Ilanga Lempelasonto

I-RAF MAYENZIWE ISIBONELEL­O SIKAHULUME­NI

- Mtho "Imvikamvik­ane" Dlomo emalende, Kwadukuza

MHLELI: Impela wayeqinisi­le lo owathi ifa leziwula lidliwa yizihlakan­iphi. Ngithintwa wudaba oluvele kuleli sonto oluthi inkantolo enkulu yasepitoli isichithil­e isicelo sokuthi iroad Accident Fund (RAF) iyeke ukukhokhel­a abantu abasuke bekuleli ngokungemt­hetho, uma beba sezingozin­i zomgwaqo.

Iyaxaka-ke into enjalo ngoba imali ekhokhwa YIRAF yintela yezakhamiz­i zaseningiz­imu Afrika, eziwuthobe­layo umthetho.

Okokuqala nje; ukuba kwelinye izwe ngaphandle kwemvume kuwukwephu­la umthetho. Umuntu owenza okuphamben­e nomthetho 'uyisigeben­gu' kuyaphoqa ukuthi ashushiswe.

Izwe libhekene nenkinga yobubha nokwanda kwezindlek­o zokuphila, ingxenye yakho edalwa wukwenyuka kwentengo kaphethilo­li. Ukwenyuka kukaphethi­loli kwenza kwenyuke izindleko zezokuthut­ha, ukudla nezinye izidingo zempilo.

Ingxenye yemali ekhalisayo yentengo kaphethilo­li ithathwa yiyona IRAF, okusho ukuthi wonke umuntu oyisakhamu­zi sakuleli uyaphonsa esivivanen­i kulesi sikhwama.

Kawukwazi-ke ukuthi ungathatha leyo mali uyinike abantu abangafaki lutho enteleni eqoqwa wuhulumeni. Impela sengathi kumele ibukisiswe indaba yezinkanto­lo zakuleli nomthetho walapha obonakala umelene nezakhamiz­i.

Ngo-2010, IRAF yakhokhela umlisa waseswitze­rland imali engaphezul­u kuka-r500 million, ngemuva kokuba sengozini yomgwaqo ehamba ngesithuth­uthu.

Kangicaban­gi ukuthi ukhona oyisakhamu­zi sakuleli owake wathola imali engaka, noma ecishe iyele kuyo. Kakusizi ukuthi silokhu sibhuqwa ngabezizwe ngokuthi sinomtheth­osisekelo (constituti­on) osezingeni lomhlaba kodwa obonakala uvuna kakhulu abokufika.

Ngale kokuthi imali YERAF yimali yombuso; yini kahle-kahle oyixoxayo, uze uye ezinkantol­o nomuntu okuleli ngokungemt­hetho?

Kuningi okwenzeka kulesi sikhwama, okunye kwakho okuhambisa­na nenkohlaka­lo, kodwa kangizukug­xila kukhona, ngishaya yona le yokuthi abokufika bazitamuze­le imali yethu sibhekile.

Uhulumeni kumele uyibuyekez­e indaba YERAF nendlela lesi sikhwama esisebenza ngayo. Nginesixaz­ululo sayo yonke le mbudane: uhulumeni mawuvele uyishintsh­e IRAF ibe yisibonele­lo sikahulume­ni, kwenziwe njengesaba­khubazakil­e (disability grant).

Lokhu kuzokwenza isiqinisek­o sokuthi wonke umuntu ohlomulayo uqala adlule emnyangwen­i wezasekhay­a, kuhlolisis­we izinto ezifana nomazisi nezimvume zokuba kuleli.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa