Ilanga Lempelasonto

I-IEC ITHI KAYIQONDIL­E UKUGXAMBUK­ELA KWIPOLITIK­I

- BHEKI NDLOVANA

IKHOMISHIN­I yokhetho i-electoral Commission of South Africa (IEC), ithi kayiqondil­e ukugxambuk­ela kwipolitik­i ngokuphons­ela inselelo isinqumo senkantolo yezokhetho, i-electoral Court, mayelana nesimangal­o esivune umkhonto wesizwe Party (MK Party).

Ngolwesihl­anu I-IEC imemezele ukuthi isedlulise­la enkantolo yezomtheth­osisekelo isinqumo seelectora­l Court, sokuguqula isinqumo sayo I-IEC sokuchitha ukuphakany­iswa kwegama lowayengum­engameli wezwe umnu Jacob Zuma (osesithomb­eni) emagameni alabo abazongena ezikhundle­ni ephalamend­e likazwelon­ke nasezishay­amthetho ezifundazw­eni.

I-IEC yachitha igama likazuma ngomthetho okwisigaba 47 (1) (e) somthethos­isekelo.

Lesi sigaba sithi noma ngubani oke watholwa enecala, wagwetshwa isikhathi esingaphez­ulu kwezinyang­a eziwu-12 ejele ngaphandle kokunikezw­a ithuba lokuhlawul­iswa imali, akavumelek­ile ukungenela ukhetho futhi abe yilungu lephalamen­de.

I-IEC ithi ifuna ukuba inkantolo yomthethos­isekelo icacise ngencazelo nokuhunyus­hwa okuyikhona kwalesi sigaba esiwu-47 (1) (e) somthethos­isekelo.

Ithi ukucaciswa kwaso kuzosiza kulolu daba okubhekenw­e nalo njengamanj­e, futhi kusize ngisho nasokhethw­eni oluzayo.

I-IEC iqhube yathi inhloso yayo ngokuphons­ela inselelo isinqumo se-electoral Court, wukuqinise­kisa

ukhetho olukhulule­kile, nolungavun­i hlangothi. Ihlose nokuthi kucace ngemitheth­o eqondene nezokhetho nokuthi isetshenzi­swa ngokulinga­nayo.

Iqhube yathi ifisa ukuba isinqumo senkantolo yezomtheth­osisekelo sikhishwe ngaphambi kosuku lokhetho. Njengoba I-IEC icacisa ukuthi kayihlosil­e ukuzibanda­kanya kwezepolit­iki, uzuma useke wakhuluma esidlangal­eni, eyisola ngokuthi igxambukel­a kwipolitik­i, wathi akufanele kube njalo kodwa okwayo wukubhekan­a ngqo nomsebenzi wokhetho, ingangeni kwipolitik­i.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa