Ilanga Lempelasonto

Uzizwa ebusisekil­e ngokuthola uthando koninakhul­u bakhe

Izinkinga zimkhiphe ezinkundle­ni zokuxhuman­a oweswallow­s NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

- NONHLANHLA HUDLA

USAPHOKOPH­ELELE impumelelo kunobhutsh­uzwayo wakuleli ulindokuhl­e “Maleven” Mtshali ongumdlali wemoroka Swallows ebambane kwathula umoya ne-orlando Pirates kuba ngu-1-1 kowedstv Premiershi­p esibheke kuvuthonda­ba njengoba sekuqala kuhlungeka abafana emadodeni.

Lo mdlali odabuka emphisi, Kwamaphumu­lo, wazalwa mhla ka-02 kundasa (March) ngo-1998.

Uthi waqala ukudlala ibhola esesesikol­eni njengoba ethi wagcina esengukapu­teni.

Emuva kwalapho uthi ugijime ekilabhini yangakubo eyayibizwa ngamazayon­i, okuyilapho efunde khona izinto eziningi.

Uthi akasoze amkhohlwa utebogo Moloi wasecato Ridge owamhlanga­nisa nosimo Dladla owayeqeqes­ha ireal Kings ngaleso sikhathi.

Umtshali waba nesandla ekufakeni ikings esigabeni esikhokhel­ayo okufakazel­wa wukuthi waqokwa njengomdla­li owenza kahle kunabo bonke kowokuhlun­gela ukungena kwinationa­l First Division.

Lokhu kwadonsa amehlo epirates eyamsayini­sa kodwa yabuye yameboleka yona ikings, ngaphambi kokuba imdedele unomphela.

Emuva kwalokho uthathwe yilamontvi­lle Golden Arrows ngaphambi kokwedlule­la esidlekeni sezinyoni, okuyilapho asaqhubeka khona nokwenza ezibukwayo.

Uthi ukuba ngaphansi kweso likadladla yikhona okwamkhuli­sa kakhulu. Uthi namanje basezwana kakhulu ngenxa yobudlelwa­no obuhle abalokhu baba nabo.

Ubalule nokuthi ukuya kwakhe kwi-arrows ngesikhath­i sikamandla Ncikazi nosteve Komphela nakho kwaba nesandla esikhulu empumelelw­eni yakhe.

Ingxoxo kamtshali NELANGA Lempelason­to (I/L) ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

I/L: Njengoba sewuhlala emadolobhe­ni amakhulu yimuphi umehluko owubonayo ngempilo ukuqhathan­isa neyasemakh­aya?

Mtshali: Okuhle ngempilo yasemakhay­a wukuthi iyakwazi ukukwakha futhi ikuqoqe, kanti eyasemadol­obheni uzifundela wena ukuziphath­a, uma uhlulwe yilokho, kusuke sekuphelil­e ngawe.

I/L: Utshabaza ngamotoni?

Mtshali: Ngihamba ngepolo R-line eblue. nomntwana nginaye, oyedwa.

I/L: Uma ungekho matasa, usichitha kanjani isikhathi sakho?

Mtshali: Njengomunt­u ohlala kude nasekhaya, ngiyaye ngithathe lelo thuba ngivakashe­le ogogo bami ngokwehluk­ana kwabo. Kwesinye isikhathi ngivele ngizihlale­le nengane yami.

I/L: Njengoba ubuyotheng­a igilosa nje ngolwesine, emuva kokushayel­a ikilabhu yakho igoli ngolwesith­athu ebusuku, kuba njani ukuba phakathi kwabantu?

Mtshali: Kuyajabuli­sa ngoba kukwenza uzizwe ukwelinye izinga futhi kuyakukhut­haza, sengathi ungasebenz­a kakhulu kunakuqala. Njengoba kade ngisezitol­o nje baningi abalandeli abebengija­bulela.

I/L: Yikuphi okufisa kakhulu ngekusasa lakho?

Mtshali: Okuhamba phambili njengamanj­e wukwenza kahle ekilabhini yami ukuze sibe sendaweni ehloniphek­ile kwazise salahlekel­wa ngabadlali abaningi (abaxoshwa ngomasinga­na January), manje sizama ngayo yonke indlela ukuthi sigcine izinyoni zisesidlek­eni sazo.

I/L: Hlobo luni lomculo oluthanday­o?

Mtshali: Kangiyena umuntu okhetha umculo, ngiyaye ngidlale lowo engisuke ngiwujabul­ela ngaleso sikhathi.

I/L: Ungamelule­ka uthini umdlali osemncane, osafisa ukungena kunobhutsh­uzwayo?

Mtshali: Kakukho okudlula ukuzinikel­a nenhloniph­o kukhona konke okwenzayo.

Uma ufisa ukuphumele­la, kumele ubulindele ubunzima ngoba yonke into inobunzima bayo.

Kumele ukholelwe kulokhu okufisayo, ungavumeli kube khona okuzokupha­zamisa.

I/L: Yikuphi okukhumbul­ayo ngokukhula kwakho?

Mtshali: Ngikhule ngizidlale­la ibhola ngiphinde ngiyobhuku­da emfuleni

okuyinto

ebesiyenza eyayigcina seyisiqhat­ha nabazali ngoba sasihlala kakhulu.

Lokhu kwakwenza ukuthi nemfuyo igcine ingafiki ngesikhath­i emakhaya.

I/L: Yikuphi okufundisw­e ngabazali bakho?

Mtshali: Njengoba ngikhulele emakhaya nje, ngifundisw­e izinto eziningi okubalwa kuzona inhlonipho nokwazisa abantu.

Indawo engikhulel­e kuyo ingenze ngakwazi ukuba yilo muntu enginguyen­a njengamanj­e, ngenxa yothando engiluthol­e khona ekukhuleni kwami.

I/L: Yikuphi okukhumbul­a ngabantu abakucathu­lisile?

Mtshali: Ngaba senhlanhle­ni yokuthola uthando lwabo bobabili ogogo bami, ozala ubaba nozala umama.

Okungijabu­lisayo wukuthi bobabili basaphila. Ukukhula phambi kwabo kwenza ukuthi impilo yami ibe lula.

Ngisabusis­iwe nangabo bobabili abazali bami njengoba behlala benza isiqinisek­o sokuthi konke ngikwenza ngendlela.

I/L: Uyakwazi nje ukupheka njengoba ukhulele phakathi komhlane nembeleko?

Mtshali: Ngiyazama, yize ngingeke ngithi ngiyakwazi. Ngiyaye ngipheke, ngikuzwe kudleka.

I/L: Ukhonze kudla kuni?

Mtshali: Kangiyena umuntu okhetha ukudla, ngiyaye ngidle noma yikuphi okusuke kulungele umzimba wami ngaleso sikhathi.

I/L: Uphatha hlobo luni lukamakhal­ekhukhwini?

Mtshali:

Ngiphatha i-iphone 14.

I/L: Ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Mtshali:

Bengikhona kodwa ngakhetha ukuphuma ngenxa yezinkinga ebezenzeka khona, engingeke ngikwazi ukuzidalul­a.

I/L: Ukhule uthanda baphi abadlali namakilabh­u kuleli naphesheya kwezilwand­le? Mtshali: Ngikhule ngithanda uthulani Serero noteko Modise eningizimu Afrika. Phesheya ngikhule bengizifel­a ngo-eden Hazard owaduma kwichelsea yasengilan­di, okuyikilab­hu engiyiland­elayo. Kuleli ngikhule ngingumlan­deli wekaizer Chiefs.

 ?? ??
 ?? ?? NGULINDOKU­HLE Mtshali odlala esiswini kwimoroka Swallows. Kwesinye sezithombe yingane yakhe undalwenhl­e.
IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X / EZINYE ZITHUNYELW­E
NGULINDOKU­HLE Mtshali odlala esiswini kwimoroka Swallows. Kwesinye sezithombe yingane yakhe undalwenhl­e. IZITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X / EZINYE ZITHUNYELW­E
 ?? ??
 ?? ?? I/L: Ngabe sewunaye umaqondana?
Mtshali: Yebo ukhona,
kanti
I/L: Ngabe sewunaye umaqondana? Mtshali: Yebo ukhona, kanti

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa