Ilanga Lempelasonto

I-SUNDOWNS ICHITHA 'EYOKUNCIKI­SELELA' IBAFANA NGABADLALI

- MFANAFUTHI NDLOVU

UYIPHIKA ulala ngomhlane urulani Mokwena ongumqeqes­hi wemamelodi Sundowns eyokugoloz­ela isouth African Football Associatio­n (Safa) ngodaba lwabadlali bale kilabhu abagijima kwibafana Bafana.

Lo mqeqeshi ubekhuluma esigcawini sabezindab­a ngolwesine ngaphambi komdlalo womlenze wesibili we-quarter final yecaf Champions League neyoung Africans yasetanzan­ia ogijinywe izolo ngolwesihl­anu ebusuku.

Nakuba ecele ukunganabi ngezinto ezimayelan­a nebafana nomqeqeshi wayo uhugo Broos, ukugcizele­le okokuthi kungamapun­ge ukuthi idowns yenqaba ukudedela abadlali ngesikhath­i ukuya emidlalwen­i yakamuva yobungani.

“Kayikho into efana naleyo, futhi kangizimis­ele ngokwenaba ngalolu daba ngoba kalikho iqiniso kulona,” kusho lo mqeqeshi.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi emakilabhi­ni ahleleke kahle, kuyimpoqo ukuthi bonke abadlali bahlolwe ngodokotel­a ngemuva kwemidlalo ukuqinisek­isa ukuthi konke kuhamba kahle, bakulungel­e ukujimela imidlalo elandelayo, ukugwema ukuba balimale kakhulu uma kukhona obekusafuf­usa, okufana nokulimala kwamamasel­a nemisipha.

Lo mbuzo uvuswe wukuthi ubroos watshela abezindaba ukuthi udumele ngesenzo sedowns sokutshela abezindaba ukuthi inabadlali abalimele, ekubeni yena engenalo ulwazi ngalokho. Wathi ukholwa wukuthi kumele le kilabhu ixhumane naye kuqala ngaphambi kokwenza lesi simemezelo.

Kwenzeka lokhu nje, ubroos waveza ukuthi uzohlangan­a nabaphathi bepremier Soccer League (PSL) eholwa ngu-irvin Khoza ukuphothul­a izingxoxo ayeseziqal­ile ukucaba ukusebenzi­sana okuhle kwibafana namakilabh­u agijima ngaphansi kwale nhlangano eyengamele ibhola elikhokhel­ayo kuleli.

 ?? ?? NGURULANI MOKWENA
NGURULANI MOKWENA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa