Iyisoka inkulumo yokuthi yisilo okumele sizithathele isinqumo ngolwakwaceza
MHLELI: Isigameko esenzeka Kwaceza - phambi kwesilo umisuzulu kazwelithini, umengameli wezwe umnu Cyril Ramaphosa, undunankulu wakwazulu-natal unkk Nomusa Dube-ncube, amakhosi, izinduna nezinye izikhulu zikahulumeni - sekuya ngokuya kuyadamba ukukhulunywa ngaso kwabezindaba nakuba kusamele kulungiswe okuthile ngaso, kulungiswe ngabathintekayo.
Ngayithanda inkulumo kamnu VF Hlabisa uma ethi yisilo kuphela esiyobona ukuthi abasusa uthuthuva phambi kwaso sibaqondisa futhi sibajezisa kanjani nxa kukhona isidingo. Inkulumo lena ecwengekile, enokwakha uxolo, engaqhathi bantu futhi engenakuxhamazela.
Manje izinkulumo seziziningi kakhulu ngalolu daba eziqhamuka emaceleni, hhayi esilweni nasendlunkulu. Njengokuthi kukhona okumele bahlawuliswe ikhulu lezinkomo, uma kunjalo kumele kwenzeke kodwa umuntu okumele athathe leso sinqumo yinhloko yesizwe samazulu.
Thina esiphansi singasola nje njengoba sisola kwabezindaba, kodwa kasinawo amandla okuhlawulisa abantu abagcweleza phambi komdala wesizwe. Eze athathelwe izinqumo nje ekhona yingoba kwenzenjani? Okunye okwenzeka laphaya wukunenebulwa kwabantu ababeye emcimbini.
Babeshaywa ngamanye amazulu nabo bengamazulu. Kuyadabukisa lokho futhi kuyinhlekisa kwezinye izizwe. Kangiqondi ukuthi
ababeshaywa babeshayelwani, benzeni? Kodwa futhi kangihambisani nokuthi babeshaywa yinkatha njengoba babesho. Ungamahlulela kanjani umuntu okushayayo ukuthi ukuliphi iqembu lezepolitiki?
Ngangithi isilo sasizophawula ngalokhuya khona Kwaceza noma sikhiphe isitatimende esiqinile ngalowaya mhlolo owenzeka. Kubhekwe okhethweni manje, abaholi bezombusazwe, abezenkolo, abomdabu nanoma-ke kumuphi umkhakha ongaphansi komthunzi welanga kumele baqoqe
ulimi, bangakhulumi izinkulumo ezizoqhatha abantu.
Uma ubukisisa esigamekweni sokushaywa kwabantu Kwaceza, kwakususwe yizinkulumo zabaholi kodwa kwagcina sekulimala abantu abasemazingeni aphansi, ababengenze lutho.
Nabo abantu mabakuyeke ukuthi basuke emakhaya baye emicimbini yesizwe bafike badinde abantu. Uma kukhona okuphazamisayo bikela izinduna zamabutho, zikhonela lokho.