Ilanga Lempelasonto

‘MAYITHATHE­LWE PHEZULU EYOKUNUKUB­EZWA KWABESILIS­A’ - OYOMELA ELAKULELI EDUBAI

-

THANDOLUHL­E NGUBO

LITHOKOZIS­WE wukuthola ithuba eliyingqay­izivele ibhungu lasemgungu­ndlovu, elithole isimemo sokuba yisikhulum­i engqungqut­heleni ibest Diplomat Conference, ehlelwe yi-united Nations Educationa­l, Scientific and Cultural Organizati­on (UNESCO), ezoba sedubai, ngomhla ka-17 kuya ku-21 kunhlaba (May) nonyaka.

Umnu Lusanda Sikhakhane (20) (osesithomb­eni) utshele leli phephandab­a ukuthi lesi simemo usithole ngenxa yomsebenzi wakhe awenza ngenhlanga­no yakhe engenzi inzuzo, ithe LES Foundation, egxile ekugqugquz­eleni abantu besilisa abake baba yizisulu zokunukube­zwa ngokocansi ukuba baphumele obala ukuze bathole usizo olufanele, mahhala.

“Ngo-2022 nganquma ukusungula le nhlangano ngenhloso yokusiza abantu besilisa abayizisul­u zokudlweng­ulwa.

“Ngeke sikubaleke­le ukuthi lena yinkinga eyenzekayo lapha eningizimu Afrika, kodwa enganakeki­le ngoba isikhathi esiningi izigameko zokudlweng­ulwa zinakeka kwabesifaz­ane nezingane.

“Uma laba besilisa sebephumel­e obala, siyaye senze yonke imizamo yokuthi bathole usizo ezinhlaken­i ezifanele,” echaza.”

Uthi inhlangano yakhe ibambisene kakhulu nomnyango wezokuthut­hukiswa komphakath­i, Kwazulu-natal, nezinye izinhlaka ezifaka phakathi abeluleki bengqondo njengoba isehlo sokunukube­zwa siyihlukum­eza ingqondo, okwenza ezinye zezisulu zigcine sezinodlam­e.

“Okuhle ngale nhlangano wukuthi kunosonhla­lakahle esisebenzi­sana nabo esibahlinz­ekwa wumnyango wezokuthut­hukiswa komphakath­i, nabeluleka ngokomqond­o. Kuba sesisulwin­i ukuthi sithanda ukuqale sibonane namuphi kulaba, kanti izisulu kazikhiphi mali ngokubonan­a nabo,” kusho usikhakhan­e.

Uthe isimemo sokuba yingxenye yale ngqungquth­ela simthokozi­se kakhulu njengoba ezoshiyela­na inkundla nabanye bakwamanye amazwe.

Uthi inkulumo yakhe izobe igxile kakhulu kukhona ukunukubez­wa kwabantu besilisa.

“Uma ngibheka ohlwini, yimi ngedwa ozobe emele iningizimu Afrika. Ngizobe ngikhuluma ngakho lokhu engikwenza kwi-foundation ngoba kungenye yezinto ezigcina zidale obunye ubugebengu uma zingalungi­siwe.

“Kwesinye isikhathi uthola ukuthi omunye usenukubez­a abanye ngenxa yesilonda esingalaph­ekile, esingaphak­athi kuyena, omunye abe nolaka nasezingan­eni zakhe uma eshadile, okuholela ekwandeni kwamacala odlame lobulili,” echaza.

Usikhakhan­e uthe konke sekumi ngomumo ohambweni lwakhe njengoba zonke izindleko zohambo zikhokhelw­e yizinhlang­ano i-aurum ne-uthingo Network, ezingeziny­e zalezi ezilekelel­a ngosizo lwezomqond­o enhlanganw­eni yakhe.

Uthi unethemba lokuthi le nkinga yokunukube­zwa kwabesilis­a izogcina ithathelwa phezulu njengeziny­e kuleli.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa