Zilahlwe yicala lenkohlakalo izikhulu zikamasipala
Ziwavumile wonke amacala angaphezu kuka-250
ZILAHLWE ngamacala enkohlakalo izikhulu kumasipala wesifunda, iharry Gwala, ezisolwa ngokukhwabanisa imali engaphezulu kuka-r700 000, ngokuholela ‘izipoki’ eziwu-9. Lezi zikhulu okungothamsanqa Mazibuko (53), nosithembiso Msazwi (56), okumanje bangaphandle ngebheyili ka-r10 000 no-r5000, bavulelwa amacala enkohlakalo exobho ngo-2017.
Udaba lwabo luphenywe woklebe, okuwuphiko oluphenya amacala anzulu enkohlakalo, okuyilapho kuholele ekutheni babekwe amacala angaphezulu kuka250.
Umazibuko obekwe amacala awu-224 enkohlakalo, ungaphandle ngebheyili ka-r10 000, yena wayesebenza njengesalary Accountant kulo masipala.
Umsazwi wayeyichief Accountant, ubhekene namacala awu-25 enkohlakalo awavumile wonke. Ngokuthola kwaleli phephandaba ngemithombo yalo, laba basolwa ngokubhubhudla imali kamasipala beholela ‘izipoki’ ezingekho, okungaveli ukuthi bese beziholele isikhathi esingakanani imali.
Icala belisenkantolo elalela amacala enkohlakalo ethekwini, icommercial Crime’s Court, okuyilapho bewavume wonke amacala ababhekene nawo.
Okhulumela oklebe Kwazulunatal, uwarrant Officer Sibu Ncane, ukuqinisekisile ukuthi abasolwa bawavumile wonke amacala ababekwe wona.
“Abasolwa kulindeleke ukuba babuyele enkantolo mhla ziyisihlanu kuncwaba (August) lapho bezobe sebegwetshwa khona,” esho.
Lezi zikhulu zilahlwe ngamacala nje, ezinyangeni ezimbili ezedlule, le nkantolo isanda kugweba owayeyimeya kumasipala ongaphansi kwayo iharry Gwala, idr Nkosazana Dlamini-zuma, unomagugu Luzulane, okumanje uphakathi ekhulukuthu. Uluzulane ulahlwe yinkantolo ngamacala enkohlakalo okuvela ukuthi wakhipha imali engangor70 000 kulo masipala, wathi makungcwatshwe umfowabo wesoka lakhe, kwaqanjwa amanga kwiinvoice, kwathiwa imali lena beyithengela izintandane ukudla.
Ulahlwe yicala ngontulikazi (July) wangonyaka odlule, kwathi ngonhlolanja (February), wagwetshwa iminyaka ewu-7 ebhadla ejele, kwathi eyisihlanu yalengiswa.
Imeya kamasipala iharry
Gwala, umnu Zamo Nxumalo, ithi bazolinda kuze kuphume isigwebo ngala macala ngaphambi kokuphawula ngoba bayazihlonipha izinkantolo nokusebenza kwazo.