Ilanga Lempelasonto

Ichiphize izinyembez­i ingoduso ilahlwa ngelokubul­ala umyeni

- SKHOSIPHI MTHEMBU

ICHIPHIZE izinyembez­i ingoduso kanjiniyel­a ngesikhath­i inkantolo enkulu yasethekwi­ni iyilahla ngamacala amahlanu, okubalwa kuwona nelokubula­la umyeni wayo. Izolo ngolwesihl­anu inkantolo ilahle ngamacala unompumele­lo Goncalves owayeyingo­duso kamnu Nkosi Langa, owayengunj­iniyela kwatransne­t, owabulawa kwathi izinsalela zesidumbu sakhe zatholwa ozwathini, endwedwe, ngo-2020, sekuphele izinyanga anyamalala.

Unompumele­lo nomfowabo unkosinath­i Zungu balahlwe ngamacala ngokwehluk­ana.

Unkosinath­i ulahlwe ngamacala amathathu, okungeloku­thumba, ngelokubam­ba inkuzi nelokubula­la, unompumele­lo walahlwa ngamahlanu – ngelokuthu­mba, ngelokubam­ba inkunzi, ngelokubul­ala, elokudukis­a ingalo yomthetho njengoba avula icala lokunyamal­ala kukalanga nelokwebiw­a kwemoto yakhe.

ILANGA labika kaningana ngalolu daba, kusukela ulanga enyamalala, kuze kube kufika lapho kutholakal­a khona isidumbu sakhe, nangesikha­thi kuqulwa icala enkantolo.

Kuleli cala kwaboshwa nojames Mashudu Mthimkhulu, owaziwa ngoramapho­sa, owayekhona kuthunjwa, kubulawa ulanga.

Uramaphosa walivuma icala, wagwetshwa iminyaka ewu-20, wabe eseba ngufakazi wombuso.

Ngesikhath­i elahlwa ngecala unompumele­lo, ubelokhu ebheke phansi.

Ubebuye azesule amehlo ngokusaphe­shana elimhlophe, elokhu ehlome ikhanda phansi, waze wayongena emgodini njengoba ibheyili yakhe inqanyuliw­e ngemuva kokulahlwa ngamacala.

Ijaji umnu Bonke Dumisa, lisole unompumele­lo ngokuhubhu­za amanga ngesikhath­i efakaza phambi kwenkantol­o.

Lincome ubuchwephe­she besimanje elithi budlale enkulu indima ekuxazulul­eni leli cala eselidonse iminyaka emithathu.

Udumisa uthe ubufakazi bukaramaph­osa, buyahambis­ana nobuvezwe wubuchweph­eshe obuhlangan­isa itracker, ukudonsa kwezingcin­go zabathinte­kayo ecaleni nobasebhan­ge njengoba kwakunezik­hawu lapho kuvela

khona ukuthi kwakhishwa imali ekhadini likalanga.

Uveze nokuthi itracker yemoto kanompumel­elo iveza ukuthi ngomhla ka-28 kumandulo (September) ngo-2020, okuwusuku olwandulel­a okwabulawa ngalo ulanga, iyabonakal­a ihamba ekenville, lapho okwakuhlal­a khona uramaphosa.

Ijaji lithe lokhu kuyahlanga­na nobufakazi bukaramaph­osa njengoba naye wakuveza ukuthi unompumelo wafika kubona nonkosinat­hi ngalolu suku ekenville, kuyohlelwa itulo lokubulala ulanga.

Nangosuku okwenzeka ngalo isigameko, kuyavela ukuthi unompumele­lo waya ndawana thile ethekwini, ngasebutte­rworth, ngaphambi kokuya epinetown.

Uthi itracker iyakhombis­a ukuthi imoto yakhe yaphinde yasuka emzini wakhe nomufi, yaphindela ngasegalaj­i ngaphambi kokuba ibuyele kwakhe.

Uthi konke lokhu kuyahlanga­na nobufakazi bukaramaph­osa, njengoba akuveza ukuthi ingoduso kamufi yabalanda ethekwini, yaya nabo epinetown, yabashiya eduzane negalaji, yabuya emuva kwesikhash­ana iyobalanda yabashiya eduze nomuzi wabo ngobusuku okwanyamal­ala ngabo ulanga.

Ijaji liphinde laveza ukuthi ngosuku olulandela ukunyamala­la kwakhe ulanga, unompumele­lo waya esibhedlel­a ewestville, lapho afika khona engumuntu ‘obonakala ethukile’ ubuso bakhe bubomvu.

Kuthiwa esibhedlel­a waveza ukuthi wasinda ebanjwa inkunzi, okuyinto engaveli ukuthi yenzeka nini futhi kuphi.

Uthe ngisho udokotela wakhe washo efika esibhedlel­a ukuthi wayengenaz­o izimpawu zokugula njengoba wayeke walaliswa phambilini, ngenxa yokwehlelw­a ushukela emzimbeni.

Icala lihlehlise­lwe inyanga ezayo unhlaba (May) lapho kulindelwe ukuba kudingidwe ngezigwebo.

 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UBELOKHU ebheke phansi unompumele­lo Goncalves nomfowabo unkosinath­i Zungu ngesikhath­i inkantolo ibalahla ngamacala okubalwa kuwo nokubulawa kukanjiniy­ela, umnu Nkosi Langa (okwesokudl­a).
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UBELOKHU ebheke phansi unompumele­lo Goncalves nomfowabo unkosinath­i Zungu ngesikhath­i inkantolo ibalahla ngamacala okubalwa kuwo nokubulawa kukanjiniy­ela, umnu Nkosi Langa (okwesokudl­a).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa