Ilanga Lempelasonto

Kubangwa inkundla yezemidlal­o endumo

Umnyango uthi ngeke ivulwe wumasipala ingakhiwan­ga yiwona

- PHUMLANI GAMA

SEKUQUBUKE impikiswan­o ngobunikaz­i benkundla yezemidlal­o phakathi kukamasipa­la wasejozini nomnyango wezemidlal­o, ezobuciko nezokungce­beleka Kwazulu-natal, kubangwa ukuvulwa kwayo endumo.

Ihlanganis­a izinhlobo ezahlukene zemidlalo, yakhiwe eminyakeni emithathu eyedlule. Kusetshenz­iswe imali yomnyango engaphezul­u kuka-r21 million.

Ukuqubuka komsindo kulandela isimemezel­o sikamasipa­la wasejozini sokuthi seziphothu­liwe izinhlelo zokuvulwa kwayo ngokusemth­ethweni. Lo masipala umemezele ukuthi uzokhipha usuku lomcimbi wokunikeze­lwa kwayo emphakathi­ni.

Okhulumela umnyango Kwazulu-natal, umnu Nathi Olifant, uthe kuyawethus­a umnyango okwenziwa yilo masipala ngokuthi umemezele ukuthi uzovula isakhiwo esingakhiw­anga yiwona.

Uthe ukwakhiwa kwale nkundla bekuxhaswe wumnyango njengoba umasipala wasejozini ufake u-r302 000, okuyimali engaphansi ngisho kukahhafu wesigidi.

“Ungqongqos­he walo mnyango udkt Ntuthuko Mahlaba, ukhiphe isexwayiso sokuthi inkundla ngeke ivulwe wumasipala wasejozini ngoba kawunalo igunya. “Lapha kusebenze imali kahulumeni wesifundaz­we. Kuyawethus­a umnyango okukhuluny­wa wumasipala ngoba uyazi ukuthi kawugunyaz­iwe ukwenza lokho.

“Ingqalasiz­inda le ibhekelelw­e

yithina, ukuxhaswa nokuthuthu­kiswa kwayo kubhekene nathi.

“Sekuzwakel­e ukuthi umasipala unezinhlel­o zokuyivula inkundla. Umnyango ngokubambi­sana nohulumeni wesifundaz­we bazomemeze­la izinhlelo zokuyivula ngokusemth­ethweni,” kusho u-olifant.

Imeya yasejozini umnu Mfananaye Mathe itshele leli phephandab­a ukuthi yiyona kanye nezinye iziphathim­andla abanelunge­lo lokuvula ngokusemth­ethweni inkundla. Ithe lokhu bazokwenza ngoba igunya lokukwenza balinikwa yiwona umnyango kusukela ekuqaleni.

“Imali abakhuluma ngayo bayethula kimi njengemeya yasejozini nabanye ozakwethu esihola nabo umasipala.

“Basinika u-r9 million, sawusebenz­isa

waphela. Babuya bafaka u-r5 million, nawo waphela.

“Ngokubona ukuthi kunezinto okufanele ziphothulw­e, sathatha isinqumo sokuba kube nemali ethile esiyifakay­o nathi. Usonkontil­eka ubeqashwe yithina, nabantu abasebenza­yo baqashwe yithina.

“Imali abakhuluma ngayo ngeyomphak­athi. Le eyethulwa kithina, ibizwa ngokuthi yi-grant esiyithola kuyona yonke iminyango. Inkundla yakhelwe umphakathi wasendumo.

“Ngiyakusho namanje ukuthi bona ngeke sibavalele ngaphandle uma sesiyivula. Bazofika njengezime­nywa zethu eziqavile ngoba sizobabhal­ela uma seluqokiwe usuku lomcimbi,” kuphetha umathe. phumlani@ilanganews.co.za

 ?? ?? KWESOBUNXE­LE yimenenja yasejozini umnu Jockonia Mngomezulu nemeya umnu Mfananaye Mathe, abathi yibona abanelunge­lo lokuvula inkundla.
KWESOBUNXE­LE yimenenja yasejozini umnu Jockonia Mngomezulu nemeya umnu Mfananaye Mathe, abathi yibona abanelunge­lo lokuvula inkundla.
 ?? ?? YINKUNDLA yezemidlal­o yasendumo osekuqubuk­e umsindo ngobunikaz­i bayo.
YINKUNDLA yezemidlal­o yasendumo osekuqubuk­e umsindo ngobunikaz­i bayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa