ABE-SANABO BAZOSEBENZISA OKAMANDELA UKUVIVELA UKUHLUNGELWA AMA-OLYMPICS
AMABHOKISA akuleli angaphansi kwesa National Amateur Boxing Organisation (Sanabo) azosebenzisa ukudlala kwimandela African Boxing Cup kule nyanga ukuzikala ukuthi asekulungele kangakanani ukudlala kowokuhlungela ama-olympic Games azokuba separis, efrance, nonyaka.
Amabhokisa kulindeleke abe yingxenye yomlenze wokuqala ozokuba ethailand phakathi kukanhlaba (May) nonhlangulana (June) kuhlungelwa umqhudelwano wama-olympics ozokuba sefrance kusukela ngontulikazi (July) mhla ka-26 kuya kuncwaba (August) mhla ka-11.
Imandela Cup, izodlalwa enkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), ethekwini, kusukela ngomhla ka-15 kuya kumhla ka-21 kumbasa (April). Lo mqhudelwano, ozobe udlalwa okokuqala, uhlelwe yiinternational Boxing Association (IBA), isanabo ne-african Boxing Confederation (AFBC).
Umqeqeshi weqembu lakuleli unathi Hlatshwayo, uthe awu-23 amabhokisa abawaqokile.
“Amanye walawo mabhokisa sisanda kubuya nawo ukuyodlala eghana kuma-all Africa Games lapho esibuye khona nezindondo zesiliva nezethusi. Amathemba ethu siwabeke kujohn Masambo, ulubabalo Lusizo, usanele Sogcwayi, u-amzolele Deli, usimikiwe Bhonco, uphiwokuhle Mnguni nothandolethu Mathiba esibona bezongena endizeni eya ethailand,” esho.
Awu-16 amazwe azokube encintisana kulo mqhudelwano okukhona kuwo nethembekile Mandela Foundation eyasungulwa ngundileka Mandela, ongumzukulu kanelson Mandela owaba ngumengameli wokuqala wentando yabantu wakuleli. Umengameli wesanabo usiyabulela Mkwalo, uthe konke sekumi ngomumo ngokuthi basingathe lo mqhudelwano. Uqhube wathi kuyinto enkulu eningizimu Afrika ukuthi inikwe igunya lokuhlela le ndumezulu yomqhudelwano ngoba kukhombisa ukuthi iqhaza umandela alibamba ekulwisaneni nobandlululo, efafaza ivangeli loxolo nezemidlalo, namanje lisabungazwa.