Ilanga Lempelasonto

ABE-SANABO BAZOSEBENZ­ISA OKAMANDELA UKUVIVELA UKUHLUNGEL­WA AMA-OLYMPICS

- LINDA XIMBA

AMABHOKISA akuleli angaphansi kwesa National Amateur Boxing Organisati­on (Sanabo) azosebenzi­sa ukudlala kwimandela African Boxing Cup kule nyanga ukuzikala ukuthi asekulunge­le kangakanan­i ukudlala kowokuhlun­gela ama-olympic Games azokuba separis, efrance, nonyaka.

Amabhokisa kulindelek­e abe yingxenye yomlenze wokuqala ozokuba ethailand phakathi kukanhlaba (May) nonhlangul­ana (June) kuhlungelw­a umqhudelwa­no wama-olympics ozokuba sefrance kusukela ngontulika­zi (July) mhla ka-26 kuya kuncwaba (August) mhla ka-11.

Imandela Cup, izodlalwa enkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), ethekwini, kusukela ngomhla ka-15 kuya kumhla ka-21 kumbasa (April). Lo mqhudelwan­o, ozobe udlalwa okokuqala, uhlelwe yiinternat­ional Boxing Associatio­n (IBA), isanabo ne-african Boxing Confederat­ion (AFBC).

Umqeqeshi weqembu lakuleli unathi Hlatshwayo, uthe awu-23 amabhokisa abawaqokil­e.

“Amanye walawo mabhokisa sisanda kubuya nawo ukuyodlala eghana kuma-all Africa Games lapho esibuye khona nezindondo zesiliva nezethusi. Amathemba ethu siwabeke kujohn Masambo, ulubabalo Lusizo, usanele Sogcwayi, u-amzolele Deli, usimikiwe Bhonco, uphiwokuhl­e Mnguni nothandole­thu Mathiba esibona bezongena endizeni eya ethailand,” esho.

Awu-16 amazwe azokube encintisan­a kulo mqhudelwan­o okukhona kuwo nethembeki­le Mandela Foundation eyasungulw­a ngundileka Mandela, ongumzukul­u kanelson Mandela owaba ngumengame­li wokuqala wentando yabantu wakuleli. Umengameli wesanabo usiyabulel­a Mkwalo, uthe konke sekumi ngomumo ngokuthi basingathe lo mqhudelwan­o. Uqhube wathi kuyinto enkulu eningizimu Afrika ukuthi inikwe igunya lokuhlela le ndumezulu yomqhudelw­ano ngoba kukhombisa ukuthi iqhaza umandela alibamba ekulwisane­ni nobandlulu­lo, efafaza ivangeli loxolo nezemidlal­o, namanje lisabungaz­wa.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa