Ilanga Lempelasonto

INTAKA IBEKELWE AMAZOLO NAMUHLA KOKAMASKAN­DI

- MTHOBISI SITHOLE ILANGA mthobisis@ilanganews.co.za

INTAKA ibekelwe amazolo namhlanje kwimother of All Maskandi Festival, epeople's Park, ethekwini.

Amaciko kamaskandi abesembang­weni wemoto iquantum, ebekelwe umculi ozodla umhlangani­so ngokuvotel­wa kakhulu.

Lo mcimbi ohambisana nomncintis­wano, kubhekwe ngamehlo abomvu phakathi kukagatshe­ni nosolwazi weqembu AMANMZ okuyibona okuvalwe umncintisw­ano behubhana ngevoti.

Umgqugquze­li womcimbi umnu Eric Ngobe, uthi phakathi kwamabili namhlanje ngomgqibel­o, kuyobe sekucacile ukuthi ngubani umculi okhale wemuka nomklomelo wemoto.

“Abathandi bakamaskan­di bamvotele umculi abafisa ahlomule ngemoto.

Ngakho-ke, namuhla konke kuzohlala obala,” esho.

Ungobe ugcizelele ukuthi izikhali kazivumele­kile emcimbini. Amaphoyisa uthe azoqinisek­isa ukuthi akungeni okungalung­ile. Uthe umthetho obekwe ngamaphoyi­sa ngowokuthi ama-cooler box anama-ice kawavumele­kile ngoba abanye bafihla kuwona izibhamu.

“Kalingeni ibhodlela, kodwa utshwala bukhona ngaphakath­i, ungafika uphethe i-cooler box ingenaluth­o, nayo ezongena ngo-r50. Izikibha zepolitiki kazivumele­kile, isandla sizoqinisw­a kakhulu emcimbini,” kusho ungobe.

Amathikith­i azobe etholakala ezitolo kwaspar ngo-r100 naseticket­s Pro, kodwa esangweni abiza u-r150.

Uveze nokuthi abaculi abebeqhude­lana, bazocula ngokukleli­swa ngokwamavo­ti abawatholi­le. Kulo mcimbi kuboshelwe abaculi okubalwa kubona Amawele kamamtshaw­e, utornado, umenzi, imfezemnya­ma, ubahubhe, uqalindaba, Izingane Zoma, Izintombi zikamjapha­ne, Khuzani, igcokama Elisha, Abafana bakamgqume­ni, Inkosi Yamagcokam­a, umdumazi, udumakahle, uvumile Mngoma, usmirnof, ithwasa Lekhansela, Ezechalaha, Amageza Amahle, Amavikela Mbuso, osukasambe, ugadla Nxumalo nabanye. Lo mcimbi wesekwe wumsakazo ukhozi FM, iphephanda­ba

nabakwavib Mobile.

 ?? ?? UMCULI kamaskandi imfezemnya­ma, ingomunye wabaculi abazojabul­isa abantu kwimother of All Maskandi Festival, epeople's Park, ethekwini namhlanje.
UMCULI kamaskandi imfezemnya­ma, ingomunye wabaculi abazojabul­isa abantu kwimother of All Maskandi Festival, epeople's Park, ethekwini namhlanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa