umphumela walokhu kungehlise­ki kwejwabu ezingaba yingozi ngokuhamba kwesikhath­i.

Njengokuth­i uma uchama, umchamo uphume kancane, kufutheke ijwabu libe sabhaluni njalo uma uchama, bese lilokhu lincipha-ke kancane njengoba umchamo uphumela ngaphandle, noma uze ukhanule imbala ukuze umchamo uphume wonke.

Lokhu kuziveza kusukela umfana emncane, uma engasoki, kuba nezifo zomchamo, uhlezi ushisa, bese kushintsha kulimale isinye, nezinso imbala ngokuhamba kwesikhath­i. Ngakho okungcono soka.

Uma ijwabu lakho lehliseka kodwa kanzima. Ngaso sonke isikhathi uma ugeza noma wenza ucansi, phinda futhi usheshe ukulenyusa livale, ungaliyeki liphansi.

Lokhu kwenza livuvukale sabhaluni, linsinye ikhanda lenduku, lize liqhekeke libe nesilonda imbala.

Uma uzithola seliqala noma selivuvuke­le sabhaluni lingasenyu­seki, phuthuma esikhungwe­ni sezempilo ungahlali, ngoba unamahora athile okulungisa lesi simo ngaphambi kokuthi liqhekeke libe nesilonda.

Uma isimo sakho senhlanzek­o noma ukuziphath­a kwakho kwezocansi wazi kubudedeng­u, soka.

NGUBANI OKUNGAMELE ASOKE?

Uma ijwabu lakho lingaphele­le, lingazunge­zi induku yonke, lisakepisa­na ngenhla kuphela,

ngezansi kunegebe.

Bonana nabezempil­o kuqala bezokuhlol­a, bakwelulek­e ngaphambi kokuqhubek­ela phambili.

Uma induku ingami iqonde uma iqina kodwa igoba sakubheka phansi. Nawe, bonana nabezempil­o kuqala. Lokhu kuvame ukuziveza kwasebunga­neni.

Uma ijwabu liphelele kodwa ikhanda lenduku lingenayo imbobo esekugcine­ni, kunalokho iyigebe elehlele ngezansi endukwini, kwesinye isikhathi imbobo ikuso qobo isiqu senduku ngaphansi, ilishiyile ikhanda.

Nalona udinga ukubonana nabezempil­o ngokushesh­a kuqala, ungakenzi lutho.

Lezi yizimpawu zokunye okungahamb­i kahle okudinga ukulungisw­a, futhi okudinga ubuchwephe­she obuthe xaxa ukulungisw­a.

Uma ungenaso isiqinisek­o, udinga ukuhlola ubone ukuthi konke kumi ngomumo yini. Kusukela kwabancane kuze kufike kwizimpung­a imbala.

Udkt Pepu utholakala ethe Line Men’s Clinic, ehillcrest. Ungaxhuman­a naye ku- 073 679 9176 ukwenza i-appointmen­t.

 ?? ??
 ?? ?? UDOKOTELA ukhuthaza ukuqapheli­sisa izimpawu ezingaqond­akali ebantwanen­i besebancan­e uma kunzima ukuchama nogwayi ungaqondil­e.
UDOKOTELA ukhuthaza ukuqapheli­sisa izimpawu ezingaqond­akali ebantwanen­i besebancan­e uma kunzima ukuchama nogwayi ungaqondil­e.
 ?? ?? UDOKOTELA ukhuthaza ukusheshe isukunyelw­e inkinga emaqondana nokungehli noma ukunganyuk­i kwejwabu okungadala izinkinga ezinkulu.
UDOKOTELA ukhuthaza ukusheshe isukunyelw­e inkinga emaqondana nokungehli noma ukunganyuk­i kwejwabu okungadala izinkinga ezinkulu.
 ?? ?? UMA abesilisa bekuthola kunzima ukuchitha amanzi, udokotela uthi kumele basheshe bayisukume­le inkinga kungaze kube wumdlavuza.
UMA abesilisa bekuthola kunzima ukuchitha amanzi, udokotela uthi kumele basheshe bayisukume­le inkinga kungaze kube wumdlavuza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa