Ichiphize izinyembezi ingoduso ilahlwa ngelokubulala umyeni
ICHIPHIZE izinyembezi ingoduso kanjiniyela ngesikhathi inkantolo enkulu yasethekwini iyilahla ngamacala amahlanu, okubalwa kuwona nelokubulala umyeni wayo. Izolo ngolwesihlanu inkantolo ilahle ngamacala unompumelelo Goncalves owayeyingoduso kamnu Nkosi Langa, owayengunjiniyela kwatransnet, owabulawa kwathi izinsalela zesidumbu sakhe zatholwa ozwathini, endwedwe, ngo-2020, sekuphele izinyanga anyamalala.
Unompumelelo nomfowabo unkosinathi Zungu balahlwe ngamacala ngokwehlukana.
Unkosinathi ulahlwe ngamacala amathathu, okungelokuthumba, ngelokubamba inkuzi nelokubulala, unompumelelo walahlwa ngamahlanu – ngelokuthumba, ngelokubamba inkunzi, ngelokubulala, elokudukisa ingalo yomthetho njengoba avula icala lokunyamalala kukalanga nelokwebiwa kwemoto yakhe.
ILANGA labika kaningana ngalolu daba, kusukela ulanga enyamalala, kuze kube kufika lapho kutholakala khona isidumbu sakhe, nangesikhathi kuqulwa icala enkantolo.
Kuleli cala kwaboshwa nojames Mashudu Mthimkhulu, owaziwa ngoramaphosa, owayekhona kuthunjwa, kubulawa ulanga.
Uramaphosa walivuma icala, wagwetshwa iminyaka ewu-20, wabe eseba ngufakazi wombuso.
Ngesikhathi elahlwa ngecala unompumelelo, ubelokhu ebheke phansi.
Ubebuye azesule amehlo ngokusapheshana elimhlophe, elokhu ehlome ikhanda phansi, waze wayongena emgodini njengoba ibheyili yakhe inqanyuliwe ngemuva kokulahlwa ngamacala.
Ijaji umnu Bonke Dumisa, lisole unompumelelo ngokuhubhuza amanga ngesikhathi efakaza phambi kwenkantolo.
Lincome ubuchwepheshe besimanje elithi budlale enkulu indima ekuxazululeni leli cala eselidonse iminyaka emithathu.
Udumisa uthe ubufakazi bukaramaphosa, buyahambisana nobuvezwe wubuchwepheshe obuhlanganisa itracker, ukudonsa kwezingcingo zabathintekayo ecaleni nobasebhange njengoba kwakunezikhawu lapho kuvela
khona ukuthi kwakhishwa imali ekhadini likalanga.
Uveze nokuthi itracker yemoto kanompumelelo iveza ukuthi ngomhla ka-28 kumandulo (September) ngo-2020, okuwusuku olwandulela okwabulawa ngalo ulanga, iyabonakala ihamba ekenville, lapho okwakuhlala khona uramaphosa.
Ijaji lithe lokhu kuyahlangana nobufakazi bukaramaphosa njengoba naye wakuveza ukuthi unompumelo wafika kubona nonkosinathi ngalolu suku ekenville, kuyohlelwa itulo lokubulala ulanga.
Nangosuku okwenzeka ngalo isigameko, kuyavela ukuthi unompumelelo waya ndawana thile ethekwini, ngasebutterworth, ngaphambi kokuya epinetown.
Uthi itracker iyakhombisa ukuthi imoto yakhe yaphinde yasuka emzini wakhe nomufi, yaphindela ngasegalaji ngaphambi kokuba ibuyele kwakhe.
Uthi konke lokhu kuyahlangana nobufakazi bukaramaphosa, njengoba akuveza ukuthi ingoduso kamufi yabalanda ethekwini, yaya nabo epinetown, yabashiya eduzane negalaji, yabuya emuva kwesikhashana iyobalanda yabashiya eduze nomuzi wabo ngobusuku okwanyamalala ngabo ulanga.
Ijaji liphinde laveza ukuthi ngosuku olulandela ukunyamalala kwakhe ulanga, unompumelelo waya esibhedlela ewestville, lapho afika khona engumuntu ‘obonakala ethukile’ ubuso bakhe bubomvu.
Kuthiwa esibhedlela waveza ukuthi wasinda ebanjwa inkunzi, okuyinto engaveli ukuthi yenzeka nini futhi kuphi.
Uthe ngisho udokotela wakhe washo efika esibhedlela ukuthi wayengenazo izimpawu zokugula njengoba wayeke walaliswa phambilini, ngenxa yokwehlelwa ushukela emzimbeni.
Icala lihlehliselwe inyanga ezayo unhlaba (May) lapho kulindelwe ukuba kudingidwe ngezigwebo.