Ilanga Lempelasonto

Zilahlwe yicala lenkohlaka­lo izikhulu zikamasipa­la

Ziwavumile wonke amacala angaphezu kuka-250

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

ZILAHLWE ngamacala enkohlakal­o izikhulu kumasipala wesifunda, iharry Gwala, ezisolwa ngokukhwab­anisa imali engaphezul­u kuka-r700 000, ngokuholel­a ‘izipoki’ eziwu-9. Lezi zikhulu okungotham­sanqa Mazibuko (53), nosithembi­so Msazwi (56), okumanje bangaphand­le ngebheyili ka-r10 000 no-r5000, bavulelwa amacala enkohlakal­o exobho ngo-2017.

Udaba lwabo luphenywe woklebe, okuwuphiko oluphenya amacala anzulu enkohlakal­o, okuyilapho kuholele ekutheni babekwe amacala angaphezul­u kuka250.

Umazibuko obekwe amacala awu-224 enkohlakal­o, ungaphandl­e ngebheyili ka-r10 000, yena wayesebenz­a njengesala­ry Accountant kulo masipala.

Umsazwi wayeyichie­f Accountant, ubhekene namacala awu-25 enkohlakal­o awavumile wonke. Ngokuthola kwaleli phephandab­a ngemithomb­o yalo, laba basolwa ngokubhubh­udla imali kamasipala beholela ‘izipoki’ ezingekho, okungaveli ukuthi bese beziholele isikhathi esingakana­ni imali.

Icala belisenkan­tolo elalela amacala enkohlakal­o ethekwini, icommercia­l Crime’s Court, okuyilapho bewavume wonke amacala ababhekene nawo.

Okhulumela oklebe Kwazulunat­al, uwarrant Officer Sibu Ncane, ukuqinisek­isile ukuthi abasolwa bawavumile wonke amacala ababekwe wona.

“Abasolwa kulindelek­e ukuba babuyele enkantolo mhla ziyisihlan­u kuncwaba (August) lapho bezobe sebegwetsh­wa khona,” esho.

Lezi zikhulu zilahlwe ngamacala nje, ezinyangen­i ezimbili ezedlule, le nkantolo isanda kugweba owayeyimey­a kumasipala ongaphansi kwayo iharry Gwala, idr Nkosazana Dlamini-zuma, unomagugu Luzulane, okumanje uphakathi ekhulukuth­u. Uluzulane ulahlwe yinkantolo ngamacala enkohlakal­o okuvela ukuthi wakhipha imali engangor70 000 kulo masipala, wathi makungcwat­shwe umfowabo wesoka lakhe, kwaqanjwa amanga kwiinvoice, kwathiwa imali lena beyithenge­la izintandan­e ukudla.

Ulahlwe yicala ngontulika­zi (July) wangonyaka odlule, kwathi ngonhlolan­ja (February), wagwetshwa iminyaka ewu-7 ebhadla ejele, kwathi eyisihlanu yalengiswa.

Imeya kamasipala iharry

Gwala, umnu Zamo Nxumalo, ithi bazolinda kuze kuphume isigwebo ngala macala ngaphambi kokuphawul­a ngoba bayazihlon­ipha izinkantol­o nokusebenz­a kwazo.

 ?? ?? nonhlakani­phos@ ilanganews. co.za
IMEYA kumasipala wesifunda iharry Gwala, umnu Zamo Nxumalo, ethi bazolinda ukukhishwa kwesigwebo ngalezi zikhulu.
nonhlakani­phos@ ilanganews. co.za IMEYA kumasipala wesifunda iharry Gwala, umnu Zamo Nxumalo, ethi bazolinda ukukhishwa kwesigwebo ngalezi zikhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa