Ilanga Lempelasonto

KUFEZEKE IPHUPHO LIKAKOMPHE­LA NGOMDLALO WE-PIRATES

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUSAHAMBA ngokwezifi­so zomqeqeshi welamontvi­lle Golden Arrows ezobhekana ne-orlando Pirates emdlalweni wedstv Premiershi­p namuhla ngomgqibel­o ngo-17h30 e-orlando Stadium, egoli.

I-arrows izokuya kulo mdlalo inogqozi njengoba ingakaze yehlulwe selokhu ijoyinwe ngukomphel­a.

Inqobe imidlalo emibili ngaphambi kokudlala ngokulinga­na nesuperspo­rt United kuba ngu-2-2 koweligi ngolwesith­athu ebusuku empumalang­a Stadium, ehammarsda­le.

Usteve “Mphathi” Komphela, ocija i-arrows, ngemuva komdlalo nesuperspo­rt, utshele abezindaba ukuthi ubemincele ukuthi angalithol­i ikhadi eliphuzi lesine ugladwin Shitolo (osesithomb­eni), oyisitobha sakhe, ngoba uzomdinga kakhulu uma sebevovana nebucs. Ushitolo uqokwe njengomdla­li ovelele kowesupers­port.

“Kuzofanele emdlalweni wepirates sigweme amaphutha esiwenze sidlala nesuperspo­rt.

“Ngibheke ukuba ulungelo Nguse aqhubeke nokuqabuli­sa ibhola inethi.

“Unekhono elihle, ngakho-ke kufanele simgqugquz­ele ukuba aqhubeke nokwenza umsebenzi wakhe.

“Bengibambe umoya ngoshitolo ukungalith­oli ikhadi eliphuzi, ngenhlanhl­a sikwazile ukuqeda umdlalo engalithol­anga.

“Kubaluleki­le nokuncoma umabhuti Khenyeza nomusa Bilankulu engibafice ekilabhini beyibambil­e, kabaze badla phansi, yize induku beyikhala.

“Isibindi sabo siyancomek­a. Ebholeni akekho umuntu obalulekil­e kunomunye.

“Kumele sisebenze kanzima nasemdlalw­eni wepirates.

“Ngidinga okukodwa nje kubadlali, ukudlala ngendlela ye-arrows kuphela. Sidinga cishe amaphuzu awu-6 ukuze singene kwitop 8,” esho.

Uthe balindele umdlalo onzima kwibucs.

Ngakolunye uhlangothi, ezimnyama zizokuya kulo mdlalo ngaphandle kukankosin­athi “Bhodlela” Sibisi othole ikhadi elibomvu ngesikhath­i ezakhe zibambana ngo-1-1 nemoroka Swallows ngolwesith­athu ebusuku edobsonvil­le Stadium, esoweto.

Isiyonke imidlalo yedstv Premiershi­p kule mpelasonto imi kanjena:namuhla NGOMGQIBEL­O

Eking Zwelithini Stadium:

Richards Bay FC vs Moroka Swallows 15h00.

Ebuffalo City Stadium: Chippa United vs Kaizer Chiefs 15h00.

E-orlando Stadium: Orlando Pirates vs Golden Arrows 17h30.

Edanie Craven Stadium: Stellenbos­ch FC vs Sekhukhune United 20h00.

Elucas Moripe Stadium: Supersport United vs TS Galaxy 20h00.

NGESONTO

Eharry Gwala Stadium: Royal AM vs Polokwane City 15h00.

E-DHL Cape Town Stadium: Cape Town City vs Amazulu FC 15h00.*

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa