Ilanga Lempelasonto

ODOKOTELA BATHI KABASAZETH­EMBI IZITHEMBIS­O ZIKAHULUME­NI

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

KABENEME odokotela ngokuthi ungqongqos­he wezempilo Kwazulu-natal, unkz Nomagugu Simelane, uye kwabezinda­ba engaxoxisa­nanga nabo.

Udkt Siphesihle Mlambo osekomidin­i lodokotela abangasebe­nzi uthi: “Ukhulumile ezindabeni kodwa akakaze ahlangane nathi, futhi akushoyo akuhambisa­ni nokushiwo yinhloko yomnyango, udkt Sandile Tshabalala,” esho.

Uthi emhlanganw­eni ababe nawo ngolwesibi­li, kabazange bagculisek­e ngezimpend­ulo abazitholi­le, yingakho bezoqhubek­a nokuhlala enatalia, emgungundl­ovu njengoba beqale ukuqhinqa khona kusukela ngolwesibi­li ekuseni, bachitha ubusuku khona.

“Kunyakamal­i omusha, bathembisa ukuthi kuzoba nemali ezokwengez­wa emnyangwen­i wezempilo, ukuze kuqasheke odokotela, manje sebethi isifundazw­e kasinayo imali, bathole ukuthi banesikwel­etu sika-r2.9 billion sonyakamal­i owedlule.

“Akekho ozimisele ngokuphend­ula ukuthi siyaqashek­a yini noma cha.

“Kasisabeth­embi, yingakho sizoqhubek­a sihlale size sithole inkulumo eqondile,” echaza.

Uthi bafisa ukusuka enatalia sebazi ukuthi inqubo abazoyiseb­enzisa yokuqasha seyikuphi. “Uma bethi bayazikhan­gisa izikhala zomsebenzi, sizofaka izicelo sihleli khona enatalia, noma iyiphi inqubo ezoqala, sizoyiqala sihleli khona,” esho.

Uthi njengamanj­e bawu- 65 odokotela abanabo abangaqash­iwe.

Lo mbhikisho ulandela owangomhla ka-12 kunhlolanj­a (February) lapho abanika khona umnyango wezempilo amasonto amabili ukuba uphendule, kepha wangabaphe­ndula.

Baphinda babhikisha futhi mhla zimbili kundasa (March), okuyilapho begcine bexoshwa ngamaphoyi­sa ebusuku, abakhiphel­a ngaphandle kwebhilidi.

Ekhuluma ngokuqhinq­a kodokotela ubusuku bonke enatalia, ungqongqos­he Simelane uthe, kuyishwa ukuthi odokotela bagcine belale ngaphandle ngenxa yokuthi kabakwazan­ga ukuhlangan­a nodkt Sandile Tshabalala obematasa neminye imisebenzi kahulumeni.

Uthe ezingxoxwe­ni zabo, bavumelene ukuthi kunezikhal­a eziningi ezingenabo odokotela, kodwa ngenxa yokuthi imali kayenele kwenza kube nzima ukuqasha bonke odokotela.

Uthe ngolwesith­athu bewumnyang­o bavumelene nodokotela ngokuthi bazokhangi­sa izikhala, baqashwe.

Ngokujwaye­lekile isibhedlel­a ngasinye kuba yisona esizikhang­iselayo, siqashe odokotela kodwa uthi kulokhu kuzokwenzi­wa yihhovisi likadkt Tshabalala, kulandelwa imigudu efanele.

 ?? ?? NGODOKOTEL­A belinde iziphathim­andla zomnyango wezempilo Kwazulunat­al.
NGODOKOTEL­A belinde iziphathim­andla zomnyango wezempilo Kwazulunat­al.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa