Ilanga Lempelasonto

Ubonga ithuba lesibili owaduma kwichiefs osenohlelo kwitv

- LUCKY CAIN

UBONGA ithuba lesibili empilweni owayengumd­lali wekaizer Chiefs ujunior Khanye, ozoba nohlelo lwempilo yakhe kumabonaku­de esiteshini esingaphan­si kwem-net, imzansi Wethu.

Ukhanye owayengomu­nye wabadlali baleli qembu elikhulu eningizimu Afrika, waba nedumela ngendlela ayenekhono ngayo lokudlula kwabanye abadlali, kujabule abalandeli.

Ngeshwa ukudlala kwakhe ibhola elikhokhel­wayo kakuthatha­nga isikhathi eside, wagcina esephenduk­e umgodi onganukwan­ja emaqenjini ayewadlale­la ngenxa yendlela ayeziphath­a ngayo ngaphandle kwenkundla. Lo mdlali wasolwa ngokuzifel­a ngobumnand­i nangokucwi­la ezinkanjin­i zikafaro okwakugcin­a sekumenza angayi ukuyozilol­onga.

Uke wadlalela amaqembu okubalwa kuwo neplatinum Stars, imaritzbur­g United, i-united FC nemalati Chiefs yaseswazin­i. Uke wadlalela namaqembu esizwe okubalwa elika-under 20, Under 23 nebafana Bafana.

Ekhuluma NELANGA uthe, ubonga umdali ngokuthola ithuba lesibili empilweni. “Okwenzeka empilweni yami kungumusa kankulunku­lu namadlozi akithi ngoba baningi abadlali engidlale nabo abebeyizin­tandokazi, kodwa abasheshe badlula emhlabeni bengakaqed­i ukudlala ibhola,” kusho yena ebala abadlali abafana no-emmanuel “Scara” Ngobese nogift Leremi ababeyizib­abuli enkundleni ngezikhath­i zabo.

“Abanye base bezitshela ukuthi sekuphelil­e ngami ngesikhath­i ngisephans­i kodwa ngenxa kankulunku­lu, ngikhona, namhlanje sengizoba nohlelo olukhuluma ngempilo yami kumabonaku­de,” kusho yena.

Uthi uhlelo luzobizwa ngokuthi Fixing The Game, luzoba yisifundo nakulabo abasakhula.

Uthe nakuba engazimise­le ukudalula konke okuzovela kulolu hlelo, kodwa luzogxila kunobhutsh­uzwayo nangempilo jikelele. Uthe kuzovela nomqhudelw­ano wakhe azimisele ukuvundulu­la ngawo ithalente kuwona, ozohlangan­isa amaqembu adumile asemalokis­hini asegoli.

Ukhanye muva nje unokubonak­ala kwidiski TV, lapho ehlaziya khona unobhutshu­zwayo. Uke wabonakala elingisa nasemdlalw­eni kamabonaku­de ivula Vala. Mayelana nokulingis­a, uthe ubonga umandla N ngokubona ithalente kuyena nakuba yena wayengakaz­e azicabange elingisa.

Uthi kunefilimu ezokhonjis­wa kwinetflix azobonakal­a kuyona ayiqophe ngozibandl­ela (December).

Uveze nokuthi unengoma enesigqi samapiyano anayo esihloko sithi, Obrigado apike kuyona UDJ Muzi nombali. Lolu hlelo kulindelek­e ukuthi luqale ngontulika­zi (July) nonyaka. lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa