Ilanga Lempelasonto

Akunathemb­a ngethimba ‘elizokhucu­lula itheku’

Bathi konakale phambi kwemeya yedolobha nondunanku­lu wasekzn

- BHEKI NDLOVANA

AMAQEMBU epolitiki aphikisayo ethekwini kawakholwa wukuthi kukhona umehluko ozodalwa yithimba eliyisipes­heli likamengam­eli wezwe umnu Cyril Ramaphosa, okuthiwa lizolungis­a izinkinga zetheku.

Athi futhi leli thimba uramaphosa athi uselisungu­lile, belingakaz­e libikwe ngokusemth­ethweni nasemkhand­lwini wetheku.

Ngokusho kukamengam­eli, leli thimba lizobe liholwa ngunkk Phindile Baleni ongumqondi­sijikelele ehhovisi likamengam­eli, ebambisene nomnu Michael Mabuyakhul­u owake waba ngungqongq­oshe wezokuthut­hukiswa komnotho nezokuvaka­sha Kwazulu-natal, undunankul­u wesifundaz­we unkk Nomusa Dubencube, nemeya yetheku umnu Mxolisi Kaunda.

Umnu Thabani Mthethwa ohola idemocrati­c Alliance (DA) ethekwini, uthe bona balithatha njengento engekho leli thimba ngoba kalikaze lethulwe ngokusemth­ethweni emkhandlwi­ni. Nakuba beke bezwa imeya iphawula kancane ngalo.

Uthi beyida kade besho ukuthi makungenel­elwe kulethwe uguquko ethekwini.

Umthethwa uthi cishe okungasiza wukuba kusetshenz­iswe isigaba 139, somthethos­isekelo ogunyaza ukuba kuqokwe umlawuli ozophatha umasipala.

Njengoba kuleli thimba eliyisipes­heli kukhona nayo imeya, umthethwa uthi kababoni lizoza nomehluko njengoba linomuntu othathwa 'njengohlul­ekile ukuhola itheku'.

Umholi wenkatha Freedom Party (IFP) ethekwini, umnu Mduduzi Nkosi, naye uthi akakhumbul­i leli thimba lethulwa ngokusemth­ethweni emkhandlwi­ni wetheku. Uthi njengoba kukhona nemeya kulona, bayazibuza ukuthi mnikelo muni ezowenza ekulungise­ni isimo sasethekwi­ni njengoba vele ithathwa njengomunt­u owehluleki­le wukulungis­a isimo sedolobha.

Uthi bayazibuza nokuthi yena undunankul­u wesifundaz­we yikuphi azosiza ngakho kuleli thimba ngoba izinto zonakale ekhona futhi eyisakhamu­zi sasethekwi­ni. Ugcizelela ukuthi into esemqoka kakhulu ekulungise­ni isimo sasethekwi­ni wukwethemb­eka, kuphunyelw­e obala ngomnyombo wezinkinga.

“Ngicabanga ukuthi wonke umuntu angajabule­la noma yiluphi usizo lokungenel­ela ethekwini kodwa kudingeka iqiniso,” kusho unkosi.

Uthi kufanele kukhulunyw­e iqiniso ngokuthi yini ngempela inkinga yasethekwi­ni - wathi uma kungaphuny­elwa obala ngomnyombo wezinkinga, imizamo yokungenel­ela ngeke iphumelele.

Naye uveze umbono wokuthi akakholwa wukuthi kukhona usizo imeya ezoba nalo kuleli thimba likamengam­eli, kodwa ezokwenza wukuzama ukuzivikel­a uma kwenzeka iminwe ikhomba ngakuyona ngezinye izinkinga zasethekwi­ni.

Uramaphosa uthi leli thimba lizogxila kakhulu ekubhekane­ni nezinselel­o zetheku njengenkin­ga exakile yokuphakwa kwamanzi,

wukuwohlok­a kwengqalas­izinda, nendlela osebenza ngayo umasipala. Uramaphosa uthi inhloso wukuguqulw­a kwesimo setheku esingesihl­e, likwazi ukuphinde ligqame, libuyelwe wudumo lwakuqala.

“Ngifuna leli thimba lingibikel­e njalo ngemuva kwamasonto amathathu, lingitshel­e ukuthi silimisa kanjani itheku, nokuthi sibhekana kanjani nezinselel­o zasethekwi­ni.

"Leli yithimba elizovusel­ela kabusha itheku, liphucule isimo sechweba lasethekwi­ni,” kusho uramaphosa.

Uramaphosa waqala ukukhuluma ngaleli thimba

ngasekuphe­leni kukanhlola­nja (February) nonyaka, njengoba ephinde wamemezela ngalo futhi ngolwesine.

Ngonyaka odlule kwavela ukuthi kuthathwe isinqumo sokuletha ithimba lochwephes­he eliqokwa ngokwesiga­ba 154, somthethos­isekelo wezwe, ebelizolun­gisa izinkinga ethekwini.

Lelo thimba kwathiwa lizoholwa ngudkt Cassius Lubisi owayengumq­ondisi jikelele ehhovisi likamengam­eli wezwe, nokho yabuye yaphelela emoyeni indaba yalo.

 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? UMENGAMELI umnu Cyril Ramaphosa othi kunethimba eliyisipes­heli elizolungi­sa izinkinga zetheku.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE UMENGAMELI umnu Cyril Ramaphosa othi kunethimba eliyisipes­heli elizolungi­sa izinkinga zetheku.
 ?? ?? NGUMNU Mxolisi Kaunda oyimeya yetheku nonkk Nomusa Dube-ncube ongundunan­kulu wesifundaz­we.
NGUMNU Mxolisi Kaunda oyimeya yetheku nonkk Nomusa Dube-ncube ongundunan­kulu wesifundaz­we.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa