Ilanga Lempelasonto

I-bay iphefumuli­swa 'ngamadlozi espurs'

Untsundwan­a uthi kumele bayinqobe kumnyama kubomvu iswallows

-

MFANAFUTHI NDLOVU

IRICHARDS Bay FC iqiniswa idolo wukuqhubek­a nokufulath­elwa ngamadlozi kwecape Town Spurs ebambe ibhuleki kwi-log yedstv Premiershi­p.

Lokhu kuzwakalis­we ngumgadli webay FC, usomila “Ballo” Ntsundwana ngesikhath­i ephawula ngomdlalo wezakhe nemoroka Swallows wedstv Premiershi­p ozokuba namuhla ngomgqibel­o ngo15h00 eking Zwelithini Stadium, emlazi.

Untsundwan­a utshele ILANGA Lempelason­to ukuthi nakuba basakwazi ukuphefumu­la, babonga amadlozi espurs asalokhu eqhubeka nokufulath­ela le kilabhu yasecape Town ukuba ingabedlul­i, okuyinto athe ingabulala umoya.

Uthe bazolwela ukuthola amaphuzu agcwele kwiswallow­s yize ingenye yamakilabh­u anzima njengoba idlala ibhola elihle. Uthi amaphuzu azobasiza ukuqhela kwispurs.

“Kusengenze­ka noma yini kule midlalo esele. Okuhle nakakhulu wukuthi nespurs isadonsa kanzima ukuthola amaphuzu. Yikhona-ke lokhu okwenza ukuthi namanje sikwazi ukuphefumu­la.

“Sizimisele ngokulwela isithunzi sekilabhu kwiswallow­s. Ngiyazi ukuthi isefomini enhle kulezi zinsuku iswallows kodwa kasifuni ukulahla amaphuzu ekhaya,” esho.

Uthe konke kusemahlom­be abo bengabadla­li ukuzikhiph­a kulo mgodi abazifake kuwona ngokwehlul­eka ukuqoqa amaphuzu emidlalwen­i ebeyilula.

“Okuhle wukuthi abadlali bayalwa enkundleni kepha yinhlanhla esivimbayo. Kungaba yiphutha uma kungasolwa abaphathi bekilabhu noma abaqeqeshi ngesimo esikusona, umunwe kumele ubhekiswe kithina singabadla­li,” esho.

Uthi umqeqeshi wabo uvusumuzi “Kanu” Vilakazi uzama konke okusemandl­eni ukubagcina bengekho ngaphansi kwengcinde­zi engabenza benze namaphutha angenasidi­ngo ngoba sebexhamaz­ela.

Ispurs kayinamdla­lo ngale mpelasonto njengoba izoze ibhekane nemamelodi Sundowns kowepremie­rship ngolwesibi­li ngo-19h30 e-athlone Stadium, ecape Town.

 ?? ?? NGUSOMILA “Ballo” Ntsundwana
NGUSOMILA “Ballo” Ntsundwana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa