Wagcina ukugqoka isudi nge-farewell yakwagrade 7
NGAPHANDLE KWENKUNDLA:
UBONA ukuzinikela kube yikhubalo elimenze wakwazi ukudlalela amakilabhu amaningi ubradley Cross oyisitobha selamontville Golden Arrows.
Ucross wazalelwa ekempton Park, egoli, ngomasingana (January) ka-2001. Ufunde emaranatha Christian School, khona ekempton Park.
Udlale emakilabhini amaningi okubalwa kuwona imaritzburg United egencwe yizembe ngesizini efile kwidstv Premiership, yashoveleka kwimotsepe Foundation Championship (MFC).
Lo mdlali ubeyingxenye yale kilabhu ngesikhathi ishiya abantu basemgungundlovu bephuke izinhliziyo ngenxa yokulahlekelwa yikilabhu eyigugu kubona esigabeni esikhulu.
Phela iteam of Choice yayiyigcwalise phama iharry Gwala Stadium, mhla yehluleka ukuguqisa icape Town Spurs kowokugcina wokuhlungela ukudlala esigabeni esikhulu.
Ucross udlalile phesheya esikwatini sika-u/19 seschalke 04 yasegermany nesika-u/21 no-u/23 kwinewcastle United yase-england.
Udlalile isikhashana nasenkulisa yebidvest Wits engasekho, nasenkulisa yempumalanga Black Aces, eyathengwa ngujohn Comitis, wayishintsha yaba yicape Town City.
Ucross uthi okumenze wakwazi ukudlalela amakilabhu amaningi wukuthi uyazinikela futhi unothando ngonobhutshuzwayo kusukela ebuncaneni bakhe.
Ingxoxo kacross NELANGA Lempelasonto (I/L) ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:
I/L: Likuphethe kanjani itheku?
Cross: Ngijabule kakhulu ngokuba kule ndawo ethandwa kakhulu yizivakashi, ngizizwa ngithobekile ngokusebenzela lapha.
Ngiqale ukulejwayela leli dolobha ngesikhathi ngisadlala kwimaritzburg, okuyikhona osekwenza izinto zibe lula kakhulu kimina njengamanje.
I/L: Sewudlalele amakilabhu amaningi esikhathini esifushane, yini ekwenza uphokophele kangaka kulo mdlalo?
Cross: Ngicabanga ukuthi iphupho lami lokudlala esigabeni esikhulu yilona elibe nomthelela omkhulu ekuthuthukeni kwami kulo mdlalo. Ukwesekwa engikuthole kubazali bami nakho kungisizile ukufika lapho esengikhona njengamanje.
Ngizoqhubeka nokusebenza kanzima ukuze ngifeze nephupho lami lokudlalela iqembu lesizwe ibafana Bafana?
I/L: Usakhuluma ngebafana, uthini umbono wakho ngezinga layo kulezi zinsuku?
Cross: Ngiyibona ishintshe kakhulu kunakuqala, selokhu ngibuke imidlalo yayo kusukela kwi-africa Cup of Nations (enqotshwe yi-ivory Coast ngonhlolanja - February), ikhombisa ukuyilambela kakhulu impumelelo kanti nebhola elidlalayo liyaheha.
I/L: Yibuphi ubunzima ohlangabezane nabo ngokudlala emakilabhini ahlukene?
Cross: Nakuba kungekuningi kangako kodwa kuhlale kunzima ukwejwayela abadlali abasha.
Nokho ukuba nogqozi yikhona okwenza ngikwazi ukudlula kulesi simo.
I/L: Uyakwazi ukupheka?
Cross: Kangimuhle ngalapho, engikwaziyo nje wukwenza izinto ezimbalwa ezilula.
I/L: Ngabe usushadelwe?
Cross: Lutho, ngisemncane kabi kodwa nginaso isinqandamathe sami engisithandayo.
I/L: Ukhona ezinkundleni zokuxhumana?
Cross: Yebo, ngikhona kwi-instagram, ngingubradley Cross (@brxd.cross).
I/L: Utshabaza ngamotoni?
Cross: Ngihamba nge-audi A3.
I/L: Uma ungekho matasa, usichitha ngani isikhathi sakho?
Cross: Kangiyena umuntu owuvanzi kakhulu, kodwa uma kwenzekile ngathola isikhathi, ngiyaye ngithathe umuntuza wami siye olwandle, siyozipholela khona.
I/L: Yimuphi umbala owukhonzile?
Cross: Ngikhonze kakhulu omnyama.
I/L: Uyawagqoka kodwa amasudi?
Cross:
Lutho, mhlawumbe ngagcina ukuyigqoka nge-farewell yakwagrade 7.
I/L: Yiliphi izwe ongathanda ukulivashela uma uthola ithuba?
Sengihambele amazwe amaningi, engingakuthokozela kakhulu ukuya kulona yifrance.
I/L: Ukhule ulandela yiphi ikilabhu kunobhutshuzwayo?
Cross: Ngikhule ngilandela iliverpool yase-england, kanti umdlali engikhule ngimthanda kakhulu ngusteven Gerrard owayengumdlali ongaconsi phansi kule kilabhu.
I/L: Yisiphi isilwane osithandayo nosesabayo?
Cross: Ngithanda ibhubesi ne-black panther kanti engisisaba kakhulu yingwenya.
I/L: Ungabeluleka uthini abadlali abasakhula, abafisa ukuhamba ezinyathelweni zakho?
Cross: Kufanele bazi ukuthi kakukho okwedlula ukuzimisela nokuzinikela kukhona konke okwenzayo
empilweni.