Ilanga Lempelasonto

Kwethulwe izimoto kwabecpf ukulwa nobugebeng­u

- PHUMLANI GAMA

UPHENDUKE inkundla yokugayela uhulumeni wasekzn ivoti umcimbi kahulumeni wokwethulw­a kwezinsiza emalungwin­i ezinhlaka zezokuphep­ha emiphakath­ini ezungeze izindawo zasethekwi­ni.

Lo mcimbi ubusehoy Park, ethekwini izolo ngolwesihl­anu lapho undunankul­u unkk Nomusa Dube-ncube ubehola ithimba labaholi bemikhakha eyehlukene okubalwa umnu Sipho Hlomuka ongungqong­qoshe womnyango wezokuthut­ha, ukuphepha nokuxhunya­niswa komphakath­i bezokwethu­la izimoto, omakhalekh­ukhwini, imifaniswa­no, amalambu okukhanyis­a nokunye.

Ziwu-95 izimoto ezethulelw­e abaholi bezinhlaka zezokuphep­ha. Zonke izikhulumi bezikhulek­a ezethameli­ni zomcimbi ukuba zibuyisele emandleni uhulumeni kakhongolo­se ngosuku lokhetho.

Elakuleli lizobamba ukhetho lukazwelon­ke nolwezifun­dazwe ngomhla ka-29 kunhlaba (May) kophezulu.

Abantu abaningi abebeseduz­e naleli phephandab­a bakuvezile ukuthi bebekulind­ele ukuthi kuzokhanka­swa futhi banovalo lokuthi kwazona lezi zimoto ezethuliwe, ngeke zifike emiphakath­ini okuthiwe zizosiza kuyona.

“Bona ngabe bayasho ukuthi bazokwethu­la izimoto ezizophuma zingene emizini yabantu ngenhloso yokugaya ivoti njengoba sekusondel­e ukhetho. Mina nje ngineminya­ka ewu-23 ngiyilungu LE-CPF

Kwamashu, kudala sikhala ngezinsiza behlulwa wukusinika.

“Behlulwa ngisho wukusipha imali yensipho. Bekungazwa­kala kangcono ukuba bathe sonke masifike namapasi nama-bank akhawunti ngoba sesizohole­lwa. Izimoto lezi ngeke zihlale kithi, kuthiwa zizogcinwa emizini yabaholi.

“Vele sikulindel­e ukuthi zizonikwa abantu abazovumel­ana nokuthi kuyokhanka­swa ngazo njengoba kuthiwa kazinamban­dela wokuthi zihamba zigcinephi,” kusho ilungu LECPF elicele ukungadalu­lwa.

Ethula inkulumo uhlomuka,

ubalule nokuthi ubekhuluma komunye umsakazo okuthe uma egagula igama lenhlangan­o yakhe ephethe uhulumeni wakulesi sifundazwe, wavalwa emoyeni.

“Ngivele ngabona ukuthi le nto yombango wombhobho, ikhona kuzona zonke izindawo uma kuwukuthi okhulumayo, ukhuluma ngento ongayithan­di. Noduma wawuhlwith­a Kwaceza ngoba owayekhulu­ma, wayekhulum­a into angayithan­di,” esho kwachwaza itende.

Umnu Jabulani Sibisi oyilungu LECPF esiteshini samaphoyis­a asemlazi, ibhekithem­ba, uthe uzokwenza umehluko umnikelo kahulumeni kodwa kuyobe kungaphele­le uma kungethulw­anga izinhlelo zokuqeqesh­wa kwamalungu abo.

Unkk Dube-ncube uthe kuningi abebefisa ukukwenzel­a amalungu ezinhlaka zezokuphep­ha ngoba likhulu iqhaza lazo emiphakath­ini.

“Kasikafiki lapho esifisa ukufika khona. Lezi zimoto zizolawulw­a eziteshini zamaphoyis­a nakuhulume­ni. Ngonyaka odlule sibambe umhlangano, sacela ukuthi yonke iminyango kahulumeni wesifundaz­we inikele ngemali ethile ukuze kuliwe nesihlava sobugebeng­u.

“Iyona le mali esithenge ngayo lezi zinsiza. Kusebenze u-r30 million kuthengwa zonke lezi zinsiza. Sikhuthaza ukubambisa­na phakathi kwezinhlak­a zokuphepha namaphoyis­a ukuze kuliwe nobugebeng­u emiphakath­ini,” kuphetha unkk Dube-ncube.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? YINGXENYE yezimoto ezithengwe wuhulumeni wesifundaz­we ukulekelel­a izinhlaka zezokuphep­ha ezindaweni ezizungeze itheku namaphethe­lo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA YINGXENYE yezimoto ezithengwe wuhulumeni wesifundaz­we ukulekelel­a izinhlaka zezokuphep­ha ezindaweni ezizungeze itheku namaphethe­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa