Ilanga Lempelasonto

Ukhumbula imizuzu ekhethekil­e nomdlali wechiefs obulewe

Ufleurs usocongwe kusanda kuphumelel­a iphupho lakhe leminyaka

- MFANAFUTHI NDLOVU

UKHUMBULA imizuzu ekhethekil­e nomdlali wekaizer Chiefs obulawe ngesihluku edunwa imoto ngolwesith­athu ebusuku eflorida, egoli, umdlali okhule ndawonye nalesi sitobha. U-antonio van Wyk (22) – ovutha engabaselw­e esiswini kwistellen­bosch FC – utshele

ILANGA Lempelason­to

ukuthi wephuke umoya ngokubulaw­a kukaluke Fleurs (24) kusanda kufezeka iphupho lakhe lokujoyina ikilabhu enkulu kuleli, abehlale ekhuluma ngakho besayibamb­e ndawonye njengoba bekhulele esikhungwe­ni esisodwa sokucijwa kwamakhono kunobhutsh­uzwayo.

Laba badlali bahlale iminyaka eyisikhomb­isa ndawonye begijima kubuntu Academy njengoba u-antonio ethi bafika khona beneminyak­a ewu-12.

Uthi ngesikhath­i bekulesi sikhungo, bavumelana ngokuthi bazosebenz­a kanzima ukuze bagcine begijima emakilabhi­ni amakhulu akuleli, baqukule nezinkomis­hi ezimqoka.

Ufleurs usayine kwichiefs ngasekuphe­leni konyaka odlule. “Ubezikhonz­ele ukuhleka futhi ekuqonda akutshele ngqo uma kukhona into oyenzayo angezwani nayo. “Sifunde ndawonye naye emabangeni aphansi, saphinda sadlala ndawonye ezikwatini ezincane.

“Ufleurs sikhule evele ezifela ngechiefs njengoba mina ngithanda isuperspor­t United. “Sengathi umphefumul­o wakhe ungalala ngoxolo,” kusho uvan Wyk. Ipremier Soccer League (PSL) ikhiphe isitatimen­de ikhalisana nechiefs, umndeni walo mdlali kanjalo nabathandi bebhola kuleli. Ithe kuzokuba nomzuzu wokuhlonip­ha lo mdlali ngaphambi kokuqala kwayo yonke imidlalo yedstv Premiershi­p neyemotsep­e Foundation Championsh­ip (MFC) ehlelelwe le mpelasonto. Amaphoyisa athe aphansi phezulu athungatha ababulali abadune lo mdlali igolf 8 GTI. mfanafuthi­n@ilanganews.co.za

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa