Kubangwa inkundla yezemidlalo endumo
Umnyango uthi ngeke ivulwe wumasipala ingakhiwanga yiwona
SEKUQUBUKE impikiswano ngobunikazi benkundla yezemidlalo phakathi kukamasipala wasejozini nomnyango wezemidlalo, ezobuciko nezokungcebeleka Kwazulu-natal, kubangwa ukuvulwa kwayo endumo.
Ihlanganisa izinhlobo ezahlukene zemidlalo, yakhiwe eminyakeni emithathu eyedlule. Kusetshenziswe imali yomnyango engaphezulu kuka-r21 million.
Ukuqubuka komsindo kulandela isimemezelo sikamasipala wasejozini sokuthi seziphothuliwe izinhlelo zokuvulwa kwayo ngokusemthethweni. Lo masipala umemezele ukuthi uzokhipha usuku lomcimbi wokunikezelwa kwayo emphakathini.
Okhulumela umnyango Kwazulu-natal, umnu Nathi Olifant, uthe kuyawethusa umnyango okwenziwa yilo masipala ngokuthi umemezele ukuthi uzovula isakhiwo esingakhiwanga yiwona.
Uthe ukwakhiwa kwale nkundla bekuxhaswe wumnyango njengoba umasipala wasejozini ufake u-r302 000, okuyimali engaphansi ngisho kukahhafu wesigidi.
“Ungqongqoshe walo mnyango udkt Ntuthuko Mahlaba, ukhiphe isexwayiso sokuthi inkundla ngeke ivulwe wumasipala wasejozini ngoba kawunalo igunya. “Lapha kusebenze imali kahulumeni wesifundazwe. Kuyawethusa umnyango okukhulunywa wumasipala ngoba uyazi ukuthi kawugunyaziwe ukwenza lokho.
“Ingqalasizinda le ibhekelelwe
yithina, ukuxhaswa nokuthuthukiswa kwayo kubhekene nathi.
“Sekuzwakele ukuthi umasipala unezinhlelo zokuyivula inkundla. Umnyango ngokubambisana nohulumeni wesifundazwe bazomemezela izinhlelo zokuyivula ngokusemthethweni,” kusho u-olifant.
Imeya yasejozini umnu Mfananaye Mathe itshele leli phephandaba ukuthi yiyona kanye nezinye iziphathimandla abanelungelo lokuvula ngokusemthethweni inkundla. Ithe lokhu bazokwenza ngoba igunya lokukwenza balinikwa yiwona umnyango kusukela ekuqaleni.
“Imali abakhuluma ngayo bayethula kimi njengemeya yasejozini nabanye ozakwethu esihola nabo umasipala.
“Basinika u-r9 million, sawusebenzisa
waphela. Babuya bafaka u-r5 million, nawo waphela.
“Ngokubona ukuthi kunezinto okufanele ziphothulwe, sathatha isinqumo sokuba kube nemali ethile esiyifakayo nathi. Usonkontileka ubeqashwe yithina, nabantu abasebenzayo baqashwe yithina.
“Imali abakhuluma ngayo ngeyomphakathi. Le eyethulwa kithina, ibizwa ngokuthi yi-grant esiyithola kuyona yonke iminyango. Inkundla yakhelwe umphakathi wasendumo.
“Ngiyakusho namanje ukuthi bona ngeke sibavalele ngaphandle uma sesiyivula. Bazofika njengezimenywa zethu eziqavile ngoba sizobabhalela uma seluqokiwe usuku lomcimbi,” kuphetha umathe. phumlani@ilanganews.co.za