Ilanga Lempelasonto

Ucwaningo nezinkomba zohulumeni wobambiswa­no Kwazulu-natal

Bacacisa nokuthi lo mbiko kawusona isibikezel­o somphumela wokhetho

- BHEKI NDLOVANA BHEKI NDLOVANA

IMINININGW­ANE yocwaningo lwakamuva lwesocial Research Foundation (SRF), ikhomba ukuthi kuzomele kubunjwe uhulumeni wobambiswa­no Kwazulu-natal nasegauten­g, nokuthi futhi kulolo bambiswano kungase kudingeke kuhlangany­ele okungenani amaqembu amathathu ezombusazw­e.

Lolu cwaningo lwenziwe ezifundazw­eni ezinkulu okuyikwazu­lunatal,

USAQHUBEKA nokwexwayi­sa ngokubangw­a nokugaqela izikhundla kumkhonto wesizwe Party (MK Party) umnu Jacob Zuma owayengume­ngameli wezwe, ohola le nhlangano. Uthi kabadingek­i abantu ababanga futhi abahalela izikhundla. Umsholozi obekhuluma namalungu nabalandel­i bale nhlangano egoli uthi: “Laba abahalela izikhundla yibona esingeke sibanike ngempela ngoba kasifuni muntu ohalela isikhundla.” igauteng newestern Cape. Abantu ababhalise­le ukuvota okuyibona ababambe iqhaza kulolu cwaningo, bebebuzwa ukuthi ukuba bese kuwusuku lokuvota (ngesikhath­i abebebuzwa ngaso) bebezovote­la yiphi inhlangano.

Abaningi Kwazulu-natal abalingani­selwa ku-30-35% bathe inhlangano abebengayi­votela ephepheni lokuvota likazwelon­ke (national ballot paper) wumkhonto wesizwe Party (MK Party). Kulandela inkatha Freedom Party (IFP) ngamavoti aphakathi kuka-20 no-25%, yona ilandelwe yi-african National Congress (ANC), bese kuza idemocrati­c Alliance (DA) namanye. Ephepheni lokuvota lesifundaz­we (provincial ballot paper), abaningi Kwazulu-natal, bathe ukube bese kuyilona usuku, ivoti labo bebengalin­ika IMK Party, kulandele IDA, bese kuba YI-ANC NE-IFP.

Egauteng abantu abaningi bathe ephepheni lokuvota likazwelon­ke bebengavot­ela I-ANC ngamavoti aphakathi kuka-35 no-40%, bese kuza IDA ngamavoti aphakathi kuka-25 no-30% bese kulandela nezinye izinhlanga­no. Khona egauteng, ephepheni lokuvota esifundazw­eni iningi lithe belingavot­ela I-ANC bese kulandela IDA.

Abaningi ewestern Cape ababalelwa phakathi kuka-50 no-60% bathe bebengavot­ela IDA ephepheni lokuvota likazwelon­ke, kwathi ingxenye engaphansi kuka20% yathi ibizovotel­a I-ANC.

Bathe ephepheni lokuvota lesifundaz­we bebengavot­ela IDA, bese kuba YI-ANC. Icacisa ISRF ithe, imininingw­a-ne equkethwe yilo mbiko kayisona isibikezel­o somphumela wokhetho lwangomhla ka-29 kunhlaba (May), kodwa iveza okungaba yisimo esikhona njengamanj­e kwezepolit­iki.

Ocwaningwe­ni lwayo iveza nokuthi ukwesekwa kwe-anc kuzwelonke ngesikhath­i olwenziwe ngaso (ucwaningo) bekungapha­nsi kuka-40%, kuze IDA ngo25%, kanti inhlangano elele isithathu ngokuthola ukwesekwa kuzwelonke yimk, ilandelwe YIEFF bese kuba YI-IFP.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa