Ilanga Lempelasonto

Sengathi asezokwenz­a siphile kahle amaphoyisa kajenene umkhwanazi

- Thulani Mahlobo ethekwini

MHLELI: Ngisuswa yile ndaba yokubulawa kwabesilis­a abawu-9 ngamaphoyi­sa ngolwesith­athu ezintatha emariannhi­ll ngaphandle kancane kwasepinet­own, entshonala­nga yetheku.

Ngesikhath­i ngiqala ukuzwa ngalolu daba kumabonaku­de ezintatha zangawo ulwesithat­hu, ngibe nokusola ukuthi kungenzeka ukuthi amaphoyisa sengathi aqinise kakhulu isandla kulezi zinsizwa.

Nokho ngokuhamba kosuku umqondo wami ujikile sengizwa usizi lwezisulu ebezikhala ngesihluku ebezithi zikholwa wukuthi besenziwa ngabafi.

Kunomama obalise ngokuthi kwadlwengu­lwa indodakazi yakhe ekhona endlini - wubulwane obunjani nje lobo? Ngiphinde ngafunda nakulona leli phephandab­a ngolwesine ngobezikha­lela ngokuthi wadlwengul­wa phambi kwesoka lakhe, izelelesi zishintsha­na ngaye izikhawu ezine.

Kangiyisay­iphathi-ke eyalo mama obezikhale­la ngokuthi umyeni wakhe wamodelisw­a phambi kwakhe namadodaka­zi akhe ehamba-ze, ngumuntu onjani owenza isihluku salolu hlobo?

Kuthe uma sengimunyu­nga zonke lezi zigameko, ngabona ukuthi amaphoyisa enze umsebenzi oncomekayo laphaya. Ngizwile nje kancane kuthiwa kunomndeni okhala ngokuthi indodana yawo ithole amachaphaz­elo kungafanel­e ngoba beyizihlal­ele kwamakhelw­ane wayo.

Umbuzo enginawo ngothi uhlala kanjani nabantu okwaziwayo ukuthi bayimigulu­kudu uma wena ungesiwona futhi wenzani nabantu abanukwa ngokuganga ebusuku kwesikabha­dakazi? Uma bekukhona 'nabafana abazilunge­le' njengoba abanye besho kanjalo, bebenzani pho ebusuku kangaka nabantu okutholaka­le kubona izibhamu ezingekho emthethwen­i?

Konke kungenze ngavele kangaze ngaba nalo ngisho noluncane uzwelo emindenini yabo bonke abasale enkundleni ngesikhath­i itholene phezulu namaphoyis­a kajenene unhlanhla Mkhwanazi ongumkhuzi wamaphoyis­a Kwazulu-natal - abukeka enza umsebenzi oncomekayo ethekwini namaphethe­lo ngokushane­la izigilamkh­uba emigwaqwen­i.

 ?? ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE ?? UMFUNDI WELANGA uthi wethulela amaphoyisa isigqoko ngomsebenz­i oncomekayo wokukhucul­ula 'izinswelab­oya' ebezihlali­se lubhojozi umphakathi njengoba ngolwesith­athu kufe eziwu-9 emariannhi­ll.
ISITHOMBE NGU: NHLANHLA GUMEDE UMFUNDI WELANGA uthi wethulela amaphoyisa isigqoko ngomsebenz­i oncomekayo wokukhucul­ula 'izinswelab­oya' ebezihlali­se lubhojozi umphakathi njengoba ngolwesith­athu kufe eziwu-9 emariannhi­ll.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa