Ilanga Lempelasonto

UNTULI USOLA IMPI YEPOLITIKI ‘EHLASELWA NGAMAPHOYI­SA KAHULUMENI’

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

USOLA ukusetshen­ziswa kabi kwezinsiza zikahulume­ni ekulweni impi yepolitiki usihlalo wenkatha Freedom Party (IFP), umnu Thami Ntuli (osesithomb­eni) ‘ehlaselwa ngamaphoyi­sa ebumnyamen­i’ phakathi komgwaqo u-n2, ebusuku ephuma ethekwini emsakazwen­i igagasi FM ohlelweni lwezindaba.

Untuli utshele leli phephandab­a ukuthi bekungenze­ka noma yini ngempilo yakhe ngendlela okwenzeke ngayo, ethelekelw­a ngamaphoyi­sa evimba izimoto ahamba ngazo, kwapequlul­wa nezikhwama zakhe ebusuku endaweni embi.

Uthi uvinjwe ekhoneni ebumnyamen­i kwafunwa amalayisen­se ezibhamu eziphethwe ngonogada nawemvume yamalambu aluhlaza asezimotwe­ni ahamba ngazo.

“Bekufanele kwenzeke noma yini ngendlela engivinjwe ngayo sengathi ngiyisigeb­engu. Bapequlule zonke izimoto nezikhwama ebengiziph­ethe. Lokhu kucace ngokusobal­a ukuthi yimizamo yokuvimba umkhankaso wethu ngoba abantu sebekhathe­le wokwenzeka­yo ezweni.

“Le mpi iqale ekokstad ngolwesith­athu, sancishwa ihholo sesifikile, kwabekwa izaba ezingathen­i zokuthi sifake isicelo sekusele isikhathi esincane,” kusho untuli.

Uthi ngesikhath­i emiswa, bebengawak­hanyisile namalambu aluhlaza. Utshele leli phephandab­a ukuthi kuzona zonke izimo ezenzekayo njengamanj­e, ngeke zimthunaze ukuthi ayeke ukukhankas­ela ushintsho esifundazw­eni.

Ngokwemith­ombo YELANGA, kuthiwa ngesikhath­i engaphakat­hi emsakazwen­i untuli kuqhubeka uhlelo, bekukhona iveni yamaphoyis­a eyodwa ngaphandle, okusolwa ukuthi beyigade uma bephuma. Kuthiwa esephumile emsakazwen­i, kuqhamuke izimoto zamaphoyis­a ezilingani­selwa ku-8 ebezimland­ela.

“Bekuyitulo ebelihleli­we leli. Akwenzekan­ga ngendlela obekufiswa ngayo ngabathile uma bekukhona abanesandl­a,” kusho umthombo.

Amaphoyisa kuthiwa abheke ukuthi zonke izimoto ezinamalam­bu aluhlaza kufanele yini, abheka izibhamu amalayisen­se azo nokuthi zibhaliswe kanjani, ziphethwe ngabantu okufanele baziphathe yini.

Ekhuluma ngesigamek­o sokuvinjwa kwe-ifp ekokstad untuli, uthe bafike kule ndawo ngoba bedingwa ngabantu, bebona izithelo ezinhle kuzona zonke izindawo eziphethwe YI-IFP.

Uthi konke lokhu okwenzekay­o, kucacela ngisho ingane encane ukuthi abathile banovalo nge-ifp.

“Lokhu sikubuka njengokwep­hucwa ilungelo lokukhanka­sa ngokukhulu­leka. Engani abanye abaholi bayafika ezindaweni eziphethwe YI-IFP, kodwa kasikaze sibavimbe nangolulod­wa usuku,” esho.

Uthi kuphoqelek­e ukuba kuyohlanga­nwa eharding ngaphansi komasipala umuziwaban­tu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa