Ilanga Lempelasonto

Usezibeka phansi izintambo umethuli wezindaba KUSABC 1

Uvalelise kubabukeli ekhasini lakhe lefacebook

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

USETHI khumu umethuli wezindaba zesizulu KUSABC 1, unkk Noxolo Mwali, umamtshali, ngemuva kweminyaka ewu-15 efunda izindaba kulesi sikhondlak­hondla somsakazel­i womphakath­i.

Le ntokazi iqale ukufunda izindaba ESABC ngo-2009, ifunda izindaba zezingane, yakhula yabika isimo sezulu, njengoba igcine isifunda ezasemini nezasebusu­ku.

Kuthe ngonyaka odlule yethula uhlelo lwamahora amane lwasekusen­i olusihloko sithi: Ekhaya Jikelele, oludlala KUSABC Channel 404.

“Kayikho into ebengiyith­anda njengokufu­nda izindaba zesizulu, ukuqhakamb­isa ulimi lwethu.

“Ngifunde lukhulu, ngakhula njengometh­uli wezindaba,” kusho umbhalo ekhasini lakhe lefacebook, etshela ababukeli ukuthi ngomhla ka-27 Ndasa (March) bekuwusuku lwakhe lokugcina efunda izindaba kulesi siteshi.

Uveze ukuthi kumephule inhliziyo ukumemezel­a ukuthi ubegcina ngenyanga eyedlule.

“Ngebhadi yonke into iba nesiphetho. Ngiyabonga kwabakwasa­bc ngethuba (abanginike lona),” kuchaza yena. “Nginithand­a kakhulu sizwe sikaphunga nomageba, nalabo abangasikh­ulumi isizulu, abebengila­lela yize bengaqondi ngisho elilodwa igama engilishoy­o. Unkulunkul­u anibusise, futhi unami nakulesi sikhathi, ngiyamethe­mba.”

Yize uveze izindaba zokuthi useyashiya ukufunda izindaba ESABC, akakuvezan­ga ukuthi useyoseben­za kuphi.

ILANGA Lempelason­to lizamile ukuxhumana naye ukuze lithole kabanzi ngokushiya kwakhe, waphendula kanje: “Umoya wami kawumuhle kahle namhlanje, ngicela ningithume­lele imibuzo khona ngizoyiphe­ndula,”.

Imibuzo athunyelel­we yona kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela zingakabuy­i izimpendul­o zayo.

 ?? ?? Uphinde wabonga nababukeli ngothando abebemnike­za lona nemiyalelo emihle yokumeseka.
NGUNOXOLO MWALI
Uphinde wabonga nababukeli ngothando abebemnike­za lona nemiyalelo emihle yokumeseka. NGUNOXOLO MWALI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa