Ilanga Lempelasonto

Uhulumeni ozothatha kuzofanele ubuyise isigwebo sentambo

- Phila Mthethwa

MHLELI: Amaqembu amakhulu aseyidedel­ile imiqulu yezethembi­so zawo ngazokwenz­ela abantu uma enqoba. Nawa amanye 'amathiphu' eqenjini eliyonqoba:ukubuyisa isigwebo sentambo; ukulungisa udaba lwamanzi okukhalwa ngawo izwe lonke nsuku zonke; udaba lwenhlansi (ugesi).

Ungqongqos­he wenhlansi uqashwe ngomhla ka-7 kundasa (March) ngonyaka ofile, sekuphela unyaka golokoqo kule nyanga kakubonaka­li mehluko.

Ukulanda bonke othisha abagcwele egauteng nasempumal­anga beyosebenz­a ngasemakub­o, ukukorobha bonke abantu bokufila abagcwele kuleli ngokungemt­hetho babuyele emakubo.

Ukulungisa lesi simo sokuthi uma kukhona oshonayo noma othatha umhlalapha­nsi emnyangwen­i wezemfundo, isikhala sakhe singavalwa ngoba kuthiwa 'kayikho imali' yokumkhokh­ela. Pho isuke isiholelwa bani lena ebiholwa ngobengaph­ambili?

Namaphoyis­a agada ezikoleni kubanjalo, uma lishenxa emsebenzin­i kaliqashwa elinye.

Ukuqeda lo mthetho othi umuntu ona-35 akasaqashw­a kodwa abantu abashaya lo mthetho bano60 kuya phezulu, bayasebenz­a bona, abanye selokhu bangena ephalamend­e ngo-1994 ngisafunda isikole, kakusukeki namanje. Nomengamel­i WEANCYL ucollen Malatji uke wakhala ngalabo bantu.

Iqembu elizobusa lingabenzi abantu izithutha ezigxaza amathe baze babone.

Ngozibandl­ela (December) odlule umnu Fikile Mbalula wathi kuyoshaya ukhisimusi inkinga kagesi isiwumland­o, washaya wadlula ukhisimusi kwazifanel­a nje. Uma esebuzwa yizintathe­li ngayekushi­lo, impendulo yathi: “Kangiseben­zi kwaeskom mina.”

Kakukhona yini ukwenza abantu izithutha lokho? Kangikholw­a ukuthi umuntu olwaziyo usizi lwenhlansi angavotela umuntu okhuluma kanje.

Uhulumeni omusha kuzomele uzame ukuqasha zonke izifundisw­a ezihleli emakhaya, noma kube khona ezikuthola­yo njalo ngenyanga kuze kube umuntu uyaqashwa.

Makubuyisw­e izikhungo zokuholela abantu abadala emakhaya, nezigebeng­u ezibamba izimoto zemali zizobe zingasekho uma lowo hulumeni uyobe unomthetho oqinile. Zazingaban­jwa ngani izimoto zemali kusaphethe uhulumeni wamaqadasi? Uhulumeni omusha mawusondel­e kubantu nasemadiph­ini. Kusaphethe abelungu kunomuntu owayebizwa ngokuthi umakhizane, wayefika elethe umuthi emadiphini ehamba ngemoto kahulumeni, konke lokho kwaphela, kumele nihlangani­se imali nigibeze umuntu ayowulanda, kokunye angawuthol­i kuthiwa kawukho. Ngeke ukholwe mhleli uma ngingakuts­hela ukuthi izinkomo lapho engikhona zagcina ukudipha ngomhla ka-3 kuzibandle­la ngonyaka odlule. Yini omabhalane bamadiphi bengasahol­i kodwa babehola kusaphethe uhulumeni wamadlagus­ha?

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa