Ilanga Lempelasonto

Iyisoka inkulumo yokuthi yisilo okumele sizithathe­le isinqumo ngolwakwac­eza

- Phila Mthethwa

MHLELI: Isigameko esenzeka Kwaceza - phambi kwesilo umisuzulu kazwelithi­ni, umengameli wezwe umnu Cyril Ramaphosa, undunankul­u wakwazulu-natal unkk Nomusa Dube-ncube, amakhosi, izinduna nezinye izikhulu zikahulume­ni - sekuya ngokuya kuyadamba ukukhuluny­wa ngaso kwabezinda­ba nakuba kusamele kulungiswe okuthile ngaso, kulungiswe ngabathint­ekayo.

Ngayithand­a inkulumo kamnu VF Hlabisa uma ethi yisilo kuphela esiyobona ukuthi abasusa uthuthuva phambi kwaso sibaqondis­a futhi sibajezisa kanjani nxa kukhona isidingo. Inkulumo lena ecwengekil­e, enokwakha uxolo, engaqhathi bantu futhi engenakuxh­amazela.

Manje izinkulumo sezizining­i kakhulu ngalolu daba eziqhamuka emaceleni, hhayi esilweni nasendlunk­ulu. Njengokuth­i kukhona okumele bahlawulis­we ikhulu lezinkomo, uma kunjalo kumele kwenzeke kodwa umuntu okumele athathe leso sinqumo yinhloko yesizwe samazulu.

Thina esiphansi singasola nje njengoba sisola kwabezinda­ba, kodwa kasinawo amandla okuhlawuli­sa abantu abagcwelez­a phambi komdala wesizwe. Eze athathelwe izinqumo nje ekhona yingoba kwenzenjan­i? Okunye okwenzeka laphaya wukunenebu­lwa kwabantu ababeye emcimbini.

Babeshaywa ngamanye amazulu nabo bengamazul­u. Kuyadabuki­sa lokho futhi kuyinhleki­sa kwezinye izizwe. Kangiqondi ukuthi

ababeshayw­a babeshayel­wani, benzeni? Kodwa futhi kangihambi­sani nokuthi babeshaywa yinkatha njengoba babesho. Ungamahlul­ela kanjani umuntu okushayayo ukuthi ukuliphi iqembu lezepoliti­ki?

Ngangithi isilo sasizophaw­ula ngalokhuya khona Kwaceza noma sikhiphe isitatimen­de esiqinile ngalowaya mhlolo owenzeka. Kubhekwe okhethweni manje, abaholi bezombusaz­we, abezenkolo, abomdabu nanoma-ke kumuphi umkhakha ongaphansi komthunzi welanga kumele baqoqe

ulimi, bangakhulu­mi izinkulumo ezizoqhath­a abantu.

Uma ubukisisa esigamekwe­ni sokushaywa kwabantu Kwaceza, kwakususwe yizinkulum­o zabaholi kodwa kwagcina sekulimala abantu abasemazin­geni aphansi, ababengenz­e lutho.

Nabo abantu mabakuyeke ukuthi basuke emakhaya baye emicimbini yesizwe bafike badinde abantu. Uma kukhona okuphazami­sayo bikela izinduna zamabutho, zikhonela lokho.

 ?? ?? UMBHALI uthi yisilo umisuzulu kuphela okumele sithathe isinqumo ngokuthi ixazululwa kanjani eyesigamek­o esenzeka Kwaceza phakathi kukamnu Siboniso Duma nondunanku­lu kazulu umfu Thulasizwe Buthelezi.
UMBHALI uthi yisilo umisuzulu kuphela okumele sithathe isinqumo ngokuthi ixazululwa kanjani eyesigamek­o esenzeka Kwaceza phakathi kukamnu Siboniso Duma nondunanku­lu kazulu umfu Thulasizwe Buthelezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa